“UJesu Wasikhombisa iNdlela,” Friend(Umngani), ngo-Agasti 2023, 4–5.
UMyalezo Wanyanga Zonke weFriend (Umngani) ngo-Agasti 2023
UJesu Wasikhombisa iNdlela
UJesu Kristu uyiNdodana kaBaba oseZulwini. Weza emhlabeni ukuze asikhombise ukuba singabuyela kanjani kuBaba waseZulwini ngelinye ilanga. UJesu wabhabhadiswa. Wafundisa ukuba kumele sibhabhadiswe nathi.
Wasifundisa ukuthi kumele siphile kanjani. Wathanda futhi wasiza wonke umuntu. Ufuna thina simulandele Yena.
UJesu wabuzwa bonke ubuhlungu bethu futhi wahlupheka ngenxa yezono zethu. Wasifela ke. Loku kubizwa ngeNhlawulo kaJesu Kristu. Wavuka kwabafileyo. Lokho kuqonde ukuthi Uyaphila namhlanje! Ngenxa kaJesu Kristu, nathi sizophila futhi emva kokufa.
UJesu wasenzela konke lokhu ngoba Esithanda. Ngenxa Yakhe, singaphila noBaba wethu oseZulwini kanye nemindeni yethu ngelinye ilanga.
Singamlandela uJesu ngokubhabhadiswa. Futhi singamlandela nsuku zonke lapho sithanda futhi sisiza abanye siphinde sigcine imiyalelo Yakhe.
© 2023 by Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa koMyalezo waNyanga Zonke weFriend(Umngani), ngo-Agasti 2023. Language. 19046 783