2024
Ukuzalwa KukaJesu
NgoDisemba 2024


Umyalezo wanyanga zonke wephephabhuku elithi For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), NgoDisemba 2024

UkuZalwa KukaJesu

Funda ngalesisigaba somdlalo esijwayelekile sikaKhisimusi nokuthi sisisiza kanjani sigxile kuMsindisi.

iBhetlehema

Umfanekiso nguCaroline Vibbert

iBethlehema

iBhetlehema isho “indlu yesinkwa” ngesiHebheru. Ngesinye isikhathi ibizwa ngokuthi yidolobha likaDavide, enzalweni yakhe uMesiya okwaprofethwa ukuthi uyoqhamuka kuyo (bheka kuJeremiya 23:5; NgokukaJohane 7:42). USamuweli wagcoba uDavide ukuba abe yinkosi eBethlehema (bheka 1 Samuweli 16:1–13). Kwaprofethwa ukuthi uMesiya uyakuzalwa khona (bheka kuMika 5:2).

indlu yezihambi

Indlu Yezihambi

Igama lesiGriki lendlu yezihambi lingachaza noma iyiphi indawo yokuhlala okwesikhashana, okubalwa kuyo igumbi lezihambi. UMariya “walalisa [UKristu Umntwana] emkhombeni, ngokuba beswela indawo endlini yezihambi” (NgokukaLuka 2:7). (Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith kuthi “izindlu zezihambi.”) “Ukweswela igumbi” kungachaza ukuthi baphindiswa emuva noma ukuthi yayingekho indawo ababengahlala kuyo eyayinegumbi lokubeletha umntwana. Noma kwakunjani, baya endaweni lapho kwakunomkhombe khona.

Isigaba somdlalo sokuZalwa kukaJesu

Umkhombe

Umkhombe yibhokisi eliphakeme noma umkhombe ogcina ukudla kwezilwane. EJudiya yasendulo, lokhu kwakuvamise ukwenziwa ngetshe. Izindlu zezihambi zazinamagceke phakathi ayenemikhombe, futhi amakhaya amaningi ayenemikhombe egumbini elikhulu ukuze izilwane zigcinwe khona ubusuku bonke.

Izingubo zokuSonga

Omama bebesonga abantwana abasanda kuzalwa (ukubasonga ngengubo yokulala noma indwangu) iminyaka eyizinkulungwane. Lokhu kuyathulisa futhi kubaduduze ngemva kokwethuka kokuphuma esibelethweni. Indwangu eyasetshenziswa uMariya kwakungenzeka ukuthi yayinophawu olukhethekile olwaluyingqayizivele emndenini.

uMariya noJosefa

Babengabantu abahle futhi abalungile, futhi bobabili babeyisizukulwane sikaDavide. Ngamunye wabo wavakashelwa yingelosi ukulungiselela ukuzalwa kukaMsindisi (bheka NgokukaMathewu 1:18–25; NgokukaLuka 1:26–38). Bahamba amakhilomitha ayi-100–140 (amamayela ayi-60–90) ukuya eBethlehema. uMariya wayekhulelwe kuloluhambo.

abelusi

Abelusi

Abelusi babelusa imihlambi yabo eduze kwaseBhetlehema. Ngokwezinye izazi, yizimvu ezazibekelwe imihlatshelo yasethempelini kuphela ezazivunyelwe ukukhuliswa eduze kwedolobha. Ngakho-ke labelusi kwakungenzeka ukuthi babelusa izimvu ezazizomela umhlatshelo kaJesu Kristu kithi (bheka uMose 5:6–7). Bashiya imihlambi ukuyobona uMesiya, omhlatshelo wakhe wenhlawulo oyoqeda umhlatshelo wezilwane.

UKristu uMntwana

UJesu Kristu ungumuntu obalulekile kwisigaba somdlalo sokuZalwa KukaJesu—nasezimpilweni zethu.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. UkuHunyushwa okwenziwa uJoseph Smith, NgokukaLuka 2:7 (ku NgokukaLuka 2:7, isengezo b).

  2. Bheka ku-Andy Mickelson, “An Improbable Inn: Texts and Tradition Surrounding NgokukaLuka 2:7,” Studia Antiqua vol. 14, no. 1 (Meyi2015).

  3. Bheka ku-Andy Mickelson, “An Improbable Inn.”

  4. Bheka uRussell M. Nelson, “The Peace and Joy of Knowing the Savior Lives,” Liyahona, NgoDec. 2011, 19–20.

  5. Bheka u-Alfred Edersheim, The Life and Times of Jesus the Messiah, 8th ed. (1907), 1:186.