Ngo-2021
Ngabe Usenzeleni uMsindisi Wethu na?
NgoMeyi 2021


“Ngabe Usenzeleni uMsindisi Wethu na?,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoMeyi 2021.

Ingxenye YobuPhristi yoMhlangano Omkhulu

Ngabe Usenzeleni uMsindisi Wethu na?

Izingcaphuno

Isithombe
Ithuna likaKristu elingenalutho

Ngabe uJesu Kristu usenzeleni munye ngamunye na? Usenzele konke okusemqoka ohambweni lwethu empilweni yasemhlabeni oluya kulokho esidalelwe kona njengoba kuchaziwe kwisu likaBaba wethu oseZulwini. Ngizokhuluma ngezimpawu ezine ezinkulu zalolosu. …

Ukuvuka Kwabafileyo kusinika ukubuka izinto ngokuma kwazo kanye namandla okuba sikwazi ukubekezelela ubunzima basemhlabeni esibhekana nabo ngamunye ngokunjalo nalabo esibathandayo. Lusinika indlela entsha yokubuka ukukhubazeka ngokwenyama, ngokwengqondo, noma ngokomoya ekuzalweni kwethu noma esikuthola ngesikhathi sisaphila emhlabeni. Lusinika amandla okuba sikwazi ukubekezelela ukudabuka, ukwehluleka, kanye nokukhungatheka.

UKuvuka Kwabafileyo kuphinde kusinike umdlandla onamandla wokuba sigcine imiyalelo kaNkulunkulu ngesikhathi sisaphila emhlabeni. …

UMsindisi noMkhululi wethu wabekezelela ukuzwa ubuhlungu obungenakuqondwa ukuze abe ngumhlatshelo wezono zabo bonke abayophenduka. Lomhlatshelo ohlawulayo wasinika ubuhle obukhulu, imvana ecwebileyo engenasici, ukuze ibhekane nobubi obukhulu obedlula bonke, izono zomhlaba wonke. …

… uJesu wasifundisa isu lensindiso. Loluhlelo kubalwa kulo iNdalo, inhloso yempilo, isidingo sokuphikiswa, kanye nesipho sokuzikhethela. Wabuye wasifundisa ngemiyalelo nezivumelwano okufanele sizihloniphe ngokunjalo nezimiso okufanele sedlule kuzo ezizosibuyisela emuva kubazali bethu basezulwini. …

UMsindisi wethu uyazizwa futhi uyazazi izilingo zethu, ukuzabalaza kwethu, ubuhlungu bezinhliziyo zethu, ngokunjalo nobuhlungu esibuzwayo, ngoba wedlula kukho konke lokho ngokuthanda Kwakhe njengengxenye yeNhlawulo Yakhe. Bonke abezwa ubuhlungu bazo zonke izinhlobo zobuthakathaka bempilo yasemhlabeni kufanele bakhumbule ukuthi uMsindisi wethu naye wabuzwa lobo buhlungu, nokuthi ngeNhlawulo Yakhe, Usinika ngamunye amandla okuba sikwazi ukubuthwala.

Shicilela