Ngo-2018
Ngenkathi Siqhubekela Phambili Ndawonye
Ngo-Epreli 2018


UMyalezo WobuMongameli BokuQala, ngo Ephreli 2018

Ngenkathi Siqhubekela Phambili Ndawonye

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, namhlanje ekuseni ngizizwa ngithobekile ngokuba nani. Ezinsukwini ezine ezedlule, sifihle isikhondla khondla sendoda ukuba siphumule, umphrofethi kaNkulunkulu––uMongameli uThomas S. Monson. Awekho amagama angachaza kahle ngobukhulu nangobuhle bempilo yakhe. Ngiyohlezi ngibazisa ubungani bethu ngokubonga ngakho konke angifundisa kona. Manje sekufanele sibheke ikusasa ngakho konke ukukholwa eNkosini yethu uJesu Kristu, leli okuyiBandla lakhe.

Ezinsukwini ezimbili ezedlule bonke abaPhostoli abaphilayo baba nomhlangano egumbini eliphezulu eThempelini iSalt Lake. Lapho bathatha isinqumo ngokuvumelana sokuthi, okokuqala, makubekwe kabusha ubuMongameli bokuQala, okwesibili, nokuthi mina ngithathe isikhundla sikaMongameli weBandla. Awekho amagama engingawakhuluma angachaza kahle ukuthi kwakunjani ngesikhathi abaFowethu––abaphethe zonke izikhiye zobuphristi ezabuyiselwa ngoMphrofethi uJoseph Smith kulesi sikhathi––bebeka izandla zabo ekhanda lami bengigcoba futhi bengahlukanisela ukuba ngibe nguMongameli weBandla. Engangikuzwa kwakungcwele futhi kungenza ngithobeke.

Emva kwalokho kwaba wumthwalo wami ukuba ngibone ukuthi ngobani iNkosi eyayisibalungisele ukuba ngabeluleki bami. Ngangizokhetha kanjani ababili kwabanye abaPhostoli abayiShumi naMbili, bonke engibathandayo? Ngiyayibonga kakhulu iNkosi ngokuphendula umkhuleko wami nginxusa. Ngibonga kakhulu ukuthi uMongameli uDallin Harris Oaks noMongameli uHenry Bennion Eyring bayavuma ukusebenza nami njengaBeluleki. UMongameli uDieter F. Uchtdorf usebuyele endaweni yakhe kuMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili. Usenikwe umsebenzi omkhulu ofanele yena yedwa.

Ngiyabahlonipha bobabili ngomsebenzi wabo omuhle kakhulu njengabeluleki baMongameli uMonson. Bebezinikele, benekhono, futhi beshisekeliswa. Sigcwele ukubonga ngabo. Bobabili bayavuma ukuthi manje basebenze lapho bedingeka khona kakhulu.

Njengo Mphostoli wesibili omdala kulomgwamanda, uMongameli u-Oaks usenguMongameli woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili. Kodwa-ke, njengoba ebizelwe kubuMongameli bokuQala, futhi ngokuhambisana nenqubo yeBandla, uMongameli uM. Russell Ballard, olandelayo ngobudala, nguye ozoba yiBambela likaMongameli walomgwamanda. UbuMongameli bokuQala buzosebenzisana nabayiShumi naMbili ukuze bayibone intando yeNkosi futhi baqhube umsebenzi Wakhe ongcwele.

Siyabonga ngemkhuleko yenu. Sikhulekelwe ngamalungu eBandla umhlaba wonke. Ngosuku mhla uMongameli uMonson edlula emhlabeni, umfanyana uBenson oneminyaka emine naye wamkhulekela. Ngizocaphuna emazwini akhe asencwadini eyayibhalwe ngunina ebhalela umkami, uWendy. UBenson wakhuleka wathi: “Baba oseZulwini, ngiyabonga ukuthi uMongameli uThomas S. Monson usengambona umkakhe futhi. Siyabonga ngomphrofethi wethu omusha. Msize abe nesibindi futhi angesabi ukuthi usemusha. Msize abe nempilo futhi aqine. Msize abe namandla ngoba uphethe ubuphristi. Sisize nathi siphathane kahle.”

Ngiyambonga uNkulunkulu ngabantwana abanjena futhi nangabazali abazimisele ngokwenza ukulunga––ngiyabonga ngabo bonke abazali, othisha, namalungu eBandla abathwele imithwalo enzima kodwa abasebenza ngezinhliziyo zabo zonke. Ngamanye amazwi, ngibonga ngokuzithoba ngani nonke.

INkosi yiyo esiholayo.

Ngenkathi siqhubekela phambili ndawonye, ngiyanimema ukuthi ke nicabange ngobuhle iNkosi ebusa iBandla Layo ngabo. Uma uMongameli weBandla edlula emhlabeni, akukho ukudideka mayelana nokuthi ngubani ozongena kuleso sikhundla. Akukho khetho olwenzekayo, akukho mkhankaso, kodwa kusebenza kuphela isu lokulandelana elivela kuNkulunkulu, elibekwe yiNkosi uqobo.

Nsuku zonke uMphostoli kukhona akufundayo futhi ulungiselelwa eminye imisebenzi azoyenza kusasa. Kuthatha isikhathi eside kakhulu ukuthi uMphostoli adlulele ezikhundleni eziphezulu kumgwamanda. Ngaleso sikhathi esafunda, uzuza okuningi ngokuphathelene nemikhakha eyahlukene yomsebenzi weBandla. Uphinde afunde okuningi ngabantu emhlabeni, ngokuphathelene nemilando yabo, amasiko abo, nezilimi, ngesikhathi ethunywa ukuyokwenza imisebenzi eminingi emhlabeni wonke. Uhlelo lokulandelana kubuholi baleli Bandla luhlukile. Akukho okunye engikwaziyo okufana nalo. Lokho kufanele kungasimangazi, ngoba yiBandla leNkosi leli. Ayisebenzi ngendlela yabantu.

Sengisebenze kuMgwamanda wabayiShumi naMbili ngaphansi koMongameli abahlanu beBandla. Sengike ngabona uMongameli ngamunye kubo ethola isambulo futhi elandela umyalo kuleso sambulo. INkosi izohlezi ibayala futhi ibashisekelisa abaphrofethi Bayo. INkosi yiyo esiholayo. Thina esigcotshelwe ukufakaza ngegama Lakhe eliNgcwele emhlabeni wonke sizoqhubeka nokufuna intando Yakhe futhi siyilandele.

Hlalani eNdleleni yesiVumelwano

Manje, sengithi kwilunga ngalinye kuleli Bandla, hlala endleleni yesivumelwano. Ukuzinikela kwenu ukuba nilandele uMsindisi ngokwenza izivumelwano Naye futhi nizigcina lezo zivumelwano kuzovula umnyango wazo zonke izibusiso zomoya ezingatholakala kubo bonke abantu yonke indawo.

NjengobuMongameli obusha, sifuna ukuqala ngokokugcina. Ngakho-ke, sikhuluma nani namhlanje sise thempelini. Esikuphokophelele sonke ekugcineni wukuba siphiwe isipho samandla endlini yeNkosi, sihlanganiswe njengemindeni, sithembeke kuzo zonke izivumelwamo esizenze ethempelini ukuze sizuze esikhulu kunazo zonke izipho zika Nkulunkulu––ukuphila kwaphakade. Izimiso zethempeli nezivumelwano enizenza lapho zizoqinisa izimpilo zenu, imishado yenu, futhi nizokwazi ukumelana zano zonke izilingo zesitha. Ukukhonza kwenu ethempelini ngokunjalo nosizo enilwenzela okhokho benu lapho kuzonibusisa ngokuthi nizitholele izambulo eziqondene nani ngokunjalo nokuthula futhi nizoqina ekutheni nihlale kuleyo ndlela yesivumelwano.

Uma-ke kukhona ophumile endleleni, ngicela ukukumema ngenhliziyo yami yonke ukuba ubuye. Noma ngabe yikuphi okukukhathazayo, noma ngabe yikuphi okukuxakile, yazi ukuthi unendawo kuleli Bandla leNkosi. Kuzobusiseka wena ngokunjalo nezizukulwane eziseza emva kwakho ngokuthatha kwakho isinqumo sokuthi ubuyele endleleni yesivumelwano. UBaba wethu oseZulwini uyabazisa bonke abantwana Bakhe, futhi ufuna sonke sibuyele Kuye ekhaya. Yikho-ke lokhu okuyinjongo enkulu yeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele besiNsuku zokuGcina––ukusisiza sonke ukuba sibuyele ekhaya.

Ngifisa nazi ukuthi ngigcwele uthando lwenu nonke––uthando oselukhule iminyaka eminingi ngihlangana nani, ngikhonza nani, futhi ngisebenza nani. Umthwalo esiwunikiwe wukuba siye kuzo zonke izizwe, izihlobo, izilimi nabantu, sibasize ukuba balungiselele ukuBuya kwesiBili kweNkosi. Sizokwenza konke lokhu ngokholo eNkosini uJesu Kristu, sazi kahle ukuthi Nguye osiholayo. Ngumsebenzi Wakhe lona futhi yiBandla Lakhe leli. Siyizinceku Zakhe.

Ngizinikele kakhulu kuNkulunkulu uBaba wethu waPhakade naku Jesu Kristu, iNdodana Yakhe. Ngiyabazi, ngiyabathanda, futhi ngizobasebenzela––nani ngokunjalo––ngawo wonke umphefumulo wami osasele. Egameni elingcwele likaJesu Kristu, amen.

Shicilela