Friend (Umngani)
UNkulunkulu Ukhulula U-Alima kanye no-Amuleki
NgoJuni 2024


“UNkulunkulu Ukhulula U-Alima kanye no-Amuleki,” Friend (Umngani), ngoJuni 2024, 26–27.

Umyalezo Wanyanga Zonke we Friend (Umngani) ngoJuni 2024

UNkulunkulu Ukhulula U-Alima kanye no-Amuleki

Isithombe
U-Alima kanye no-Amuleki beshumayela.

Imifanekiso ngu-Andrew Bosley

U-Alima kanye no-Amuleki bahamba baya edolobheni elalibizwa ngokuthi i-Amoniha. Bafundisa abantu ngoJesu Kristu. Kodwa abantu babethukuthele ngalokho ababekufundisa. Bafaka u-Alima kanye no-Amuleki ejele.

Isithombe
U-Alima kanye no-Amuleki beboshiwe ejele

Abantu balimaza u-Alima kanye no-Amuleki. Babesejele izinsuku ezininigi.

Isithombe
Izindonga zejele ziwela phansi eduze kuka-Alima kanye no-Amuleki

U-Alima kanye no-Amuleki bakhuleka futhi bacela amandla. Babenokholo kuNkulunkulu. Wabanikeza amandla ukuze bakwazi ukugqashula izintambo ababeboshwe ngazo ezihlakalweni zabo.

Isithombe
U-Alima kanye no-Amuleki sebengaboshwanga ngezintambo bemile emfucumfuceni

Bese umhlaba wazamazama. Izindonga zejele zawela phansi! UNkulunkulu wasiza wakhulula U-Alima kanye no-Amuleki. Bashiya i-Amoniha ukuyofundisa abanye abantu ngoJesu Kristu.

Ikhasi Lokufaka Imibala

Ngiyazi uJesu Uyangithanda

Isithombe
Izingane ezimbili zizungezwe imvelo, imibhalo engcwele, kanye nethempeli

Umfanekiso ngu-Adam Koford

Yiziphi izinto ezikukhumbuza ngothando lukaJesu Kristu?

Shicilela