Ngo-2022
Ifa leNkuthazo—Okucashuniwe
kaNovemba 2022


UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona yangoNovemba 2022

Ifa leNkuthazo

Okucashuniwe

Isithombe
Indiza yephepha enethunzi lendiza

Njengoba umama wangitshela ngesikhathi ngikhononda ngokuthi kwakunzima kanjani ukwenza okuthile, “Oh, Hal, vele kunzima. Kumele kubenzima. Impilo iyisivivinyo.”

Wayengakusho lokhu ngomoya ophansi, nangokumamatheka, ngoba wayazi izinto ezimbili. Akukhathaliseki ukuthi ubunzima bunjani, okwakuzobaluleka kakhulu kwakungaba wukufika ekhaya ukuze abe noYise oseZulwini. Futhi wayazi ukuthi wayengakwenza ngokukholwa kuMsindisi. …wakhe

Ifa lenkuthazo asishiyela lona lichazwe kahle kakhulu ku Moroni 7, lapho uMormoni ekhuthaza indodana yakhe uMoroni nabantu bakhe. …

Ubeka uJesu Kristu kuqala, njengabo bonke abaphumelelayo ekukhuthazeni labo abathwele kanzima ohambweni labo oluyaphezulu ekhaya labo lasezulwini. …

UMormoni wabona ubumnene njengobufakazi bamandla okholo lwabo. …

UMormoni wabe esebakhuthaza ngokufakaza ngokuthi babesendleleni yokwamukela isipho sezinhliziyo zabo ezigcwaliswe ngothando olumsulwa lukaKristu. …

Uma ngibheka emuva, ngiyabona manje ukuthi lesipho sesihe—uthando olumsulwa lukaKristu—lwamqinisa, lwamhola, lwamseka, futhi lwamshintshakanjani umama ekuzabalazeni endleleni yakhe eya ekhaya. …

… UMsindisi uyazazi izinkinga zakho njengoba zinjalo. Uyakwazi ongaba yikho ukuze ukhule okholweni, ethembeni, nangesihe.

Imiyalelo nezivumelwano akupha kona akuzona izivivinyo zokukulawula. Kuyisipho sokukuphakamisela ekutholeni zonke izipho zikaNkulunkulu futhi ubuyele ekhaya kuYihlo oseZulwini neNkosi, abakuthandayo.

Shicilela