For the Strength of Youth (Okwakha Intsha)
Singakwazi kanjani ukuba nobunye uma sonke sihlukahlukene?
Okthoba 2024


“Singakwazi kanjani ukuba nobunye uma sonke sihlukahlukene?,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), Okt. 2024.

Umyalezo Wanyanga Zonke webhukwana elithi For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), Ngo-Okthoba 2024

Singakwazi kanjani ukuba nobunye uma sonke sihlukahlukene?

Amakhiyubhu anemicibisholo kuwo

Sonke sehlukene. Kodwa iNkosi ifuna ukuthi sibe “munye” (IMfundiso neziVumelwano 38:27). Nansi imigomo embalwa yobumbano efundiswe ngabaprofethi nabaphostoli:

Simunye kuJesu Kristu, ivangeli Lakhe, kanye neBandla Lakhe. “Kungenxa yokwethembeka kwethu ngabanye nothando lukaJesu Kristu kuphela lapho singathemba khona ukuba munye.”

Ubunye budinga uthando. “Ngisho nokuhlukahluka kwezilimi namasiko amahle, aphakamisayo, kufanele sibe nezinhliziyo ezihlangene ebunyeni nasothandweni.”

Ubunye abusho ukufana. “Ubunye nokwehlukahlukana akuphikisani. Singakwazi ukuzuza ubumbano olukhulu lapho sikhuthaza isimo sokubandakanywa nokuhlonipha ukwehlukana.” “Ubunye abudingi ukufana, kodwa budinga ukuvumelana.”

Ubunye budinga ukususa umbango nokucwasa. “Kukhona indawo yawo wonke umuntu. Nokho, ayikho indawo yobandlululo, ukubeka icala, noma umbango wanoma yiluphi uhlobo.”

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. D. Todd Christofferson, Apr. 2023 ingqungquthela yebandla lonke (Liyahona, Meyi 2023, 79).

  2. Quentin L. Cook, Apr. 2015 ingqungquthela yebandla lonke (Ensign noma Liyahona, Meyi 2015, 65).

  3. Quentin L. Cook, Oct. 2020 ingqungquthela yebandla lonke (Ensign noma Liyahona, Nov. 2020, 19).

  4. D. Todd Christofferson, Apr. 2023 ingqungquthela yebandla lonke (79).

  5. Russell M. Nelson, “Peacemakers Needed,” Apr. 2023 ingqungquthela yebandla lonke (Liahona, Meyi 2023, 101).