Ngo-2013
Ngakwazi Ukuhlukana Nobuhlungu Bami
Septhemba 2013


Intsha

Ngakwazi Ukuhlukana Nobuhlungu Bami

Umbhali uvela eTaiwan.

Ngenkathi umfowabo mngane wami uChen kanye nomkakhe bebhabhadiswa ewodini yethu, ngajabula kakhulu. Emva komnyaka bebhabhadisiwe, bahlanganiswa phakathi ethempelini, futhi nomfana wabo owashona ngaphambi kokuba bajoyine iBandla wahlanganiswa kanye nabo. Kwakujabulisa kakhulu ukubona uChens ekhula ebandleni.

Umfo uChens washona engozini yenqola kumnyaka olandelayo. Emva kwengozi, ukushona kwakhe kwakuhlezi kusenqondweni yami futhi njalo ngihlezi ngiphupha ngakho. Ngavuka ngikhala futhi ngizibuza kaningi, “Kungani? Kungani iNkosi ivumela izehlakalo ezinjena ukuba zenzeke na? Kungani into enjena yenzeke emndenini omuhle kanjena?” Ngolunye usuku, ngenkathi ngihlupheka ngalemibuzo, ngathatha incwadi yesifundo futhi ngafunda lamagama avela kuMongameli uSpencer W. Kimball (1895–1985):

“Uma sibuka impilo yokufa ngokwenyama njengeyokugcina empilweni, ubuhlungu, ukudumala, ukuhluleka, futhi impilo emfishane izakuba ukuhlupheka okunzima. Kepha uma sibuka impilo njengento eyangunaphakade elulekela kude empilweni eyadlula yangomoya futhi nakwisasa elingunaphakade emva kokufa, bese zonke izehlakalo zingabekwa ngendlela efanelekileyo. …

“Asilethelwanga izilingo ukuze sivivinywe amandla ethu, ukugula ukuthi sikwazi ukufunda ukuba nesineke, sife ukuze sikwazi ukungaphinde sife ngokwenyama futhi siphakamiselwe phezulu na?”1

Kulesosikhashana, ngakhetha ukuhlukana nobuhlungu bami futhi ngabheka kwisasa elithenjisiwe futhi elizokubakhona. Ngabona ngamehlo enqondo yami uMfo uChen ejabulile futhi ehlangene kanye nomndeni wakhe. Ukubona lokho kwaletha uxolo kimi. Ngiyazi ukuthi uBaba waseZulwini uzakusinikeza inhlakanipho kanye nesibindi ukuba sikwazi ukubhekana nobunzima.

Amanothi

  1. Teachings of Presidents of the Church: Spencer W. Kimball (2006), 15.

Shicilela