Ngo-2021
Ukuthola Amandla Okuxolela
ngoJuni 2021


“Ukuthola Amandla Okuxolela,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoJuni 2021, 10–11.

Wozani, Ngilandeleni

Ukuthola Amandla Okuxolela

INkosi isiyale ukuba sibaxolele abanye. Izosisiza ukugcina imiyalelo Yayo, okubalwa kuyo nawo lona.

IMfundiso neziVumelwano 64:10

Isithombe
owesifazane ebheke umuntu omnikeza isandla sakhe

Umfanekiso wenziwe nguJames Madsen

Ngabe kuyenzeka ukuthi eminye imiyalelo ibonakale inzima ukuyigcina kuneminye na?

Nawu owodwa owesabisa abantu abaningi: “Mina, iNkosi, ngizomthethelela lowo engizomthethelela, kodwa kini kudingeke nithethelele wonke umuntu” (IMfundiso neziVumelwano 64:10).

Yima. Ngabe kufanele sixolele wonke umuntu osenze okubi na? Ngabe ingenzeka yini ngisho into enjalo na?!

Kungokunye ukuxolela umuntu okhulume ukwedelela kuwe noma othathe isinkwa sokugcina etafuleni lokudla. Kodwa kuthiwani ngamanxeba amakhulu na? Lawo macala angaphazamisa noma aguqule izimpilo zethu na?

Ngezinye izikhathi ukuxolela umuntu osone kabuhlungu kubonakala sengathi kungaphezu kwamandla ethu.

Nazi izindaba ezimnandi: Ngosizo lukaJesu Kristu, akukho esingeke sakwazi ukuzenzela kona.

Usizo Ayeludinga

UmKristu ozinikele wase Netherlands uCorrie ten Boom wazizwela ngokwakhe amandla okucela iNkosi imsize axolele omunye umuntu.

Yena nodadewabo uBetsy babeboshiwe enkanjini yokuhlushwa ngezikhathi zeMpi yomHlaba yesiBili. UCorrie nabanye babekezelela ukuhlukunyezwa okubi ngonogada bejele abangamaNazi. Udadewabo uBetsy waze washona ngenxa yalokhu kuhlukumezeka. UCorrie wasinda.

Emva kwalempi, uCorrie wathola amandla alaphayo okuxolela abanye. Wayevame ukuxoxela abanye uma kuphakathi kwabantu. Kodwa ngosuku thizeni amazwi akhe athola ukuvivinywa kokugcina.

Emva kwenkulumo yakhe kubantu, kwasondela kuye unogada owayenesihluku kakhulu wasezinkanjini.

Watshela uCorrie ukuthi wayesaba ngumKristu selokhu kwaphela impi futhi nokuthi wayesaphenduka kuzo zonke izinto ayezenzile esengunogada wejele.

Welulela isandla sakhe kuye wathi, “Ungangixolela?”

Yize ayesefundile futhi wazi okuningi ngokuxolela abanye, uCorrie akakwazanga ukwemukela isandla salendoda ukuba ayixolele—hhayi ngamandla akhe kuphela.

Kamuva wabhala ukuthi, “Ngisho ngangiphethwe yimicabango yentukuthelo, neyokuziphindiselela, ngazibona izono zabo. … Nkosi Jesu, kwasho mina ngikhuleka, ungixolele futhi ungisize ngimxolele.

“Ngazama ukumoyizela, [futhi] ngazama ukuphakamisa isandla sami. Ngehluleka. Angizwanga lutho, ngisho nokuncane ukufudumala noma isihe. Ngakho-ke ngaphinda ngakhuleka futhi enhliziyweni. Jesu, angikwazi ukumxolela. Ngiphe ukuxolela Kwakho.

“Ngesikhathi ngibamba isandla sakhe kwenzeka into emangalisayo. Kusukela ehlombeni lami kwehlela engalweni nasesandleni sami kwaba sengathi kudlula ugesi ophuma kimi oya kuye, kwathi enhliziyweni yami kwavuka uthando lwalendoda engangingayazi olwangenza ngazizwa ngiphelelwa ngamandla.

“Ngakho-ke ngathola ukuthi singeke selapheka kulomhlaba ngenxa yokulunga kwethu noma ngenxa yokuxolelana kwethu, kodwa singelapheka ngenxa Yakhe. Uma Esiyala ukuthi sithande izitha zethu, usinika lowo myalelo ngokunjalo nalolo thando uqobo.”1

UNkulunkulu ukhona ukusisiza ukuba sigcine imiyalelo Yakhe, okubalwa kuyo nomyalelo wokuxolela—ngisho kunzima. Angakusiza njengoba asiza uCorrie ten Boon.

Ukwelashwa Okukufanele

Impilo inokuphicayo. Igcwele inxushunxushu. Futhi igcwele abantu abanelungelo lokuzikhethela izenzo zabo abaliphiwa nguNkulunkulu .

Ngalezo zikathi lapho umuntu ekhetha ukwenza into ekuzwisa ubuhlungu obukhulu—noma ekwenza ngephutha—ungathola amandla okulapheka ngesikhathi ukhulekela usizo futhi uzama ukuxola.

Ukuxolela abanye kuyawelapha umphefumulo wakho. Ngosizo lukaNkulunkulu, ngesikhathi uxolela umuntu okonile, uzethula umthwalo osindayo emahlombe futhi okuvimbayo ukuba uye phambili. Noma indlela yokwelapheka ibukeka inzima, uma unoNkulunkulu, awusoze wahamba wedwa.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. nguCorrie ten Boom, The Hiding Place (1971), 215.

  2. Jeffrey R. Holland, Oct. 2018 general conference (Ensign or Liahona, Nov. 2018, 79.)

Shicilela