Ngo-2013
Abangcwele Kuzozonke Izikhathi
Septhemba 2013


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uSeptemba 2013

Abangcwele Kuzozonke Izikhathi

Isithombe
NguMongameli Dieter F. Uchtdorf

Ngisakhumbula ngiseyingani ingxenye yezwe leyo eyayisebenza njengesithombe seposikhadi yesikhathi esishintshayo sonyaka. Inyanga nenyanga eyadlula yayinkazimulo futhi iyinhle kakhulu. Ngenkathi bosuku obuhle ebusika, iqwa elalithokomele lambesa izintaba kanye nemigwaqo yedolobha. Intwasahlobo yaletha izimvula ezazihlanza kanye nempilo ehlaza yaqakaza. Izulu elalibalele lasehlobo laletha ubuhle benkonkoni ukuze ilanga likhazimule esibhakabhakeni. Inkwindla eyayimangalisayo kakhulu yashintsha indalo yaba imithunzi wombala owuwolintshi, ophuzu, futhi obomvu. Ngiseyingane, ngangithanda zonke izikhathi zonyaka, futhi kuze kube yilesikhathi, ngithanda imvelo yazo kanye nokungafani kwazo.

Futhi nathi sinezikhathi ezimpilweni zethu. Ezinye zifudumele futhi ziyajabulisa. Ezinye azinjalo. Ezinye zezinsuku zempilo zethu zinhle njengezithombe ezikukhalenda. Futhi kukhona izinsuku kanye nezehlakalo lezo eziletha ubuhlungu futhi zingaletha ezimpilweni zethu imizwa enamandla yokudideka, ukuzisola, futhi nobuhlungu.

Ngiqinisekile ukuthi ngesinye isikhathi siyesacabanga ukuthi kungaba kuhle ukuyohlala ezweni eligcwele kuphele izithombe zezinsuku ezinhle zezikhathi zonyaka futhi sigweme izikhathi ezimbi phakathi.

Kepha lokhu akusoze kwenzeke. Futhi akufiseki.

Njengoba ngibuka impilo yami, kusobala ukuthi ezikhathini eziningi ukukhula okukhulu engikutholile kuze ngenkathi ngidlula ezikhathini zobunzima.

uNkulunkulu wethu sonke ohlakaniphile ube azi ukuthi ukuze abantwana Bakhe bakhule babe ngabantu ekade bedalelwe ukuba yibo, kumele bakwazi ukuthola isifundo sezikhathi zobunzima ngenkathi bephila empilweni yokufa ngokwenyama. uMprofethi uLihayi weNcwadi kaMomoni wathi ngaphandle kophikisayo, “ukulunga akusoze kwaphumelela” (2 uNifayi 2:11). Ngempela, ubumuncu bempilo obenza sikwazi ukubona, siqhathanise, futhi sijabulele ubumnandi bayo (bona D&C 29:39; uMose 6:55).

uMongameli uBrigham Young uyibeka kanjena: “Bonke abantu abahlakaniphile bagcotshwe ngemiqhele yenkazimulo, ukungafi ngokwenyama, futhi impilo yangunaphakade kumele iphumelele kusosonke isehlakalo esinikezwe abantu abahlakaniphileyo ukuba basidlulisele phambili, ukuze bathole inkazimulo yabo kanye nokuphakamiselwa embusweni ophezulu. Bonke ubunzima obungeza kumuntu wonke ophilayo kuzakuhlushekelwa … ukuze balungiseleleke ukujabulela ukuphila kanye neNkosi. … Isinyamezelo ngasinye kanye nesifundo odlule kuzo zidingekile ukuba uthole insindiso.”1

Akuwona umbuzo wokuthi mhlawumbe sizakuthola isifundo ezikhathini ezinzima kepha ukuthi sizakunqoba kanjani ubunzima. Ithuba elikhulu esinalo ngezikhathi zempilo ishintsha njalo ukubambezela kakhulu egameni elinokholo likaNkulunkulu, ngokuba umyalo wakhe awakhelwanga kuphela ukusiza thina sinqobe ubunzima bempilo kepha ukuba usiyale sikwazi ukudlula kuzo. Ubaba wethu waseZulwini unikezele ngezwi Lakhe kuba profethi Bakhe — ulwazi olubaluleke kakhulu olwakhelwe ukuba lusihole sikwazi ukudlula ezivivinyweni zobunzima bezikhathi sifikelele enjabuleni emangazayo kanye nokukhanya okuhle kakhulu kwempilo yangunaphakade. Kuyingxenye ebaluleke kakhulu kwisifundo sempilo yethu ukuba sakhe amandla, isibindi, kanye nokuthembeka ukuba sibambezele kakhulu eqinisweni kanye nasekulungeni ngaphezu kobunzima esihlangabezana nabo.

Labo ababhabhadisiwe futhi abathole isipho sikaMoya oNgcwele bathathe isinyathelo endleleni yokuba yizinceku futhi bayaliwe ukuba balendele ngokuqina futhi nangokholo ezinyathelweni zoMsindisi wethu.

Umsindisi wafundisa ukuthi ilanga livela“kulona onobukhohlakali kanye nalona olungile, futhi … imvula [ina] kulabo abalungile kanye nakulabo abangalungile” (uMatewu 5:45). Ngesinye isikhathi asizwisisi ukuba kungani ubunzima, kanye nokungalungile, kwezinto zenzeka empilweni. Kepha njengabalandeli bakaKristu, siyakholelwa ukuthi uma “sifuna ngempela, sikhuleka ngasosonke isikhathi futhi sikholwa, … zonke izinto zizahamba ngendlela [thina] esifisa ngayo, uma [thina] sihamba siqondile” (D&C 90:24; ukugqizelela okungeziwe).

Njengamalunga eBandla Lakhe, njengabaNgcwele, sisebenza ngokusiza ngenjabulo futhi ngentando yethu kuzozonke izimo kanye nezikhathi zonke. Njengoba senza njalo, izinhliziyo zethu zizogcwala ukholo, kanye nethemba eliphilisayo, futhi nozwelo olungcwele.

Nokho, kumele sidlule kuzozonke izikhathi — ezithokozisayo kanye nezibuhlungu. Kepha noma kuyisikhathi esinjani, njengabalandeli bakaJesu Kristu, sizakubeka ithemba Kuyena njengoba sihamba sibheke ekukhanyeni Kwakhe.

Kafushane, singabaNgcwele bakaNkulunkulu, abazimisele ukuba bafunde Ngaye, ukuba bathande Yena, futhi sithande esikhonza nabo. Singabahambi endleleni ebusisiwe yabalandeli, futhi sizakuhamba ngokuqondile siya kwinjongo yethu engcwele.

Ngakho-ke, masibe ngabaNgcwele entwasahlobo, ehlobo, enkwindla, kanye nasebusika. Make sibe ngabaNgcwele kuzozonke izikhathi.

Amanothi

  1. Izifundiso zaboMongameli beBandla: uBrigham Young (1997),261–62.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

OboMongameli Bokuqala bafundisa, “Ezimbalwa izintshumayelo ezinkulu zishumayelwa ngokuhlabelela amaculo” (Amaculo, ix). Njengoba uxoxisana ngalomlayezo, cabanga ngokucula eyodwa yalamaculo kanye nalabo obafundisayo noma enye yeculo mayelana nokubekezelela ubunzima” (no. 85); “The Lord Is My Shepherd” (no. 108); or “Let Us All Press On” (no. 243). Uma uthola ugqozu, yabelana ngesikhathi lapho isikhathi esinzima empilweni yakho siye saphenduka saba yisibusiso.

Shicilela