Umyalezo wanyanga zonke wephephabhuku elithi For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), NgoDisemba 2024
UkuZalwa KukaJesu
Funda ngalesisigaba somdlalo esijwayelekile sikaKhisimusi nokuthi sisisiza kanjani sigxile kuMsindisi.
iBethlehema
iBhetlehema isho “indlu yesinkwa” ngesiHebheru. Ngesinye isikhathi ibizwa ngokuthi yidolobha likaDavide, enzalweni yakhe uMesiya okwaprofethwa ukuthi uyoqhamuka kuyo (bheka kuJeremiya 23:5; NgokukaJohane 7:42). USamuweli wagcoba uDavide ukuba abe yinkosi eBethlehema (bheka 1 Samuweli 16:1–13). Kwaprofethwa ukuthi uMesiya uyakuzalwa khona (bheka kuMika 5:2).
Indlu Yezihambi
Igama lesiGriki lendlu yezihambi lingachaza noma iyiphi indawo yokuhlala okwesikhashana, okubalwa kuyo igumbi lezihambi. UMariya “walalisa [UKristu Umntwana] emkhombeni, ngokuba beswela indawo endlini yezihambi” (NgokukaLuka 2:7). (Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith kuthi “izindlu zezihambi.”) “Ukweswela igumbi” kungachaza ukuthi baphindiswa emuva noma ukuthi yayingekho indawo ababengahlala kuyo eyayinegumbi lokubeletha umntwana. Noma kwakunjani, baya endaweni lapho kwakunomkhombe khona.
Umkhombe
Umkhombe yibhokisi eliphakeme noma umkhombe ogcina ukudla kwezilwane. EJudiya yasendulo, lokhu kwakuvamise ukwenziwa ngetshe. Izindlu zezihambi zazinamagceke phakathi ayenemikhombe, futhi amakhaya amaningi ayenemikhombe egumbini elikhulu ukuze izilwane zigcinwe khona ubusuku bonke.
Izingubo zokuSonga
Omama bebesonga abantwana abasanda kuzalwa (ukubasonga ngengubo yokulala noma indwangu) iminyaka eyizinkulungwane. Lokhu kuyathulisa futhi kubaduduze ngemva kokwethuka kokuphuma esibelethweni. Indwangu eyasetshenziswa uMariya kwakungenzeka ukuthi yayinophawu olukhethekile olwaluyingqayizivele emndenini.
uMariya noJosefa
Babengabantu abahle futhi abalungile, futhi bobabili babeyisizukulwane sikaDavide. Ngamunye wabo wavakashelwa yingelosi ukulungiselela ukuzalwa kukaMsindisi (bheka NgokukaMathewu 1:18–25; NgokukaLuka 1:26–38). Bahamba amakhilomitha ayi-100–140 (amamayela ayi-60–90) ukuya eBethlehema. uMariya wayekhulelwe kuloluhambo.
Abelusi
Abelusi babelusa imihlambi yabo eduze kwaseBhetlehema. Ngokwezinye izazi, yizimvu ezazibekelwe imihlatshelo yasethempelini kuphela ezazivunyelwe ukukhuliswa eduze kwedolobha. Ngakho-ke labelusi kwakungenzeka ukuthi babelusa izimvu ezazizomela umhlatshelo kaJesu Kristu kithi (bheka uMose 5:6–7). Bashiya imihlambi ukuyobona uMesiya, omhlatshelo wakhe wenhlawulo oyoqeda umhlatshelo wezilwane.
UKristu uMntwana
UJesu Kristu ungumuntu obalulekile kwisigaba somdlalo sokuZalwa KukaJesu—nasezimpilweni zethu.
© 2024 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agodliwe. Igaywe eMelika. Lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa ko Mlayezo For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), NgoDisemba2024. Zulu. 19346 783