Ngo-2016
IsiProfetho kanye neSambulo esiBhekene Nawe.
Apreli 2016


UMyalezo WobuMongameli Bokuqala, ngo-Ephreli 2016

IsiPhrofetho kanye neSambulo esiBhekene Nawe

Inkonzo kaJesu Krestu yabaNgcwele bezinsuku zokugcina yeqiniso ibuyisiwe ngokuphelele namhlanje emhlabeni. Ibandla likaJesu Krestu labaNgcwele Bezinsuku Zokugcina lihlezi liholwa abaprofethi abaphilayo kanye nabaphostoli abaphilayo, abathola njalo ukuholwa kwasezulwini.

Lephethini yasezulwini yeqiniso yayikhona ngisho nasemandulo. Sifunda kwiBhayibheli: “Ngempela akukho iNkosi uNkulunkulu engakwenza, ngaphandle kokwembula izimfihlo zayo kwizinceku zayo abaprofethi” (Amosi 3:7).

UNkulunkulu ukhulumile futhi esikhathini sethu, ngosizo loMphrofethi uJoseph Smith. Wembula ngosizo loMphrofethi uJoseph ivangeli likaJesu Krestu ngokupheleleyo. Wabuyisa ubupristi Bakhe obungcwele kanye nezikhiye kanye nawo wonke amalungelo, amandla, kanye nemisebenzi engcwele yobupristi.

Esikhathini sethu, abaprofethi abaphilayo kanye nabapostoli bagunyaziwe ukukhuluma,ukufundisa, kanye nokuhola ngegunya elivela kuNkulunkulu uBaba kanye neNkosi uJesu Krestu. UMsindisi uthe kuMphrofethi ofethi,“Lokhu mina iNkosi engikukhulumile, ngikukhulumile, futhi angixolisi ngengikushilo; futhi noma amazulu nomhlaba kungadlula, izwi lami aliyukudlula, kodwa lonke liyogcwaliseka, noma ngelami izwi noma ngezwi lezinceku zami, kuyafana” (iMf neziVum1:38).

Ngekomfa kawonke wonke kabili ngonyaka, sibusiseka ngethuba lokuzwa izwi leNkosi eliza kithi ngezinceku Zayo. Lelo yilungelo elingenalo inani. Kodwa ukubaluleka kwalelo thuba kuncike ekutheni siyawamukela yini amazwi ngaphansi komthelela woMoya ofanayo nalowo onikezwe lezo zinceku (bheka iMf neziVum 50:19-22). Njengoba bethola inkokhelo ephuma ezulwini, nathi kanjalo. Lokho kudinga ukuba sibe nogqozi olufanayo ngokomoya

“Yenza umsebenzi wakho wasekhaya”

Eminyakeni eyadlula ilunga loMgwamanda wabaPostoli abayiShumi Nambili wangicela ukuthi ngifunde inkulumo ayeyilungiselela inkomfa yajikelele. Bengiyilunga elincane lomgwamanda. Ngazizwa ngihloniphekile ngokungethemba kwakhe ukuba ngingamsiza ukuthi athole amazwi iNkosi efuna awakhulume. Wathi kimi ngokumamatheka, “Hhayi, lolu uhlaka lama-22 alenkulumo.”

Ngakhumbula iseluleko esinothando kanye nokulunga sikaMongameli Harold B. Lee (1899-1973) anginika sona egcizelela: “Hal, uma ufuna ukuthola isambulo, yenza umsebenzi wakho wasekhaya.”

Ngafunda, ngajula, futhi ngathandazela ngaphezulu kwalolu hlaka lama-22. Ngafundisisa ngakho konke enginako ngaphansi kwenkokhelo yoMoya oyiNgcwele. Ngales’khathi lelunga lomgwamanda linikeza lenkulumo, ngangiwenzile umsebenzi wami wasekhaya. Anginaso isiqiniseko sokuthi ngasiza, kodwa ngiyazi ukuthi ngaguquka mhla ngizwa enikeza leyonkulumo. Imilayezo yeza ngaphezulu kwalawo magama engawafunda nalawo awakhuluma. Amazwi ayenencazelo enkulu kuna le engangiyifundile kuhlaka. Futhi lomlayezo kwakubukeka sengathi wawuqondiswe kimi, uqondane nezidingo zami.

Izinceku zikaNkulunkulu zizila ukudla futhi zithandaze ukuthola umlayezo Azinika wona ukuthi banike labo abadinga isambulo kanye nokugqugquzelwa. Engakufunda ngokwenzeka, kanye nakokunye okwenzeka okufanayo, ukuthi ukuthola inzuzo enkulu eza ngokulalela abaprofethi nabapostoli abaphilayo, kufanele sikhokhe inani thina lokuthola isambulo.

INkosi ithanda wonke umuntu olalela umlayezo Wayo, futhi Iyazazi izinhliziyo kanye nezimo zethu ngamunye. IYazi ukuthi yibuphi ubulungiswa, yikuphi ukugqugquzelwa, kanye neqiniso levangeli elizolungela ukusiza wonke umuntu ukuthi akhethe indlela eya kwimpilo yaphakade.

Thina esilalela futhi sibukele imilayezo yenkomfa yajikelele ngesinye isikhathi sizibuza ukuthi “Yikuphi engikukhumbula kangcono?” Ithemba leNkosi ukuthi sizophendula omunye nomunye sithi: “Ngeke ngikhohlwe ngesikhathi ngizwa izwi likaMoya engqondweni nasenhliziyweni yami lingitshela ukuthi ngingenza njani ukujabulisa uBaba waseZulwini kanye noMsindisi.”

Singathola leso sambulo esibhekene nathi uma silalela abaprofethi kanye nabapostoli kanye noma sisebenza sikholwa ukuthi sizosithola, njengoba washo uMongameli Lee ukuthi sizosithola. Ngiyazi ukuthi kuyiqiniso ngokwenzeka kimi futhi nangobufakazi bukaMoya.

Ukufundisa okuvela kuloMlayezo

Cabangisisa ukufunda ngezwi elikhulu ingxoxo kaMongameli Erying ngokufunda uhlaka lwenkululo lwelunga lomgwamanda wakhe. Ungazibuza, “Yiliphi inani lokuthola isambulo?” Emva kwengxoxo, ungamema labo obavakashelayo ukuthi bacabange futhi benze icebo lokuthola imilayezo yenkomfa yajikelele ezayo “ngaphansi komthelela woMoya ofana nalo inkulumo inikezwe ngawo izinceku [zikaNkulunkulu].”

Shicilela