Ngo-2010
Izibusiso zeThempeli
Okthoba 2010


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, Okthoba 2010

Izibusiso zeThempeli

Ithempeli linikeza injongo ezimpilweni zethu. Inika uxolo emphefumulweni yethu—hhayi uxolo olunikezwa ngabantu kepha uxolo oluthenjiswe yindodana kaNkulunkulu ngesikhathi ekhuluma ethi, “Uxolo ngilushiya nani,uxolo lwami ngilunikeza nina.”

Ethempelini sizwa sisondelene neNkosini

Ngicabanga ukuthi ayikho indawo emhlabeni lapho ngingazizwa ngisondelene neNkosi kunaleyo eyiThempeli Lakhe elingcwele. Ukuchaza inkondlo ngenye indlela:

Ezulwini kukude kangakanani?

Akukude kakhulu.

Emathempelini kaNkulunkulu,

Kuhle lapho sikhona.

iNkosi yathi:

“Ningazibekeli nina ingcebo emhlabeni, lapho imbu nokubola kumosha khona, futhi lapho amasela abhodloze futhi ebe khona:

“Kepha zibekeleni nina ingcebo yasezulwini, lapho imbu nokubola kungeke kumoshe khona, futhi lapho amasela angeke abhodloze futhi ebe:

“Ngokuba lapho ubeke khona ingcebo khona, kulapho inhliziyo yakho izoba khona.1

Kumalungu eBandla likaJesu Krestu Labangcwele Ezinsukwini Zokugcina, ithempeli liyindawo engcwele kakhulu emhlabeni. Yindlu yeNkosi, futhi njengoba umbhalo ngaphandle uchaza ithempeli, ithempeli “Ubungcwele Enkosini.”

Ithempeli liyasikhuthaza futhi liyasiphakamisa thina

Ethempelini, isu elinhle likaNkulunkulu liyafundiswa. Kusethempelini lapho isivumelwano saphakade senziwa khona. Ithempeli liyasivuselela, liyasiphakamisa, lima njengenkuthazo kubobonke ukuba balibone, futhi likhomba phambili embusweni omkhulu wenkazimulo. Yindlu kaNkulunkulu. Konke okwenzeka ngaphakathi kwezindonga zethempeli kuyaphakamisa futhi kulungile

Ithempeli ngeyemindeni, ingenye yezingcebo enkulu esinayo empilweni yenyama. Inkosi ichaza ngokusobala uma ikhuluma nathi thina obaba, ikhombisa ukuthi sinomsebenzi wokuthanda amakhosikazi ethu ngazo zonke izinhliziyo zethu futhi sibenzele bona kanye nabantwana bethu. Ubonisile ukuthi umsebenzi omkhulu thina bazali esingawenza wenziwa emakhaya ethu, futhi amakhaya ethu angaba yizulu, ikakhulukazi uma imishado yethu ivalwe endlini kaNkulunkulu.

Eselingasekho iGosa uMatthew Cowley, owayeyilunga Lekhoramu YabaPostoli Abayishumi Nambili, owake waxoxa ngovakasho lomkhulu owabambana nomzukulwana wakhe ngesandla wahamba naye ngosukulwakhe lokuzalwa ngomgqibelo ntambama—hhayi ukuvakashela esiqiwini sezilwane noma ebhayisikobhu kodwa ebaleni yasethempelini. Ngemvume yomgcini mhlaba, laba ababili bahamba baya eminyangweni emikhulu yethempeli. Wambonisa ukuthi abeke isandla sakhe ebondweni eliqinile bese asibeke emnyangweni omkhulu. Ngokuthamba wayesethi kuyena “Khumbula ukuthi lolu usuku owathinta ngalo ithempeli. Ngolunye usuku uzongena phakathi.” Isipho sakhe kulengane kwaku ngewona amaswidi noma u-ayisikhilimu kepha ulwazi olwalubaluleke kakhulu futhi olwaphakade—nokujabulela indlu yeNkosi. Walithinta ithempeli, futhi nalo ithempeli lamthinta.

Ithempeli liletha uxolo emoyeni wethu

Njengoba sithinta ithempeli futhi sithanda ithempeli, izimpilo zethu zizo bonisa ukholo lwethu. Njengoba siya endlini engcwele, njengoba sikhumbula izivumelwano esizenzile ngaphakathi, sizokwazi ukumelana nobunzima kanye nokunqoba leso naleso silingo esizayo kithi. Ithempeli linikeza injongo ezimpilweni zethu. Lisinika uxolo emiphefumulweni yethu—hhayi uxolo olunikwa ngabantu kepha uxolo esiluthenjiswe yiNdodana kaNkulunkulu ngenkathi ikhuluma ithi, “Uxolo ngilushiya nani uxolo lwami ngilunikeza nina: hhayi ngendlela yokunikela kwasemhlabeni,mina ngilunikeza nina. Izinhliziyo zenu mazingakhathazeki, noma zisabe.”2

Kunokholo olukhulu phakathi kwabaNgcwele bezinsuku Zokugcina. INkosi isinikeza amathuba okubona ukuthi singakwazi ukulandela imiyalelo Yakhe na, ukuthi sizolandela indlela leyo uJesu waseNazretha ayilandela, noma sizoyithanda iNkosi ngayo yonke inhliziyo yethu, ngakho konke esinakho, ngengqondo, nawo wonke amandla ethu, futhi sithande omakhelwane bethu njengoba sizithanda.3

Ngikholelwa yilesisaga “Thembela eNkosini ngayo yonke inhliziyo yakho; unganciki ekwazini kwakho. Kuzo zonke indlela zakho mazi, futhi uzokubonisa izindlela zakho.”4

Ngakho-ke bekunjalo; ngakho-ke kuyoba njalo. Uma senza umsebenzi wethu sithemba ngokuphelele eNkosini, sizogcwala amatempeli Wakhe, hhayi ukwenza izimiso zethu kuphela, kepha sizoba nenhlanhla yokwenza umsebenzi wabanye. Sizoguqa kuma-althari angcwele ukuba ngababameli bokungahlanganisa abayeni kanye namakhosikazi kanye nabantwana ingunaphakade. Abafana kanye namantombazane abalungileyo abaneminyaka engu 12 bangaba ngabameli walabo abashona benga tholanga izibusiso zokubhabhadiswa. Lokhu kuyoba isifiso sika Baba wethu waseZulwini kuwena nakimi.

Isimanga senzeka

Iminyaka eminingi eyedlule, owayezithobile futhi ethembekile uBaba oyinhloko, Umzalwane uPercy K. Fetzer, wabizwa ukuba anike izibusiso zikababa oyinhloko kumalungu eBandla ababehlala ngasemuva Kwekhethenisi Lensimbi.

Umzalwane Fetzer waya ezweni lasePholandi kulezozinsuku ezimnyama. Imingcele ibivaliwe futhi kungekho isakhamuzi ezivunyelwe ukuba sihambe. Umfo uFetzer wahlangana nabaNgcwele baseJalimani ababevalelekile lapho ngenkathi imngcele yayihlolisiswa kabusha emva kwempi yesibili yomhlaba lapho izwe ebebehlala kulolaba yingxenye yePholandi.

Umholi wethu phakathi kwabaNgcwele baseJalimani kwakungu Mzalwane Eric P. Konietz, owayehlala lapho kanye nenkosikazi yakhe nabantwana. Umzalwane Fetzer wanika Umzalwane kanye noDade Konietz kanye nabantwana babo abadala izibusiso zikababa oyinhloko.

Ngenkathi Umzalwane uFetzer ebuyela eMelika, washaya ucingo wabuza ukuthi angakwazi yini ukuza angivakashele mina na. Ngenkathi ehleli ehhovisini lami, waqala wakhala. Wathi, “Mzalwane Monson, njengoba ngibeka izandla zami phezu kwamakhanda amalungu omndeni wakwaKonietz ngenza izifungo ezingeke zifezeke. Ngathembisa Umfo kanye noDade uKonietz ukuthi bazobuyela ezweni lakubo lokuzalwa eJalimani, nokuthi angeke bavinjwe ngezinqumo ezingaqondakaliyo zokunqoba amazwe nokuthi bazobophelwa ndowonye njengomndeni endlini yeNkosi. Ngathembisa indodana yabo ukuthi izogcwalisa injongo yobufundisi, futhi ngathembisa indodakazi yabo ukuthi izoshada ethempelini elingcwele likaNkulunkulu. Mina nawe siyazi ukuthi ngenxa yemingcele evaliwe, angeke bakwazi ukuthola izibusiso lezo ngokugcwalisekile. Ngenzeni?

Ngathi, “Mzalwane Fetzer, Ngiyazi kahle kamhlophe ukuthi wenze lokhu uBaba wethu waseZulwini abekufuna kwenzeke.” Sobabili saguqa phansi eceleni kwedesiki sakhipha okwakusenhliziweni zethu kuBaba wethu waseZuwlini, sibonisa ukuthi lezozithembiso zinikeziwe kumndeni ozimisele maqondana nethempeli likaNkulunkulu kanye nezinye izibusiso manje ezinqantshelwe kubo. Kuphela uma engaletha umlingo esiwudingayo.

Umlingo wenzeka. Isivumelwano sasayindwa phakathi kwabaholi bakahulumeni bePholandi kanye nabaholi beFederal Republic yaseJalimani, maqondana nabamazwe aseJalimani ababevalelekile kuleyondawo ukuba baye eNtshonalanga yase Jalimani. Umzalwane kanye noDade uKonietz kanye nabantwana bahamba baya eNtshonalanga yase Jalimani, futhi Umzalwane Konietz waba ngubhishobhu wewadi lapho behlala khona.

Umndeni wonke kaKonietz waya ethempelini lase Switzerland. Futhi kwakungubani uMongameli wethempeli owababingelela ngensudi emhlophe nangezandla ezivulekile? Akekho omunye ngaphandle kukaPercy Fetzer—ubaba oyinhloko owabanikeza isithembiso. Manje, njengoMongameli esikhundleni sakhe ethempelini iBern Switzerland, wabemukela endlini yeNkosi, ekufezeni leso sithembiso, wabahlanganisa umnyeni nonkosikazi ndawonye kanye nabantwana kubazali babo.

Indodakazi encane ekugcineni yashada endlini yeNkosi. Indodana encane yathola ubizo lwayo yalugcwalisa ngobufundisi obuphelele.

“Sizokubona ethempelini!”

Ngokuba abanye bethu, uhambo lokuya ethempelini lungamabhulohi ambalwa. Kwabanye, kunezilwandle okumele zinqanyulwe kanye namamayela okuya ngaphambi kokuba bangene ethempelini elingcwele likaNkulunkulu.

Emva kweminyaka embalwa eyadlula ngaphambi kokuqedwa kwesakhiwo sethempeli eNingizimu Afrika, ngenkathi ebesemhlanganweni wekomfa yesifunda ngalesosikhathi yayibizwa ngokuthi iSalisbury, Rhodesia, ngahlangana nomongameli wesifunda, uReginald J. Nield. Yena nonkosikazi wakhe kanye namadodakazi ache amahle bahlangana nami ngenkathi Ngingena esontweni. Bangichazela ukuthi babebeka okungokwabo futhi bezilungiselele lolusuku lapho babezohamba beya ethempelini leNkosi. Kepha, ithempeli lalikude kakhulu.

Ekupheleni komhlangano, amadodakazi amane amahle angibuza imibuzo maqondana nethempeli: “Linjani ithempeli? Konke esikesakubona kusesithombeni.” “Sizozizwa sinjani mhlazane singena ethempelini?” “Yikuphi esizokukhumbula kakhulu?” Isikhathi esingaba yihora Ngathola ithuba lokukhuluma namantombazane amane mayelana nandlu yeNkosi. Masengihamba ngibheke esikhumulweni sezindiza, bangiphakamisela isandla bengivalelisa, futhi intombazane yathi, “Sizokubona ethempelini!”

Emva konyaka ngaba nethuba lokubingelela umndeni wakwa Nield eThempelini laseSalt Lake. Ekamelweni elithulile lokuvala ngathola ithuba lokuhlanganisa ingunaphakade, kanjalo nesikhathi, umzalwane noDade uNield. Iminyango yase seyivuleka, futhi lawomadodakazi amahle, omunye nomunye wabo embethe okumhlophe okungenachashaza, bangena ekamelweni. Bagona umama, kwalandela ubaba. Izinyembezi zazisemehlweni abo, futhi uthando lwalusezinhliziyweni zabo. Sasiseceleni kwezulu. Sasingasho komunye nomunye sithi, “Manje sesingumndeni waphakade.”

Lesi yisibusiso esihle kakhulu esimele labo abeza ethempelini. Makube omunye nomunye wethu aphile izimpilo ezilungileyo, ngezandla ezihlanzekileyo kanye nezinhliziyo ezimnene, ukuze ithempeli lithinte izimpilo zethu kanye nemindeni yethu.

Kukude kangakanani ezulwini? Ngiyafakaza ukuthi ethempelini elingcwele akukude nakancane—ngokuba kulapho izindawo ezingcwele izulu nomhlaba zihlangana khona futhi uBaba wethu waseZulwini epha khona izingane Zakhe izibusiso ezinkulukazi.

Shicilela