Friend (Umngani)
Thokozani kwiSipho soKhiye boBuphristi
NgoMeyi 2024


Umyalezo Wanyanga Zonke we Liyahona ngoMeyi 2024

Thokozani kwiSipho soKhiye boBuphristi

Okhiye bobuPhristi bulawula ukuthi ubuphristi bukaNkulunkulu bungasentshenziswa kanjani ukuletha izinhloso zeNkosi kanye nokubusisa bonke abemukela ivangeli elibuyisiwe.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, namhlanje usuku lomlando kuMongameli uDallin H. Oaks kanye nami. Sekuyiminyaka engama 40, ngomhlaka 7 Ephreli 1984, lapho sasekelwa khona kumGwamanda wabaPhostoli abaliShumi namBili. Sithokozile kuzo zonke izingqungquthela zebandla lonke kusuka kuleso sikhathi, kanye nayo le. Futhi sesiphinde sabusiseka ngukuthululwa koMoya. Ngiyathemba ukuthi nizoyifunda imiyalezo yengqungquthela ngokuphindelela kulezizinyanga ezilandelayo.

Isithombe
Part of a worldwide series of photographs taken in connection with General Conference. April 6 - 7, 2024. Pictures were taken in England.

i-United Kingdom

Ngesikhathi ngizalwa, kwakukhona amaThempeli ayisithupha asebenzayo eBandleni—ngalinye eSt. George, eLogan, eManti, kanye naseSalt Lake City, e-Utah: futhi naseCardston, e-Alberta, eCanada, kanye naseLaie, eHawaii. Phambilini amaThempeli amabili asebenza isikhathi esincane eKirtland, e-Ohio naseNauvoo, e-Illinois. Njengoba isiqu seBandla sasifudukela entshonalanga, abaNgcwele baphoqeleka ukuthi bashiye amakhaya abo ngemuva.

IThempeli laseNauvoo labhujiswa umlilo weziwengu. Labuya lakhiwa kabusha futhi lanikelwa eNkosini nguMongameli uGordon B. Hinckley IThempeli laseKirtland lacekelwa izitha zeBandla. Emva kwalokho iThempeli laseKirtland latholwa yiCommunity of Christ, eliphathe iminyaka eminingi.

Ngenyanga edlule samemezela ukuthi IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina selithenge iThempeli laseKirtland, kanye nezinye izindawo ezinomlando eNauvoo. Sibonga kakhulu ubuhle kanye nezigxoxo ezibenomthelela omuhle nabaholi beCommunity of Christ obuholele kulesisivumelwano.

Isithombe
iThempeli laseKirtland

IThempeli laseKirtland

IThempeli laseKirtland linokubaluleka okungajwayelekile ekubuyisweni kweVangeli likaJesu Kristu. Kunezigameko ezimbalwa ezenzeka kulendawo ezaphrofethelwa lezizinsuku futhi zazibalulekile ekubuyisweni kweBandla leNkosi ukuze kufezeke izinhloso zezinsuku zokugcina.

Okubaluleke kakhulu kulezizigameko kwenzeka ngeSonto lePhasika ngoMhlaka 13 ku-Ephreli 1836. Ngalelolanga, uJoseph Smith no-Oliver Cowdery bazibonela uchungechunge lwezimangaliso zokuvakashelwa. Okokuqala, kwavela iNkosi uJesu Kristu. UMphrofethi waqopha ukuthi uMsindisi “wayenamehlo ayefana nelangabi lomlilo; izinwele zekhanda lakhe zazimhlophe njengeqhwa elicwebileyo; ubuso bakhe babukhazimula ngaphezu kokukhanya kwelanga; futhi izwi lakhe lalinjenge nhlokomo yamanzi agijimayo.”

Ngesikhathi sokuvakashelwa, iNkosi yaqinisekisa ubuyena Bayo. Wathi, “Ngiyisiqalo nesiphetho; Nginguye ophilayo, Nginguye owabulawa; ngingummeli wenu kuBaba.“

UJesu Kristu wabeka ukuthi wayelamukele iThempeli njengendlu Yakhe futhi wenza isithembiso esimangalisayo: “Ngizozibonakalisa kubantu bami ngomusa kulendlu.”

Lesisithembiso esibalulekile singenelela kuwo wonke amathempeli anikelwe eNkosini namhlanje. Ngiyakumema ukuthi ucabange isithembiso seNkosi ukuthi sisho ukuthini kuwe.

Emva kokuvakashelwa uMsindisi, uMose wavela. uMose wanikezela kuJoseph Smith okhiye bokuqoqa u-Israyeli futhi nasekubuyiselweni kweZizwe eziyiShumi.

Ngalesikhathi kuvaleka lesibonakaliso “u-Eliyasi wavela, futhi wanikezela ngohlelo lesikhathi sevangeli lika-Abrahama kuJoseph.

Kwasekuvela uMphrofethi u-Eliya. Ukuvela kwakhe kwafeza isithembiso sikaMalaki sokuthi ngaphambi kokuBuya kwesiBili, iNkosi uzothumela u-Eliya ukuba “aphendulele izinhliziyo zoyise kubantwana, nezinhliziyo zabantwana koyise.” U-Eliya wanikezela izikhiye zamandla okubopha kuJoseph Smith.

Isithombe
Part of a worldwide series of photographs taken in connection with General Conference. April 6 - 7, 2024. Pictures were taken on Temple Square.

eTemple Square

Ukubaluleka kokubuyiswa emhlabeni kwalezi zikhiye yizithunywa ezintathu zasezulwini ngaphansi kwesandla seNkosi akukwazi ukugcizeleleka. Okhiye bobuPhristi buqukethe amandla negunya kobumongameli. Okhiye bobuPhristi balawula ukuthi ubuphristi bukaNkulunkulu busentshenziswa kanjani ukuletha izinhloso zeNkosi kanye nokubusisa bonke abamukela ivangeli likaJesu Kristu elibuyisiwe.

Kubalulekile ukunaka ukuthi phambi kokusungulwa kweBandla, izithunywa ezivela ezulwini zanikezela ngobuPhristi buka-Aroni nobukaMelkhizedeki ngaphezu komphrofethi uJoseph Smith futhi bamnika nokhiye bobuPhristi bobubili. LaboKhiye banikeza uJoseph Smith igunya lokuthi ahlele iBandla ngo 1830

Lokunikezelwa kwalaboKhiye abathathu, ngalesosikhathi eThempelini laseKirtland ngo 1836—okubalwa kukho, okhiye bokuqoqa u-Israyeli, okhiye bevangeli lika-Abraham kanye nokhiye bamandla okubopha kwakubalulekile. Labokhiye bagunyaza uJoseph Smith—kanye nabobonke oMongameli beBandla leNkosi abalandela—ukuba baqoqe u-Israyeli macala womabili esisitho, ukubusisa bonke abantwana besivumelwano ngesibusiso sika-Abrahama, ukubeka ngokulungile ubopho phezu kwezimiso zobuphristi kanye nezivumelwano, kanye nokubopha imindeni ingunaphakade. Amandla alobokhiye bobuphristi awapheli futhi ayamangalisa.

Cabanga ukuthi ngabe impilo yakho ihluke kanjani ukuba okhiye bobuPhristi abazange babuyiswele emhlabeni. Ngaphandle kokhiye bobuphristi, ubengeke wembathiswe ngamandla kaNkulunkulu. Ngaphandle kokhiye bobuphristi, iBandla belizosebenza njengenhlangano ebalulekile yokufundisa nokusiza abantu kuphela kodwa hhayi okungaphezu kwalokhu. Ngaphandle kokhiye bobuphristi, thina sonke besingeke sikwazi ukuthola ukubaluleka kwezimiso kanye nezivumelwano ezisibopha nezithandwa zethu ingunaphakade futhi sivumeleke ukuthi ekugcineni siphile noNkulunkulu.

Okhiye bobuPhristi yibo abahlukanisa IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina kwezinye izinhlangano emhlabeni. Izinhlangano eziningi ziyakwazi futhi ziyenza ukuthi impilo yakho ibengcono la emhlabeni. Kodwa-ke azikho izinhlangano ezingakwazi futhi zibe nomthelela empilweni yakho emva kwethuna.

Okhiye bobuPhristi basinika igunya lokuthi sidlulisele izibusiso zika-Abrahama kuwo wonke umuntu wesilisa nowesifazane ogcina izivumelwano. Imisebenzi yaseThempelini yenza lezizibusiso ezingaka zitholakale kubo bonke abantwana bakaNkulunkulu, noma ngabe yilaphi noma yisiphi isikhathi abaphile kuso noma abaphila kuso manje. Asithokozeni ukuthi okhiye bobuphristi buphinde babuyiselwa emhlabeni!

Isithombe
Part of a worldwide series of photographs taken in connection with General Conference. April 6 - 7, 2024. Pictures were taken in Kenya .

eKenya

Ngiyanimema ukuba nicabange ngokucophelela lezizitatimende ezilandelayo ezintathu:

  1. Ukuqoqwa kuka-Israyeli kuwubufakazi bothando lukaNkulunkulu kubantwana bakhe bonke kuzo zonke izindawo.

  2. Ivangeli lika-Abrahama liphinde libe ubufakazi bothando lukaNkulunkulu kubantwana Bakhe bonke kuzozonke izindawo. Usimemile sonke ukuba size Kuye—“omnyama nomhlophe, oboshiwe nokhululekile, owesilisa nowesifazane.”

  3. Amandla okubopha awubufakazi basezulwini bokuthi uNkulunkulu ubathanda kangakanani bonke abantwana Bakhe noma ilaphi futhi ufuna omunye nomunye wabo ukuthi akhethe ukubuyela ekhaya Kuye.

Okhiye bobuPhristi ababuyiselwe ngokusebenzisa uMphrofethi uJoseph Smith benza kwenzeke kuwowonke ogcina izivumelwano owesilisa noma owesifazane bajabulele isimanga umuntu angabakuso ngokomoya. Lapha futhi, kuningi esingakufunda ebugcweleni bomlando weThempeli laseKirtland.

Umthandazo kaJoseph Smith wokunikela eNkosini iThempeli laseKirtland uyisifundo ngokuthi ithempeli linika mina nawe kanjani amandla kamoya ukuze simelane nezingqinamba zempilo kulezi zinsuku zokugcina. Ngiyakukhuthaza ukuthi ufunde lomthandazo, oqoshelwe kwiMfundiso neziVumelwano 109. Lomthandazo wokunikela eNkosini owatholakala ngesambulo, ufundisa ukuthi ithempeli “liyindlu yokukhuleka, indlu yokuzila ukudla, indlu yokholo, indlu yokufundela, indlu yenkazimulo, indlu ehlelekile, indlu kaNkulunkulu.“

Loluhla lwezincomo lungaphezu kwencazelo yethempeli. Luyisithembiso sokuthi kungenzekani kulabo abasebenza futhi nalaba abakhonza endlini yeNkosi. Bangakwazi ukulindela ukuthola izimpendulo zemithandazo, isambulo somuntu siqu, ukholo olukhulu, amandla, induduzo, nokunezezelwa ulwazi, namandla anyusiwe.

Ukuchitha isikhathi eThempelini kungakusiza ukuthi ucabange iselestiyali nokuthi ubambe umbono wokuthi kahle hle wena ungubani, ungaba ubani, futhi nohlobo lwempilo ongabanayo ingunaphakade. Ukukhonza njalo ethempelini kungathuthukisa indlela ozibuka ngayo nokuthi ungena kanjani kwisu elikhulu likaNkulunkulu. Ngiyakuthembisa lokhu

Siphinde sithenjiswe ukuthi ethempelini singathola “uMoya oNgcwele ngokuphelele” Cabanga nje ukuthi lesi sithembiso sisho ukuthini ukuba amazulu ayavuleka kuwowonke ofuna ngobuqhotho iqiniso laphakade.

Siyayalwa ukuthi bonke laba abakhonza ethempelini bazoba namandla kaNkulunkulu futhi nezingelosi ziyoba phezu kwabo.” Kukuphakamisa kangakanani ukuzithemba kwakho ukwazi ukuthi njengomuntu wesimame nowesibili unikeziwe wahlonyiswa ngamandla kaNkulunkulu, asikho isidingo sokubhekana nempilo wedwa? Kukukhuthaza kangakanani ukwazi ukuthi izingelosi ziyokusiza ngempela?

Ekugcineni, siyathenjiswa ukuthi “ayikho inkohlakalo eyokuhlanganyela“ iphumelele ngaphezu kwalabo abakhonza endlini kaNkulunkulu.

Isithombe
Part of a worldwide series of photographs taken in connection with General Conference. April 6 - 7, 2024. Pictures were taken in Ecuador.

e-Ecuador

Ukuqonda amathuba kamoya enzeka kalula ethempelini kubalulekile kuthina sonke namhlanje.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, nasi isithembiso sami. Akukho okuyokusiza kakhulu ukuthi ubambelele kwinduku yensimbi njengokukhonza ethempelini ngokujwayelekile uma isimo sivuma. Akukho okuyokuvikela kakhulu uma usubhekene nenkungu yobumnyama bezwe. Akukho okuyoqinisa ubufakazi bakho beNkosi uJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe noma kukusize uqonde isu elikhulu likaNkulunkulukakhulu. Akukho okuyothulisa umoya wakho kakhulu ngesikhathi sobuhlungu. Akukho okuyovula amazulu kakhulu. Akukho!

Ithempeli liyi sango lezibusiso ezinkulu uNkulunkulu asibekele lona, ngokuba ithempeli iyona ndawo kuphela lapha emhlabeni lapho singathola zonke izibusiso esithenjiswe u-Abrahama. Yingakho senza konke okusemandleni ethu, ngaphansi kwesandla seNkosi, ukwenza ukuthi izibusiso zethempeli zitholakale kuwo wonke amalunga eBandla. Yingakho, sijabula ukumemezela izinhlelo zethu zokwakha amathempeli kulezindawo ezi 15 ezililandelayo.

  • e-Uturoa, eFrench Polynesia

  • eChihauhau, eMexico

  • eFlorianopolis, eBrazil

  • eRosario, e-Argentina

  • e-Edinburgh, eScotland

  • eBrisbane, e-Australia south area

  • eVictoria, eBritish Columbia

  • eYuma, e-Arizona

  • eHouston, eTexas south area

  • eDes Moines, e-Iowa

  • eCincinnati, e-Ohio

  • eHonolulu, eHawaii

  • eWest Jordan, e-Utah

  • eLehi, e-Utah

  • eMaracaibo, eVenezuela

Bafowethu nodadebethu abathandekayo, ngiyafakaza ukuthi leli yiBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Nguye inhloko yaleliBanda. Singabafundi Bakhe.

Asijabule ekubuyisweni kokhiye bobuPhristi, abenze kubelula kumina nakuwe ukuthi sithokozele sonke isibusiso sikamoya esizimisele futhi esisilungele ukuthi sisamukele. Ngiyafakaza ngalokho egameni elingcwele likaJesu Kristu, amen.

Shicilela