For the Strength of Youth (Okwakha Intsha)
Konke Kuzolunga Ngenxa yeziVumelwano zeseThempelini
NgoMeyi 2024


Umyalezo Wanyanga Zonke we For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), NgoMeyi 2024

Konke Kuzolunga Ngenxa yeziVumelwano zaseThempelini

Okucashuniwe

Isithombe
omunye umbhalo

eMelika

Bafowethu nodadebethu, ekuzithobeni kwami ngiyafakaza ukuthi uma sihamba ithempeli, singakhumbuzeka ngengunaphakade lemiphefumulo yethu, ubudlelwano bethu noNkulunkulu kanye nendodana Yakhe ekhethekile futhi ekugcineni kwezifiso zethu ukuthi sibuyele ekhaya lethu eZulwini.

Ngaphansi kobuholi obushisekisayo baMongameli uNelson, iNkosi yaphuthumisa, futhi yaqhubeka ukuphuthumisa ukwakhiwa kwamathempeli emhlabeni wonke. Lokhu kuzovumela bonke abantwana bakaNkulunkulu ithuba lokuthi bathole izimiso zensindiso nezokuphakanyiswa futhi benze, futhi bagcine nezivumelwano. …

Ukuzibandakanya ngokuphindaphinda ezimisweni zasethempelini kungakha iphethini yokuzinikela eNkosini. Uma sigcina izivumelwano zasethempelini siphinde sizikhumbule, simema ubudlelwano boMoya oNgcwele ukuze usiqinise uphinde usihlambe. …

Kungezivumelwano zokuboshwa ethempelini lapho singathola khona isiqinisekiso sokuxhumana kwemindeni ethandanayo ezoqhubeka ngale kwethuna futhi igcineke ingunaphakade. Ukuhlonipha izivumelwano zomshado nezemindeni ezenziwe ethempelini likaNkulunkulu kuzosinika ukuvikeleka kububi bobugovu kanye nempakamo. …

Izivivinyo, ubunzima, kanye nokuphuka kwenhliziyo ngokuqinisekile kuyakufika kuthina sonke. Akekho kuthina ongatheleleki “emeveni enyama” [bheka 2 KwabaseKhorinte 12: 7–8]. Nokho, uma sihamba ithempeli futhi sikhumbule izivumelwano, singazilungiselela ukuzitholela indlela eNkosini. …

Bafowethu nodadebethu, ngethula ubufakazi ukuthi ayikho into ebaluleke ukudlula ukuhlonipha izivumelwano ozenzile noma ongazenza ethempelini.

Shicilela