Ngo-2012
Amadodakazi eMbusweni Wami
Mashi 2012


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, Mashi 2012

Amadodakazi eMbusweni Wami

Funda lomlayezo futhi ngokufanelekile, xoxa ngawo nalabo dade obavakashele. Sebenzisa lemibuzo ukusiza uqinise odade bakho nokwenza Inhlangano Yomame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile empilweni yakho.

Ukholo, Umndeni, Inkululeko

Singamadodazi kaBaba wethu waseZuwlini. Uyasazi thina, uyasithanda, futhi unepulani ngathi. Ingxenye yalelopulani liphathelene nokuza emhlabeni ukuzofunda ukukhetha okuhle kunokubi. Uma sikhetha ukugcina imiyalelo kaNkulunkulu, sihlonipha Yena futhi sivuma ubuthina njengamadodakazi kaNkulunkulu. Inhlangano Yabesimame Yenkululeko isisiza ukuba sikhumbule lobuhle balemvelaphi.

Inhlangano Yabesimame Yenkululeko kanye nomlando wayo iyasiqinisa futhi isisekele. uJulie B. Beck, uMongameli Jikelele Wenhlangano Yabesimame Yenkululeko, wathi: “Njengamadodakazi kaNkulunkulu, nizilungiselela igama langunaphakade, omunye nomunye wenu unobuyena besifazane, imvelo, nomsebenzi. Impumelelo yemindeni, umphakathi, leBandla, futhi nepulani lensindiso eliyigugu lithembele kukholo lwenu. … [uBaba Wethu Wasezulwini] wayehlose Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ukuba isize ukwakha abantu Bakhe futhi ibalungiselele izibusiso zethempeli. Wasungula [Inhlangano Yabesimame Yenkululeko] ukuba iqondise amadodakazi Akhe nomsebenzi Wakhe basebenzise usizo lwabo ekwakheni umbuso Wakhe futhi baqinise amakhaya weZayoni.”1

uBaba Wethu Wasezulwini usinikeze umsebenzi oqondile ukusiza sakhe Umbuso Wakhe. Uphinde wasibusisa ngezipho zomoya esizidingayo ukuba sifeze lomsebenzi oqondile. NgeNhlangano Yabesimame Yenkululeko, sinamathuba wokusebenzisa izipho zethu siqinise imindeni, sisize labo abaswele, futhi sifunde ukuphila njengabalendeli baka Jesu Krestu.

uMongameli uDieter F. Uchtdorf, Ikhansela Lesibili kubuMongameli Bokuqala, wakhuluma ngokulandela: “Ngokuhamba ngesineke endleleni yokulandela, sikhombisa kithina isilinganiso sokholo lwethu futhi nesifiso sethu ukwamukela isifiso sikaNkulunkulu kunesethu.”2

Make sikhumbule thina singamadodakazi kaNkulunkulu futhi sizame ukuphila njengabalandeli Bakhe. Njengoba senza njalo, sizakusiza ukwakha umbuso kaNkulunkulu lapha emhlabeni futhi sikwazi ukufaneleka ukubuyela ngaphambi kobuso Bakhe.

Kuvela embhalweni Ongcwele

uZakhariya 2:10; Imfundiso kanye Nezivumelwano 25:1, 10, 16; 138:38–39, 56; “Umndeni: Isimemezelo kuMhlaba” (iLiyahona kanye neEnzign, Nov. 2010, 129)

Kuvela Emlandweni Wethu

Ngomhlaka April 28, 1842, uMprofethi uJoseph Smith wakhuluma kubodade eNhlanganweni Yabesimame Yenkululeko: “Manje nibekiwe esimweni leso eningayenza mayelana nalolo zwelo uNkulunkulu alifake [kinina]. … Uma uphila ngamalungelo akho, izingelosi azingeke zahlukana ukuba abangane bakho.”3

Ukwazi amandla weNhlangano Yabesimame Yenkululeko ukusebenzela abanye futhi ukusiza abanye bakhule ngokholo, uZina D. H. Young, umongameli jikelele wesithathu weNhlangano Yabesimame Yenkululeko, wathembisa abodade ngo1893, “Uma nigubha ngaphakathi kwezinhliziyo zenu nizakuthola, ngosizo loMoya weNkosi, umklomelo wenani eliphezulu, ubufakazi balomsebenzi.”4

Amanothi

  1. uJulie B. Beck, “‘Amadodakazi Embusweni Wami’: Umlando kanye Nomsebenzi Wenhlangano Yabesimame Yenkululeko,” iLiyahona, Nov. 2010, 112, 114.

  2. uDieter F. Uchtdorf, “Indlela Yomlandeli,” iLiyahona, uMeyi 2009, 76.

  3. uJoseph Smith, ku Mlando weBandla, 4:605.

  4. uZina D. H. Young, “Ngathola Kanjani Ubufakazi Bami Beqiniso,” Ijenali Yabesimame Abasebasha, Apr. 1893, 319.

Ngingenzenjani?

  1. Ngingasiza kanjani odade bafinyelele emakhonweni abo njengamadodakazi kaNkulunkulu?

  2. Ngingasebenzisa kanjani ukululekwa kanye nezixwayiso ezinikezwe kwabesifazane empilweni yami kwi Mfundiso kanye Nezivumelwano 25?

Shicilela