Ngo-2010–2019
Umehluko Phakathi Kokuqaphela Nokunganaki
INgqungquthela yeBandla lonke yango-Ephreli 2019


Umehluko Phakathi Kokuqaphela Nokunganaki

Ngesikhathi umhlaba uqhubeka wamukela ububi, kumele sizame ngokuzimisela ukuhlala siqinile endleleni esiholela kuMsindisi wethu.

Ngake ngabona uphawu efasteleni lesitolo elalibhalwe ukuthi, “Injabulo, $15.00.” Ngafisa ukwazi ukuthi ngingathenga injabulo engakanani ngo-$15 kangangokuthi ngangena ngaphakathi ngaya ukoyobona. Engakuthola nje kwaba ubucwebe nemihlobiso okushibhile—akukho nokukodwa engakubona engingathi kungase kunginike lenjabulo eyayishiwo kuphawu loluya! Ngokuhamba kweminyaka, ngicabange kaningi ngophawu loluya nangokuthi kungaba lula kanjani ukubheka injabulo kwizinto ezishibhile nezesikhashana. Njengamalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, sibusisekile ngolwazi lokuthi injabulo yeqiniso singayithola kanjani futhi singayithola kuphi. Itholakala ngokuphila ivangeli elimiswe yiNkosi noMsindisi wethu, uJesu Kristu, nasekuzameni ukufana Naye.

Sinomngani esisondelene naye owayengunjiniyela wesitimela. Ngelinye ilanga ngesikhathi eshayela isitimela endleleni yakhe, wabona imoto imile kujantshi ngaphambi kwakhe. Wabona ngokushesha ukuthi imoto yayijamile futhi ingakwazi ukuwela ujantshi. Wafaka isitimela ngokushesha esimweni sokuvikela ingozi, okwavula amabhuleki egunjini ngalinye lesitimela ebelingamakota amathathu emayela (1.2 km) ngemuva kwenjini, liphethe umthwalo ongamathani ayizi-6,500 (amathani emeteliki ayizi-5,900). Ngokubuka ngamehlo enyama, lalingekho ithuba lokuthi isitimela singakwazi ukuma ngaphambi kokuba sishayise imoto, ngakho-ke sayishayisa. Ngenhlanhla, abantu ababesemotweni, bezwa isexwayiso sempempe yesitimela babaleka emotweni ngaphambi kokuba engozini. Ngesikhathi unjiniyela ekhuluma nephoyisa eliphenyayo, unkosikazi odiniwe weza kubo. Wamemeza wathi wayeyibone yonke ingozi futhi wafakaza ngokuthi unjiniyela akazamanga nokuzama ukugudluka endleleni ukuze angayishayisi imoto!

Okucacile ukuthi uma unjiniyela wayekwazile ukushona eceleni aphume kujantshi ukuze agweme ingozi, yena nesitimela sakhe sonke bebezophuma endleleni futhi ukuya phambili kwesitimela kwakuzoma nse. Ngenhlanhla, ujantshi wasiza ukuthi amasondo esitimela sakhe aqhubekele lapho sasiqonde khona isitimela, noma ngabe kwakukhona okwakusivimbile endleleni. Ngenhlanhla, nathi sisendleleni, indlela yesivumelwano esazinikela kuyo ngesikhathi sibhabhadiswa njengamalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Noma singabhekana nezinkinga lapha nalapha endleleni, lendlela izosisiza siqhubekele phambili endaweni yaphakade eyigugu uma sihlala ngokuqina kuyo.

Isithombe
Isibonakaliso sikaLehi somuthi wokuphila

Isibonakaliso somuthi wokuphila siyasikhombisa ukuthi ukunganaki kungasisusa endleleni yesivumelwano. Cabanga ngenduku yensimbi nendlela engumngcingo nencane, noma indlela yesivumelwano, eyayiholela emuthini wokuphila, lapho zonke izibusiso ezinikezwe uMsindisi neNhlawulo Yakhe zitholwa khona yilabo abakholwayo. Okubonakalayo futhi esibonakalisweni ngumfula wamanzi omele ukungcola komhlaba. Imibhalo engcwele ichaza ukuthi lo mfula “wawuhamba” endleleni kodwa udlula “eduzane” nomuthi, hhayi ukuthi wawuya kuwo ngqo. Umhlaba ugcwele izimpazamo ezingakhohlisa ngisho abakhethiweyo, zidale ukuthi baphile izivumelwano zabo ngokunganaki—lokhu kubaholela eduzane komuthi, kodwa hhayi kuwo ngqo. Uma singaqapheli ukuphila izivumelwano zethu ngokuphelele, imizamo yethu enomoya wokunganaki ingagcina isiholela ezindleleni ezingavunyelwe noma ekuhlanganeni nalabo abavele sebengene esakhiweni esikhulu nesivulekile. Uma singaqapheli, singacwila nokucwila emanzini angcolile ashonayo.1

Kukhona indlela yokuqaphela neyokunganaki yokwenza izinto, lokhu kuhlanganisa nevangeli. Uma sicabanga ngokuzinikela kwethu kuMsindisi, ngabe siyaqaphela noma asinaki? Ngenxa yesimo sethu senyama, asizami ngesinye isikhathi ukuchaza ukuziphatha kwethu, ngesinye isikhathi siqambe izenzo zethu ngokuthi zintukuntuku, noma ngokuthi sihlanganisa okuhle nokungekho kuhle-hle? Noma yinini lapho sisebenzisa amagama athi, “kepha,” “ngaphandle,” noma “kodwa” uma sikhuluma ngeseluleko sabaholi bethu abangamaPhrofethi noma ukuphila ivangeli ngokuqaphela, empeleni sithi, “Leso seluleko asiqondisiwe kumina.” Singachaza size sibe bomvu, kepha iqiniso lithi, ayikho indlela elungile yokwenza okungalungile!

Isihloko sentsha sonyaka ka-2019 sithathelwe kuJohane 14:15, lapho iNkosi ifundisa ukuthi, “Uma ningithanda, niyakugcina imiyalelo yami.” Uma simuthanda njengoba sisho, asikwazi yini na ukukhombisa lolo thando ngokuphila imiyalelo Yakhe ngokuqaphela?

Ukuqaphela ukuthi siliphila kanjani ivangeli akuchazi ukuthi sizimpintshile noma asikhululekile. Kuchaza ukuthi siziphathe njengabafundi baJesu Kristu emicabangweni yethu nangendlela esiziphatha ngayo. Ngesikhathi sicabanga umehluko phakathi kokuqaphela nokunganaki ekuphileni kwethu ivangeli, nawa amasu esingacabanga ngawo:

Ngabe siyaqaphela ekudumiseni kwangeSabatha nasekulungiseleni ukwemukela isidlo esingcwele njalo ngesonto na?

Ngabe singakukhulisa na ukuqaphela kwethu emkhulekweni nasekufundeni imibhalo engcwele noma sibambe iqhaza ngendlela yokuzimisela uma sisebenzisa incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni?

Ngabe siyaqaphela ekudumiseni kwethu kwasethempelini na, futhi ngabe siyaziphila izivumelwano esizenzile ngesikhathi sibhabhadiswa noma sisethempelini ngendlela enokuqaphela nokuzikhethela na? Ngabe siyayiqaphela indlela esibukeka ngayo futhi siyazihlonipha na ngendlela esigqoka ngayo, ikakhulukazi ezindaweni nasezimweni ezingcwele na? Ngabe siyaqaphela ukuthi sisigqoka kanjani isibhinco sasethempelini na? Noma imfashini yasemhlabeni isenza ukuthi sibe nomoya wokunganaki na?

Ngabe siyaqaphela na ukuthi sibasiza kanjani abanye nokuthi silufeza kanjani ubizo lwethu eBandleni, noma asilunaki ubizo lwethu lokusebenzela abanye?

Ngabe siyaqaphela noma asinaki lokho esikufundayo nesikubukayo kumabonakude nokomakhalekhukhwini na? Ngabe siyayiqaphela na indlela esikhuluma ngayo? Noma siyakwamukela na ukukhuluma kabi ngendlela engenanhlonipho neluhlaza ngenxa yokunganaki?

Incwajana ethi For the Strength of Youth inemigomo leyo, uma ilandelwa ngokuqaphela, ezoletha izibusiso eziningi futhi isisize sihlale endleleni yesivumelwano. Noma ngabe yayibhalelwe intsha, imigomo ayipheli uma sishiya izinhlelo zabaFana namaNtombazane. Iyasisebenzela ngaso sonke isikhathi. Ukubuyekeza lemigomo kunganikeza ezinye izindlela esingaqaphela ngayo indlela esiphila ngayo ivangeli.

Asiyehlisi imigomo yethu ukuze samukelwe noma senze omunye ezizwe emukelwe. Singabafundi baJesu Kristu, ngakho-ke siyabakhulisa abanye, sibaphakamisela phezulu, endaweni engcwele kakhulu lapho nabo bengathola khona izibusiso ezinkulu.

Ngisimema sonke, umuntu ngamunye, ukuba sifune ukuholwa nguMoya oNgcwele ukuba sazi ukuthi kumele senze luphi ushintsho ezimpilweni zethu ukuze sibuyele ezivumelweni ngokuqaphela. Ngiyanicela futhi ukuba ningabehluleli abanye abahamba uhambo olufanayo. “Ukwahlulela kungokwami, kusho iNkosi.”2 Sonke sisendleleni yokukhula nokushintsha.

Indaba etholakala eNcwadini kaMormoni ekhuluma ngama-Amaliki ahlubukile iyangichaza. Ukuze akhombise abanye ukuthi awasazihlanganisi noJesu Kristu neBandla Lakhe, abeka uphawu olubomvu olwehlukile esiphongweni sawo ukuze lubonwe abantu bonke.3 Ngendlela ehlukile, futhi njengabafundi baJesu Kristu, sizibeka kanjani uphawu na? Ngabe abanye bayakwazi ukubona isithombe Sakhe ebusweni bethu futhi bazi ukuthi simele bani ngendlela esiphila ngayo izimpilo zethu ngokuqaphela na?

Njengabantu besivumelwano, asidalelwanga ukuthi sifane nomhlaba wonke. Sibizwe “ngabantu abazuziweyo”4—saze sanconywa! Ngesikhathi umhlaba uqhubeka wamukela ububi, kumele sizame ngokuzimisela ukuhlala siqinile endleleni esiholela kuMsindisi wethu, sivule isikhala phakathi kokuphila kwethu ngesivumelwano nomthelela wasemhlabeni.

Uma ngicabanga ngenjabulo ehlalayo, ngiyabona ukuthi ngezinye izikhathi siyazithola siphakathi nendawo. Noma kanjani, inkungu emnyama izoba khona ngesikhathi sihamba endleleni yesivumelwano. Izilingo nokunganaki kungadala ukuthi sishintshe indlela yethu kancane ibheke ebumnyameni bomhlaba futhi sisuke endleleni yesivumelwano. Uma kwenzeka lokhu, umphrofethi wethu esimuthandayo, uMongameli uRussell M. Nelson, usigqugquzele ukuthi sibuyele endleleni yesivumelwano futhi sibuyele ngokushesha. Ngiyasibonga isipho sokuguquka namandla eNhlawulo kaMsindisi.

Akwenzeki ukuthi ungaphila impilo elungile ngokuphelele. Indoda eyodwa vo eyakwazi ukuphila ngokulunga okuphelele ngesikhathi iphila kulomhlaba wethelestiyali. Loyo kwakunguJesu Kristu. Noma singalungile ngokuphelele, bafowethu nodadewethu, singafaneleka: sifaneleke ukwamukela isidlo esingcwele, sifaneleke izibusiso zasethempelini, futhi sifaneleke ukuthola isambulo sethu.

INkosi uBenjamini yafakaza ngezibusiso nenjabulo etholwa yilabo abaqaphela ukulandela uMsindisi: “Futhi ngaphezu kwalokho, ngifisa ukuthi nicabange ngesimo esibusisiwe futhi nesokujabula salabo abagcina imiyalelo kaNkulunkulu. Ngokuba bhekani, babusisiwe kuzo zonke izinto, ezesikhashana kanye nezikamoya; futhi uma bebambelele ekwethembekeni kuze kube sekugcineni bemukelwa ezulwini, ukuze ngalokho bahlale noNkulunkulu esimweni sokuthokoza okungenakuphela.”5

Ngabe injabulo ingathengwa ngo-$15 na? Cha, akwenzeki. Injabulo eyiqiniso futhi ehlalayo iza ngokuphila ivangeli likaJesu Kristu ngendlela enokuqaphela nokuzimisela. Egameni likaJesu Kristu, amen.

Shicilela