Ngo-2018
Ukuthola usizo ukuze sikwazi ukusiza abanye
ngo-Okthoba 2018


Isithombe
ministering

Imigomo Yokusebenzela Abanye, ngo-Okthoba 2018

Ukuthola usizo ukuze sikwazi ukusiza abanye

Singasebenzisana kanjani nabanye uma sidinga usizo ukuze sikwazi ukusebenzela abanye na? Bamba iqhaza uma kuxoxiswana ngokusebenzela abanye nasemihlanganweni yangosuku lwange Sonto lokuqala.

Kwathi uma isifo sokulimala kwemizwa sikhubaza uKa thy sidala ukuthi angabe esakwazi ukuhamba, wathola ukuthi wayedinga usizo njalo ebusuku ukuze asukume esihlalweni agibele embhedeni wakhe. Kwaku wumsebenzi omkhulu lowo ukuthi wayenga sizwa ngumuntu oyedwa. Ngenxa yalokho umgwamanda wama gosa wabonisana ngesimo sakhe base benquma ukumsiza njalo ebusuku.1

Uma sesazi ngezidingo zalabo esibasebenzelayo, singathola ukuthi sidinga usizo kwathina ukuze sikwazi ukubhekana nezidingo zabo. Izingxoxo zokusebenzelana kanye nemihlangano yangosuku lwange Sonto lokuqala iyithuba elihle lokubonisana ngokuthi singababandakanya kanjani abanye ngendlela efanelekile.

Ukuxoxisana Ngokusebenzela Abanye

Lemihlangano ebanjwa njalo emva kwezinyanga ezine eba phakathi kodade abasebenzelayo kanye nobumongameli beNhlangano yokuSiza yabesiFazane noma phakathi kwabafowethu abasebenzelayo nobumongameli bomgwamanda wamagosa, yiyo kuphela eyindlela yokubika ngendlela efanele ngokuphathelene nalabo esiba sebenzelayo. Umhlangano wokuxoxisana yithuba elihle kakhulu lokuthi njalo emva kwezinyanga ezine (1) kuboniswane ngezidingo nezinkinga zaleyo mindeni nabantu abasetshenzelwayo; (2) kuvunyelwane ngokuthi yiziphi izidingo umgwamanda, iNhlangano yokuSiza yabesiFazane, noma umkhandlu we wadi ongazigcwalisa, nokuthi (3) kufundwe kubaholi futhi kutholakale nogqozi lokwenza imizamo yokusebenzela abanye.

Umongameli womgwamanda wamagosa nomongameli weNhlangano yokuSiza yabesiFazane bazisa umbhishobhi ngalezi zidingo futhi baphinde bathole ukululekwa nokuholwa nguye.

Ungaluthola olunye ulwazi ngokuphathelene nokuxoxisana ngokusebenzela abanye ku ministering.lds.org.

Masikwenze kube nesi sindo ukuxoxisana ngokusebenzela abanye

Esekela okwakushiwo ngu Mongameli uRussel M. Nelson mayelana nokuthi ukusebenzela abanye kuzoba yisi sekelo somsebenzi waleli Bandla, iGosa uGary E. Stevenson woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili wasifundisa wathi: Ukugcwaliseka kombono wakhe… kuzoncika ekutheni bafundiseka kangakanani odade nabafowethu abasebenzela abanye ngesikhathi kuxoxiswana ngokusebenzela abanye.”2

Nanka amaphuzu amahlanu angasiza odade nabafowethu abasebenzela abanye:

  • Yana emhlanganweni ulindele ukwelulekwa. Hlala ukulindele ukufunda

  • Zilungisele ukuthi ukhulume ngalezo zidingo nawe ongadinga usizo ukuze ukwazi ukuzanelisa.•

  • Gxila kakhulu lapho umuntu eqine khona nakulokho akwazi ukukwenza, hhayi nje kuphela kulokho akudingayo.

  • Xoxisanani ngokuthi yimiphi imphumela ezobe ikhombisa ukuthi ubasebenzela ngempumelelo labo obavakashelayo.

  • Xhumana nobumongameli ukuze nibonisane njalo emva kwezinyanga ezine uma kunesidingo.

Nanka amaphuzu amahlanu angasiza abaholi.•

  • Ingxoxo ayidingi ukuthi ibeyinde, kodwa hlela isikhathi esanele sokuhlangana endaweni ezokwenza nikwazi ukukhuluma kahle.

  • Zinike ithuba lokuthi uke umsebenzele udade noma umfowethu osebenzela abanye

  • Musa ukubuza imibuzo ezokwenza kubonakale sengathi uqonde ukubala ukuthi abantu babonwa kangaki (“Ubasebenzelile yini abanye na?”) Buza imibuzo ezokwenza abantu benze lokho okufunekayo (“Ngabe kukhona yini okuzwile ngesikhathi ukhulekela umndeni na?” Yini eyenzekile ngesikhathi kukhona okwenzile ulandela lokho okuzwile na?).•

  • Lalelisisa futhi ukubhale phansi okubalulekile.

  • Bonisanani Labo abasebenza ndawonye banelungelo lokutholela imindeni abayisebenzelayo isambulo.

Imibuzo nezimpendulo ngengxoxo yokusebenzela abanye

Kuqondweni ngengxoxo yokusebenzela abanye na?

Wukuxoxisana phakathi kwabafwethu abasebenzela abanye nelunga lobumongameli bomgwamanda wamagosa noma phakathi kodade abasebenzela abanye nelunga lobumongameli beNhlangano Yokusiza okwenzeka lapho bengakwazi khona ukufuna nokuthola ukuboniswa nguMoya oNgcwele. Ngenxa yalokho, abafwethu nodade abasebenzela abanye bangaboniswa ukuthi bangayigada kanjani imindeni abathunywe kuyo, bayithande, bayifundise, futhi bayiduduze ngendlela uMsindisi enza ngayo.

Ngabe kufanele yini ukuthi kukhulunywe ubuso nobuso uma kuxoxwa ngalezi zinto na?

Ngokujwayelekile kufanele kube njalo, kodwa uma kungeke kwenzeke kanjalo kungakhulunywa ngocingo noma nge Internet. Ngokujwayelekile, labo abasebenza ndawonye kufanele babe khona bobabili uma kukhulunywa.

Ngabe yini injongo ngalezi zingxoxo ngokusebenzela abanye na?

Lezi zingxoxo ziveza ithuba lokuthi ke kubhekwe isimo esikhona njengamanje, bese kwenziwa izinhlelo zokubhekana naleso simo, futhi nokuthi kutholakale usizo oludingekayo ngokuphathelene nabantu noma imindeni ezosetshenzelwa. Yithuba futhi lokuthi kuboniswane ngosizo olungalethwa wumgwamanda noma iNhlangano yoSizo.

Ngabe kufanele ngenze njani uma kukhona udaba olubucayi na?

Udaba olubucayi lukhulunywa nomongameli wamagosa noma umongameli weNhlangano yoSizo––noma ke noMbhishobhi ngqo. Udaba olubucayi akufanele ludingidwe emihlanganweni ebanjwa ngosuku lwangeSonto lokuqala enyangeni.

Imihlangano yokubonisana ebanjwa ngosuku lokuqala lwangeSonto

Nakuba kukhona izingxoxo ngokusebenzela abanye, imihlangano yokubonisana ebanjwa ngosuku lokuqala lwangeSonto ingenye indlela yokubandakanya abanye. Emihlanganweni yeNhlangano yoSizo neyomgwamanda abakhona emhlanganweni bangathola imiqondo ethile evela kuMoya Ongcwele nakwabanye abakhona emhlanganweni.

Inhloso yomhlangano wokubonisana yilena:

  • Ukubonisana ngemisebenzi eqondene nomuntu, amathuba avelayo, nezinkinga ezikhona

  • “Ukufunda kwabanye asebebone okuningi; kanye

  • “Nokwenza izinhlelo ngokuzokwenziwa kulandelwa ukuboniswa nguMoya oNgcwele.”3

Imihlangano yokubonisana ayigcini nje ngokuxoxa kuphela: lemihlangano isiholela ekutheni kube khona esikwenzayo ngabanye noma sihlangene njengokuboniswa nguMoya oNgcwele. Amalungu eBandla angezwa enesifiso sokufeza umsebenzi weNkosi ngenxa yalemihlangano.

Isimemo sokwenza okuthile

“Umkhuleko wethu namhlanje,” kusho uJeffrey R Holland woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili, “wukuthi amadoda nabesifazane––ngokunjalo nabafana namantombazane asekhulile––bazozinikela ngezinhliziyo zabo zonke ukuthi banakekelane, beqhutshwa kuphela wuthando olumsulwa lukaKristu.”4

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  • Bheka kwiMormon Messages i-video “Lift” lds.org/media-library.

  • Gary E. Stevenson, “Ministering Interviews” (video), ministering.lds.org

  • Come, Follow Me––For Melchizedek Priesthood and Relief Society, in Ensign noma Liahona, ngo Nov. 2017, 140; iyatholakala futhi ku comefollowme.lds.org

  • Jeffrey R. Holland, “Be With and Strengthen Them,”Ensign noma Liahona, May 2018, 103.

Shicilela