Ngo-2016
UBaba oseZulwini uKhulume nami Ngenkulumo Yenkomfa
Apreli 2016


Intsha

UBaba oseZulwini uKhulume nami Ngenkulumo Yenkomfa

Umbhali uhlala eSergipe, eBrazil.

Nganginokungabaza ngokuthi ngifundeni e-unyuvesi. Abantu babekhuluma kabi ngalomkhakha engangifuna ukuwuthatha, ngakho ke ngathandaza eNkosini ukubona ukuthi Iyavumelana yini nalesi sinqumo.

Impendulo yami yeza ngelanga elilandelayo uma ngifunda inkulumo yenkomfa yajikelele kwi Liyahona. Ngazizwa sengathi uBaba oseZulwini Wayengitshela ukuthi ngeke angikhethele - lesi kwakuyisinqumo okwakufanele ngisenze ngedwa. Ngangazi ukuthi nomangabe ngikhethani, ngangizofanele ngisebenze kanzima ukuze ngiphumelele.

Ngiyazi ukuthi umthandazo wami wawuphenduliwe. Ubufakazi boMoya oyiNgcwele wangisiza ngazi ukwenza isinqumo. Sengifunde ukunikela ngokuhle kakhulu futhi ngazi ukuthi uBaba oseZulwini uzongisiza.

Shicilela