Ngo-2012
Ukuholwa nguMprofethi Ophilayo
Mashi 2012


Intsha

Ukuholwa nguMprofethi Ophilayo

Ngesikhathi ngineminyaka engu 16, Ngathola ithuba lokuqala lokungena ngokwami kwinkomfa jikelele. Umndeni wami wawuphila entshonalanga neOregon, eUSA, sasheyela inqola ukuya kwinkomfa futhi siyoshiya umfowethu omdala kumnyombo wokuqeqeshela abafundisi benkolo.

Ngaya kwinkomfa ngesifiso ukuyofundiswa nguMoya Ongcwele. Ngomphumela, Ngathola incazelo evela kuMoya loyo mhlawumbe bengingeke ngawuthola uma ngangingazange ngazilungiselela ngokwami.

Ngesikhathi seminye yemihlangano, wonke umuntu waphakama futhi wahlabelela iculo lokuhlanganyela, “Sihole, O Wena Jehova Ophezulu.” Ngesikhathi sicula, Ngaba nomcabango ohlukile ukuba ngiqalaze Kumnyombo Wenkomfa. Ngenza njalo futhi ngamangaliswa amandla wokubumbana kwabantu abayizinkulungwane ababelapho njengoba siphakamisa amazwi ethu sidumisa uNkulunkulu.

Bese ngathola isifundo lapho ngazizwa ngifana noNifayi ngenkathi ebona umbono wesihlala sempilo, ngoba uMoya wangitshela, “Bheka” (bona 1 uNifayi 11–14). Ngabheka uMongameli uThomas S. Monson ngazizwa ukuthi ukubumbana kweBandla kwakukhona ngokuba sasiholwa ngumprofethi ophilayo. Ngobufakazi boMoya Ongcwele, Ngiyazi ukuthi uMongameli uMonson ungumprofethi weqiniso wosuku lwethu, futhi ngiyazi ukuthi uJesu Krestu uhola leliBandla ngaye.

Shicilela