Ngo-2011
Ukubuyiswa Kwezinto Zonke
Februwari 2011


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, February 2011

Ukubuyiswa Kwezinto Zonke

Funda lomlayezo futhi ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashele. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yomame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho.

Isithombe
Relief Society seal

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

Umprofethi uJoseph Smith wasungula Inhlangano Yabesimame Ekhululekile njenge ngxenye ebalulekile yeBandla. Njengobumongameli, sithemba ukuthi sizosiza wena ukuba uzwisise ukuthi kungani Inhlangano Yabesimame Ekhululekile ibalulekile empilweni yakho.

Siyazi ukuthi omame beTestamente Elisha bakhombisa ukholo kuJesu Krestu futhi basebenzisana emsebenzini Wakhe. uLuka 10:39 usitshela ngoMary, o “wahlala ezinyaweni zikaJesu, futhi wezwa izwi lakhe.” Ku Johane 11:27 uMartha ubeka ubufakazi bakhe ngoKrestu: “Wathi kuyena, Yebo, Nkosi: Ngiyakholwa ukuthi wena unguKrestu, iNdodana kaNkulunkulu, okwakufanele eze emhlabeni.” Izenzo 9:36, 39 zikhuluma ngo “mlandeli othile ogamalakhe linguThabitha, … onemisebenzi eminingi emihle. … Futhi bonke abafelokazi babelindile … bebonisa izambatho ngezingubo [yena] abenzele zona.” uPhebe, KuMaroma 16:1–2, waye “yisikhonzi sebandla “futhi engumsizi wabaningi.”

Lamaphethini okholo, ubufakazi, kanye nokusebenza kuyaqhubeka ebandleni lezinsuku zokugcina futhi kwabasemthethweni kanye Nenhlangano Yabesimame Ekhululekile. uJulie B. Beck, umongameli jikelele Wenhlangano Yabesimame Ekhululekile, wafundisa wathi: “Njengoba uMsindisi wamema uMary kanye noMartha ngesikhathi seTestamente Elisha ukuba basebenzisane emsebenzini Wakhe, omame banamuhla banegunya elisemthethweni lokusebenza emsebenizini weNkosi. … Inhlangano Yabesimame Ekhululekile ngo1842 wahanjiswa ngamandla ahlanganisiwe awabesimame kanye nomsebenzi wabo oqondile wokwakha umbuso weNkosi.”1

Siqeda umsebenzi wethu ngokubhekisisa amehlo kwinjongo Yenhlangano Yabesimame Ekhululelile: ukukhulisa ukholo kanye nokulunga kwethu, ukuqinisa imindeni kanye namakhaya, nokufuna nokusiza labo abadinga usizo.

Ngiyafakaza ukuthi Inhlangano Yabesimame Ekhululelile yasungulwa ngobungcwelisa ukusiza emsebenzini wensindiso. Omunye nomunye udade Wenhlangano Yabesimame Ekhululekile unendima ebalulekile ayidlalayo ekufezeni lomsebenzi ongcwele.

uSilvia H. Allred, ikhansela lokuqala kwiNhlangano Yabesimame Ekhululekile kubumongameli jikelele.

Kuvela Embhalweni Ongcwele

uJuweli 2:28–29; uLuka 10:38–42; AbaseEfesu 1:10

Kuvela Emlandweni Wethu

uDade uJulie B. Beck wasifundisa ukuthi “siyazi ngoMprofethi uJoseph Smith ukuthi Inhlangano Yabesimame Ekhululelile yayiyingxenye esemthethweni yokuBuyiswa.”2 Indlela yokubuyiswa yaqala ngoMbono Wokuqala ngo1820 yase iqhubeka “umugqa ngomugqa, umthetho ngomthetho” (D&C 98:12). Ngenkathi Inhlangano Yabesimame Ekhululekile yasungulwa ngokwasemthethweni ngoMashi 17, 1842, uMprofethi wafundisa abesimame maqondana nendawo yabo ebalulekile eBandleni elibuyisiwe. Wathi, “iBandla alizange lisungulwe ngokupheleleyo kuze kube ngenkathi kuqala lenhlangano yomama.”3

Amanothi

  1. uJulie B. Beck, “Ukugcwalisa Injongo Yenhlangano Yabesimame Ekhululekile,” iLiahona, Nov. 2008, 108.

  2. uJulie B. Beck, “Ukugcwalisa Injongo Yenhlangano Yabesimame Ekhululekile,” 108.

  3. Izimfundiso zaboMongameli beBandla: uJoseph Smith (2007), 64.

Ngingenzenjani?

  1. Lusizo luni engingalinikeza abodade bami kulenyanga abangakhombisa ukholo lwabafundi besimame lukaJesu Krestu na?

  2. Yisiphi isifundo sevangeli elibuyisiwe engingasifunda ukuqinisa ubufakazi bami kulenyanga?

Shicilela