Ngo-2022
Amandla Omfutho ongokoMoya
NgoMeyi 2022


UMyalezo Wanyanga Zonke we Liyahona yangoMeyi 2022

Amandla Omfutho ongokoMoya

Ngithanda ukuphakamisa izenzo ezinhlanu esingazenza ukusisiza silondoloze umfutho omuhle ongokomoya.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, ngiyanithanda. Ngiyalijabulela leli thuba lokukhuluma nani namuhla. Ngikhuleka nsuku zonke ukuthi nivikeleke ekuhlaselweni okunonya kwesitha futhi nibe namandla okuphokophelela phambili kunoma yiziphi izinselelo enibhekene nazo.

Ezinye izivivinyo ziyimithwalo yangasese ejulile enganakubonwa muntu. Ezinye zenzeka kubuka wonke umuntu. Ingxabano yezikhali eseYurobhu esempumalanga ingenye yalezi zinselelo. Ngike ngaya e-Ukraine naseRashiya izikhathi eziningi. Ngiyawathanda lawo mazwe, abantu bakhona, nezilimi zabo. Ngiyakhala futhi ngikhulekela bonke abathintekayo kulolu dweshu. Njengebandla senza konke esingakwenza ukuze sisize labo abezwa ubuhlungu nabazabalazela ukusinda. Simema wonke umuntu ukuthi aqhubeke nokuzila ukudla futhi akhulekele bonke abantu abalinyazwa yile nhlekelele. Noma iyiphi impi yephula ngokusabisayo konke iNkosi uJesu Kristu akumelayo nakufundisayo.

Akekho kithi ongalawula izizwe noma izenzo zabanye noma ngisho amalungu emindeni yethu uqobo. Kodwa singakwazi ukuzilawula thina. Ubizo lwami namuhla, bafowethu nodadewethu abathandekayo, ukuqeda izingxabano ezidlangile enhliziyweni zenu, emakhaya enu, kanye nasezimpilweni zenu. Susani noma yiliphi ihuha lokulimaza abanye—kungakhathaliseki ukuthi lelo huha wulaka, ulimi olubukhali, noma ukucasukela othile okuphathe kabi. UMsindisi wasiyala ukuba siphendule esinye isihlathi,1 sithande izitha zethu, nokuba sibakhulekele labo abasizingelayo.2

Kungaba nzima kakhulu ukuyeka intukuthelo kulowo onemizwa yokuthi ufanelwe wukuthukuthela. Kungase kubonakale kungenakwenzeka ukuthethelela labo izenzo zabo ezilimazayo ezilimaze abangenacala. Nokho, uMsindisi wasiyala ukuba “sithethelele wonke umuntu.”3

Singabalandeli beNkosi yokuThula. Kakhulukazi manje kunaphambilini, sidinga ukuthula okungalethwa Nguye kuphela. Singalindela kanjani ukuba kube khona ukuthula emhlabeni kuyilapho thina ngabanye singakufuni ukuthula nokuzwana na? Bafowethu nodadewethu, ngiyazi ukuthi engikuphakamisayo akulula. Kodwa abalandeli baJesu Kristu kufanele babeke isibonelo ukuze umhlaba wonke usilandele. Ngiyaninxusa ukuba nenze konke eningakwenza ukuqeda ukungqubuzana komuntu siqu okugcwele ezinhliziyweni zenu kanye nasezimpilweni zenu.

Mangisigcizelele lesi simemo sokuba nikwenze lokho ngokuxoxa ngomqondo engikhunjuzwe ngawo kamuva nje ngenkathi ngibuka umdlalo we-basketball.

Kulowo mdlalo isiwombe sokuqala bekuyimpi yamasaha, emuva naphambili. Kwathi sekusele imizuzwana emihlanu yokugcina yesiwombe sokuqala, unogada welinye lamaqembu wakora ishodi elihle lamaphuzu amathathu. Sekusele umzuzwana owodwa kuphela, uzakwabo weba ibhola ebelidluliswa ngaphakathi futhi wakora elinye ishodi sekuzophela isiwombe sokuqala! Ngakho-ke lelo qembu laya ekhefini lingaphambili ngamaphuzu amane linanomfutho obonakalayo. Bakwazi ukuwugcina lowo mfutho esiwombeni sesibili futhi bawunqoba umdlalo.

Umfutho umqondo onamandla. Sonke sike sawuzwa ngandlela thize—isibonelo, emotweni ekhulisa isivinini noma lapho kukhona ukungezwani okuvele kuphenduke ingxabano.

Ngakho-ke ngiyabuza, yini engokhela umfutho ongokomoyana? Sizibonile izibonelo zomfutho omuhle nomubi. Siyabazi abalandeli baJesu Kristu abaguquka futhi bakhula okholweni lwabo. Kodwa siyazi futhi ngamakholwa ake azinikela abuye ahlubuka. Umfutho ungaya noma ngakuphi.

Isithombe
intombazane

Asikaze siwudinge umfutho ongokomoya omuhle ngendlela esiwudinga ngayo manje, ukuze simelane nejubane lobubi nezimpawu zobumnyama zezikhathi esiphila kuzo. Umfutho omuhle ongokomoya uzosigcina siqhubekela phambili phakathi kokwesaba nokungabaza okudalwa yizifo zobhubhane, izinkanyamba, ukuqhuma kwezintaba-mlilo, nokulwa ngezikhali. Umfutho ongokomoya ungasisiza ukuba simelane nokuhlaselwa okungapheli okubi kwesitha futhi uvimbe imizamo yaso yokucekela phansi isisekelo sethu esingokomoya.

Ziningi izenzo ezingokhela umfutho omuhle ongokomoya. Ukulalela, uthando, ukuzithoba, ukusiza abanye, kanye nokubonga4 ukubala ezimbalwa.

Namhlanje ngithanda ukuphakamisa izenzo ezinhlanu esingazenza ukusisiza silondoloze umfutho omuhle ongokomoya.

Okokuqala: Ngena endleleni yesivumelwano futhi uhlale lapho.

Esikhathini esingeside esedlule, ngaba nephupho elicacile lapho ngahlangana khona neqembu elikhulu labantu. Bangibuza imibuzo eminingi, eyayivame kakhulu yayimayelana nendlela yesivumelwano nokuthi kungani ibaluleke kangaka.

Ephusheni lami, ngachaza ukuthi singena endleleni yesivumelwano ngokubhabhadiswa futhi senze isivumelwano sethu sokuqala noNkulunkulu.5 Ngaso sonke isikhathi lapho sithatha isidlo esingcwele, siyethembisa futhi ukuthi sizobizwa ngegama likaMsindisi, simkhumbule, futhi sigcine imiyalelo Yakhe.6 Uma esephendula, uNkulunkulu uyasiqinisekisa ukuthi sizohlezi njalo sinoMoya weNkosi ukuba ube nathi.

Kamuva senza ezinye izivumelwano ethempelini, lapho sithola khona ngisho ezinkulu kakhulu izethembiso. Izimiso kanye nezivumelwano zisinika ukufinyelela emandleni kaNkulunkulu. Indlela yesivumelwano iyona kuphela indlela eholela ekuphakanyisweni nasekuphileni kwaphakade.

Ephusheni lami, owesifazane wabe esebuza ukuthi umuntu ophule izivumelwano zakhe angabuyela kanjani kuleyo ndlela. Impendulo yami kulowo mbuzo wakhe iholela esiphakamisweni sami sesibili:

Thola injabulo yokuphenduka kwansuku zonke.

Ngabe kubaluleke kangakanani ukuphenduka na? U-Alima wafundisa ukuthi “singashumayeli lutho ngaphandle kokuphenduka kanye nokholo eNkosini.”7 Ukuphenduka kuyadingeka kuwo wonke umuntu okufanele aziphendulele ofisa inkazimulo yaphakade.8 Akukho okwehlukile kulokhu. Esambulweni kumProfethi uJoseph Smith, iNkosi yabasola abaholi beBandla bakuqala ngokungalifundisi ivangeli kubantwana babo.9 Ukuphenduka kuyisihluthulelo senqubekela phambili. Ukukholwa okumsulwa kusigcina siqhubekela phambili endleleni yesivumelwano.

Ngiyakunxusa ungakwesabi noma wephuze ukuphenduka. USathane uyalujabulela usizi lwakho. Lunqamule. Lahla ithonya lakhe ulikhiphe empilweni yakho! Qala namuhla ukuzwa injabulo yokumlahla umuntu wemvelo.10 UMsindisi uyasithanda njalo kodwa ikakhulukazi uma siphenduka. Wathembisa ukuthi “izintaba zingamuka, namagquma angasuswa … umusa wami awuyikumuka kuwe.”11

Uma uzwa sengathi uchezuke kakhulu endleleni yesivumelwano noma isikhathi eside kakhulu futhi awunayo indlela yokubuya, lokho akulona iqiniso.12 Ngiyakunxusa uthinte umbhishobhi wakho noma umongameli wegatsha. Ungumsebenzeli weNkosi futhi uzokusiza uthole injabulo kanye nempumulo yokuphenduka.

Manje, isexwayiso: Ukubuyela endleleni yesivumelwano akusho ukuthi impilo izoba lula. Le ndlela ilukhuni futhi ngezinye izikhathi izozwakala njengomqansa.13 Lokhu kukhuphuka, nokho, kwenzelwe ukusivivinya nokusifundisa, ukucwenga imvelo yethu, nokusisiza ukuba sibe ngabangcwele. Iyona kuphela indlela eholela ekuphakanyisweni. Omunye umprofethi14 wachaza “isimo esibusisiwe nesokujabula salabo abagcina imiyalelo kaNkulunkulu. Ngokuba bhekani, babusisiwe kuzo zonke izinto, ezesikhashana kanye nezikamoya; futhi uma bebambelele ekwethembekeni kuze kube sekugcineni bemukelwa ezulwini … [futhi] ngalokho bahlale noNkulunkulu esimweni sokuthokoza okungenakuphela.”15

Ukuhamba endleleni yesivumelwano, kuhambisana nokuphenduka kwansuku zonke, kukhulisa umfutho womoya omuhle.

Isithombe
owesifazane ebuka ingqungquthela

e-Uruguay

Isiphakamiso sami sesithathu: Funda ngoNkulunkulu nangendlela Asebenza ngayo.

Enye yezinselelo zethu ezinkulu namuhla ukuhlukanisa phakathi kwamaqiniso kaNkulunkulu nezinto eziyinkohliso zikaSathane. Yingakho iNkosi yasexwayisa ukuba “sikhulek[e] njalo, … ukuze [si]mnqobe uSathane, futhi … ukuze [si]phunyule ezandleni zezinceku zikaSathane ezisekela umsebenzi wakhe.”16

UMose wanikeza isibonelo sendlela yokwahlukanisa phakathi kukaNkulunkulu noSathane. Lapho uSathane efika elinga uMose, wayibona inkohliso ngoba wayesanda kuhlangana noNkulunkulu ubuso nobuso. Ngokushesha uMose wabona ukuthi uSathane wayengubani futhi wamyala ukuba ahambe.17 Lapho uSathane ephikelela, uMose wayeyazi indlela yokucela olunye usizo kuNkulunkulu. UMose wathola amandla kaNkulunkulu waphinda, wamthethisa wathi, “Suka kimi, Sathane, ngokuba yiloNkulunkulu yedwa engizomkhonza.”18

Kufanele sisilandele leso sibonelo. Lahla ithonya likaSatane ulikhiphe empilweni yakho! Ngiyakunxusa ungamlandeli wehlele “emhosheni wokuhlupheka kanye nasosizini olungapheliyo.”19

Ngejubane elesabekayo, ubufakazi obungondliwa nsuku zonke “ngezwi elihle likaNkulunkulu”20 bungashabalala. Ngakho-ke, indlela yokubhekana neqhinga likaSathane icacile: sidinga ukuzizwela nokuzibonela nsuku zonke sikhonza iNkosi futhi sifunda nevangeli Layo. Ngiyakunxusa ukuba uvumele uNkulunkulu avame empilweni yakho. Munikeze isikhathi sakho esanele. Ngesikhathi wenza njalo, qaphela ukuthi kwenzekani ngomfutho wakho omuhle wangokomoya.

Isiphakamiso sesine: Funa futhi ulindele izimangaliso.

UMoroni wasiqinisekisa ngokuthi “uNkulunkulu akakayeki ukuthi abe nguNkulunkulu wezimangaliso.”21 Yonke incwadi yombhalo ongcwele ikhombisa ukuthi iNkosi izimisele kangakanani ukungenelela ezimpilweni zalabo abakholelwa Kuyo.22 Wahlukanisela uMose uLwandle oluBomvu, wasiza uNefi ukuthi abuyise izingcwephe zethusi, futhi wabuyisela iBandla Lakhe ngomProfethi uJoseph Smith. Ngasinye salezi zimangaliso sathatha isikhathi futhi kungenzeka ukuthi akuzange kube yilokho labo bantu ababekucelile ekuqaleni eNkosini.

Ngendlela efanayo, iNkosi izokubusisa ngezimangaliso uma ukholelwa Kuyo, “ungangabazi lutho.”23 Yenza umsebenzi wangokomoya wokufuna izimangaliso. Ngomkhuleko cela uNkulunkulu ukuba akusize usebenzise lolo hlobo lokholo. Ngiyakwethembisa ukuthi ungazizwela wena uqobo ukuthi uJesu Kristu “upha oyethileyo amandla; nakongenamandla uyandisa izikhwepha.24 Zimbalwa izinto ezizowugijimisa ngokushesha umfutho wakho wangokomoya ngaphezu kokubona ukuthi iNkosi iyakusiza ukuba ususe intaba empilweni yakho.

Isithombe
umndeni ubuka ingqungquthela

eTaiwan

Isiphakamiso sesihlanu: Qeda ukungqubuzana empilweni yakho uqobo.

Ngiyasiphinda futhi isimemo sami sokuqeda ukungqubuzana empilweni yakho. Sebenzisa ukuthobeka, isibindi, namandla adingekayo ukuze uthethelele futhi ufune intethelelo. UMsindisi wethembisile ukuthi “uma [thina] sibathethelela abantu iziphambeko zabo, uBaba [wethu] osezulwini naye uzosithethelela.”25

Emasontweni amabili kusukela namuhla sigubha iPhasika. Phakathi kwamanje nangaleso sikhathi, ngiyakumema ukuthi ufune ukuqeda ukungqubuzana empilweni yakho uqobo osekukuthwalise kanzima. Ngabe singaba khona yini isenzo esifaneleka kakhulu sokubonga kuJesu Kristu ngeNhlawulo Yakhe na? Uma ukuthethelela kubonakala kungenakwenzeka njengamanje, cela amandla ngegazi likaJesu Kristu elihlawulelayo ukuze usizakale. Ngesikhathi wenza njalo, ngethembisa ukuthula empilweni yakho uqobo kanye nokukhula ngokushesha komfutho wangokomoya.

Ngenkathi uMsindisi ehlawulela sonke isintu, wavula indlela yokuthi labo abamlandelayo bakwazi ukufinyelela emandleni Akhe okuphilisa, okuqinisa, nawokuhlenga. Lamalungelo angokomoya atholakala kubo bonke abafuna ukumuzwa futhi bamlandele.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, ngakho konke ukunxusa kwenhliziyo yami, ngiyaninxusa ukuba ningene endleleni yesivumelwano futhi nihlale lapho. Tholani injabulo yokuphenduka kwansuku zonke. Fundani ngoNkulunkulu nangendlela Asebenza ngayo. Funani futhi nilindele izimangaliso. Lwelani ukuqeda ukungqubuzana ezimpilweni zenu.

Ngesikhathi nizenza lezi zinto, nginethembisa amandla okuqhubekela phambili endleleni yesivumelwano ngomfutho owengeziwe, nakuba kukhona izinqinamba enibhekana nazo. Futhi nginethembisa amandla amakhulu okumelana nesilingo, ukuthula kwengqondo okwengeziwe, ukungabi nakho ukwesaba, kanye nobunye obukhulu emindenini yenu.

UNkulunkulu uyaphila! UJesu unguKristu! Uyaphila! Uyasithanda futhi uzosisiza. Ngiyafakaza ngalokho egameni elingcwele loMsindisi, uJesu Kristu, amen.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Bheka ku 3 Nefi 12:39.

  2. Bheka ku 3 Nefi 12:44.

  3. IMfundiso neziVumelwano 64:10; bheka futhi ivesi 9.

  4. Njengoba umphostoli uPawulu asho wathi, “kukho konke bongani” (I KwabaseThesalonika 5:18). Enye yezindlela eziyisiqiniseko zokuqeda ukuphelelwa yithemba, ukudumazeka, nokukhathala ngokomoya ukubonga. Ngabe yiziphi ezinye zezinto esingabonga ngazo kuNkulunkulu na? Mbonge ngobuhle bomhlaba, ngokuBuyiselwa kwevangeli, kanye nangezindlela ezingenakubalwa Yena kanye neNdodana Yakhe abenza ukuthi amandla Abo atholakale kithi lapha kulo mhlaba. Mbonge ngemibhalo engcwele, ngezingelosi eziphendula ukunxusa kwethu kuNkulunkulu ukuthi asisize, ngesambulo, kanye nangemindeni yaphakade. Futhi ngaphezu kwakho konke, bonga uNkulunkulu ngesipho seNdodana Yakhe kanye nangeNhlawulo kaJesu Kristu, eyenza sikwazi ukufeza izinjongo esithunyelwe zona emhlabeni.

  5. Ukuqonda indlela yesivumelwano, kubalulekile ukuqonda ukuthi isivumelwano sibandakanya ukuzibophezela okubili phakathi kukaNkulunkulu nomunye wabantwana Bakhe. Esivumelwaneni, uNkulunkulu ubeka imibandlela, bese thina sivumelana naleyo mibandela. Ngenxa yokuvumelana kwethu, uNkulunkulu wenza izethembiso kithi. Izivumelwano eziningi zihambisana nezimpawu zangaphandle—noma izimiso ezingcwele—lapho sihlanganyela khona nofakazi abakhona. Isibonelo, umbhabhadiso uwuphawu eNkosini lokuthi umuntu obhabhadiswayo wenze isivumelwano sokugcina imiyalelo kaNkulunkulu.

  6. Bheka uMoroni 4:3; 5:2; IMfundiso neziVumelwano 20:77, 79.

  7. uMosiya 18:20.

  8. Bheka uMose 6:50, 57.

  9. Bheka IMfundiso neziVumelwano 93:40–48.

  10. Bheka uMosiya 3:19.

  11. u-Isaya 54:10, kwengezwe ukugcizelela; bheka futhi ku 3 Nefi 22:10. Umusa uhunyushwe egameni lesiHeberu elithi hesed, igama elinamandla elinencazelo ejulile ehlanganisa umusa, isihe, uthando lwesivumelwano, nokunye.

  12. Kuyenzeka kube khona imbuyiselo ngezinye izono kodwa hhayi ngezinye. Uma umuntu ehlukumeza noma eshaya omunye, noma uma umuntu ethatha impilo yomunye, imbuyiselo ephelele ngeke yenziwe. Umoni kulezo zimo angazama ukwenza okuningi, bese kusala okukhulu akukweletayo. Ngenxa yokuthanda kweNkosi ukuthethelela okusele okukweletwayo, singeza Kuyo kungakhathaliseki ukuthi sesiphambuke kangakanani. Lapho siphenduka ngeqiniso, Izosithethelela. Noma yikuphi okusele okukweletwayo phakathi kwezono zethu namandla ethu okubuyisela ngokugcwele kungakhokhwa kuphela ngokusebenzisa iNhlawulo kaJesu Kristu, ongenza isipho somusa. Ukuthanda kwakhe ukuthethelela isikweletu sethu kuyisipho esingenakuqhathaniswa.

  13. Bheka ku 2 Nefi 31:18–20.

  14. Umprofethi wamaNefi iNkosi uBenjamin.

  15. uMosiya 2:41.

  16. IMfundiso neziVumelwano 10:5; kwengezwe ukugcizelela.

  17. Bheka uMose 1:16; bheka futhi amavesi 1–20.

  18. uMose 1:20.

  19. uHelamani 5:12.

  20. uMoroni 6:4

  21. uMormoni 9:15; bheka futhi ivesi 19.

  22. UJohane umPhostoli washo nokusho ukuthi wabhala ngezimangaliso zikaMsindisi ukuze “[si]kholwe ukuthi uJesu unguKristu” (NgokukaJohane 20:31).

  23. uMormoni 9:21.

  24. u-Isaya 40:29.

  25. NgokukaMathewu 6:14.

Shicilela