Ngo-2023
IziNsuku EziyisiKhombisa zoKwabelana
NgoJulayi 2023


“IziNsuku EziyisiKhombisa zoKwabelana,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoJulayi 2023.

UMyalezo waNyanga Zonke we For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) wangoJulayi 2023

IziNsuku EziyisiKhombisa zoKwabelana

Ungabelana ngevangeli ngezindlela ezejwayelekile. Ngabe uyathanda yini ukubhekana nale nselelo na?

Lapho sikhuluma ngokwabelana ngobufakazi bethu, sivame ukucabanga ngokufakaza ngesikhathi senkonzo yesidlo esingcwele noma ngezinye izikhathi ezihleliwe. Kodwa-ke siyakhuthazwa ukuba “sifune amathuba okusebenzisa ukholo ngezindlela ezejwayelekile”1

Kulenselelo engezansi yezinsuku eziyisikhombisa, ungabelana ngobufakazi bakho ngendlela eyehlukile kuzo zonke izinsuku zesonto lonke. Ungazenza lezi zinto ngendlela yakho, noma uqhamuke nawakho amasu. Ngabe uyathanda yini ukubhekana nale nselelo na?

Isithombe
indlu yokukhonza

Imifanekiso ngu-Emily Davis

Usuku lokuqala: EBandleni

Cabanga ngokufakaza ngesikhathi senkonzo yokufakaza nokuzila ukudla uma lokho kuyinto oyithokozelayo. Uma kungenjalo, ungabelana futhi ngobufakazi bakho ngokubamba iqhaza emakilasini ngeSonto nasohlelweni lokufundisa ngevangeli. Ukuphawula kwakho lapho kungabavuselela abanye futhi kuqinise nobufakazi babo kanye nobakho.

Isithombe
abangani

Usuku lwesibili: Abangani

Yikuphi okufundile esontweni ngeSonto na? Ngabe ukuthandile yini lokho othile abelane ngakho ngesikhathi senkonzo yesidlo esingcwele noma ekilasini na? Mhlawumbe iculo lokuvula bekungelinye lezintandokazi zakho. Tshela umngani wakho ngalo! Bese uyababuza nabo ngempelasonto yabo.

Isithombe
ucingo olunenkundla yokuxhumana

Usuku lwesithathu: Izinkundla Zokuxhumana

Izinkundla zokuxhumana ziyindawo enhle kakhulu yokwabelana ngezinto zangokomoya ngendlela eyejwayelekile. Kule nselelo yalolusuku, cabanga ngokwabelana ngalokhu:

  • Elinye lamavesi akho emibhalo engcwele eliyintandokazi.

  • Amazwi avuselelayo acashuniwe avela kwingqungquthela jikelele.

  • Ukuphawula okuphathelene nezinto zangokomoya noma okubonile nokuzwile.

  • Okuthile okuthandayo nokwazisayo ngoMsindisi.

  • Indlela ake akusiza ngayo kamuva nje noma isici esiKuye osazisayo nokuthi kungani.

Isithombe
ucingo olune vidiyo nombhalo

Usuku lwesine: Umbhalo noma iVidiyo

Thumela ividiyo noma umyalezo ovuselelayo kumngani. Ungahle wabelane naye ngenkulumo evela kwingqungquthela ocabanga ukuthi angahle ayithande, mtshele ngalokho okwazisayo ngaye, noma wabelane naye ngokholo lwakho kuJesu Kristu. Isibonelo, kungenzeka adinge ukwazi ngothando lukaBaba oseZulwini ngaye. Ungahlezi umtshela lokho futhi uma unaye!

Isithombe
intombazane iphethe ibhalunde elimise okwenhliziyo

Usuku lwesihlanu: Ukusebenzela

Ungahle uzibuze ukuthi ukusebenzela abanye kungaba kanjani yindlela yokwabelana ngobufakazi bakho. UMpostoli uPawulu wathi kuThimothewu, “Yiba isibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.” (I KuThimothewu 4:12). Ngakho-ke ungabonisa izinkolelo zakho ngesibonelo sakho, ngokusebenzela abanye ngendlela uMsindisi abengenza ngayo.

Isithombe
okokudweba

Usuku lwesithupha: Imisebenzi Yobuciko

Kwesinye isikhathi abantu basebenzisa imisebenzi yobuciko ngendlela eyehlukile ukwabelana ngemicabango nangemizwa yabo. Ungasebenzisa imidwebo, okuqoshiweyo, izinkondlo, umculo, noma yiluphi olunye uhlobo lwemisebenzi yobuciko ukwabelana ngemizwa yakho ngo Jesu Kristu nangevangeli Lakhe.

Isithombe
intsha ikhuluma

Usuku lwesikhombisa: Ukuxoxisana Okuthuke Kuvele

Ungesabi ukukhuluma ngezinkolelo zakho ezimweni ezithuke zivele, njengoba ubungabelana ngemicabango yakho onayo ngesihloko esithile.

Ungakhuluma vele ngenikwenzayo eBandleni noma ngombhalo ongcwele osanda kuwufunda, kodwa futhi ingxoxo ingaba ngethuke yenzeka nje. Isibonelo:

  • Uma imvelo ikufaka ugqozi, khuluma nomunye ngokwazisa indalo kaNkulunkulu.

  • Mhlawumbe usanda kudlula kokuthile ngokoMoya. Tshela umngani wakho ngakho uma kungeyona imfihlo yakho.

  • Thola izifaniso zevangeli encwadini noma kubhayisikobho oyithandayo, bese wabelana ngolwazi lwakho olufihlakele.

Okuvamile Nokuyimvelo

Ngesikhathi uthola izindlela ezahlukahlukene zokwabelana ngevangeli, kuzoya ngokuya kuba yimvelo kuwe ukukwenza lokho. Kungahle kuzwakale kulukhuni uma uqala, kodwa-ke kulungile! Khumbula, ubufakazi bakho bona buyimvelo kuwe––buyingxenye yokuthi ungubani. Ukwabelana ngabo nakho kungaba yimvelo. Okufunekayo nje ukukuzwakalisa kakhudlwana usuku nosuku.

Uzokwabelana kanjani ngobufakazi bakho namhlanje na?

Qaphela

  1. uDieter F. Uchtdorf, “Apr. 2019 general conference” (i-Ensign noma iLiahona, yangoMeyi 2019, 17).

Shicilela