Ngo-2020
Ukusizana Ngohlelo Lwabantwana Nolwentsha
Ngo-Okthoba 2020


“Ukusizana Ngohlelo Lwabantwana Nolwentsha,” iLiyahona, ngo-Okthoba 2020

Isithombe
Imigomo Yokusizana

Izithombe nguTom Garner, Isaac Darko-Acheampong, Alexander K. Boateng, noJonas Rebicki

Imigomo Yokusizana, ngo-Okthoba 2020

Ukusizana Ngohlelo Lwabantwana Nolwentsha

Ukumema abanye ukuba bakhule nokubasiza endleleni kuwumnyombo wokusizana.

Maningi amathuba okusizana ngohlelo Lwabantwana Nolwentsha. Kungenzeka unabantwana noma intsha okungeyakho ekhaya. Mhlawumbe ungumholi kulo loluhlelo noma usiza imindeni enabantwana nentsha. Noma mhlawumbe kukhona abantwana nentsha oyaziyo (njengathi sonke). Noma ngabe isimo sakho sinjani, ziningi izindlela ongasebenzisa ngazo loluhlelo noma imigomo yalo ukuze ubusise izimpilo zabanye.

Ukuzithuthukisa Sindawonye

Okusemqoka ngohlelo Lwabantwana Nolwentsha wukugxila emizamweni yokuba njengoMsindisi usuku nosuku, owayesiza abantu ngokuphelele. Iningi lalabo asebeke babamba iqhaza kuloluhlelo bafunde ukuthi ngesikhathi uthuthuka ngezindlela ezahlukahlukene empilweni yakho, yilapho uzokuhlomela kangcono ukusiza abanye.

Kodwa ngohlelo Lwabantwana Nolwentsha, akudingeki ukuba ulinde ukufunda okuthile ngaphambi kokuba ukwazi ukubusisa abanye. Isenzo sokufunda sona uqobo sakha amathuba okusizana.

Kulensizwa enegama likaMphrofethi ehlala eGana, ukuba nenhloso yokufunda ukudlala upiyano kuloluhlelo Lwabantwana Nolwentsha kwakuseyisiqalo nje. “Inhloso yami futhi ukusiza abanye abantu bazi ngalokho engikufundayo,” kusho uMphrofethi.

Nakuba engakabi nguthisha, usenenhloso enkulu kakhulu ngendlela angakaze ayicabange. Manje sekunabafundi abangama-50 abenza izifundo zokudlala upiyano noMphrofethi endlini yokukhonza. Ngabe ubani lona ofundisa uMphrofethi nabanye abafundi abangama-50 na? U-Alexander M. noKelvin M., bobabili baneminyaka eyi-13. “Sifuna ukubonisa izenzo zomusa kwabanye abantu,” kusho uKelvin.

Izinsuku ezintathu ngesonto labafana ababili bafundisa izifundo zopiyano zamahhala okuyizona ezibalulekile kubo bonke abezayo ukuzofunda. Kubekhona enye inzuzo kulezi zifundo zopiyano. Kunabafundi abambalwa abaziswe ngaleliBandla ngesikhathi benza izifundo zopiyano kamuva abalifundile ivangeli futhi bathatha isinqumo sokubhabhadiswa.

Ngesikhathi nathi senza imizamo yokuzithuthukisa, singakwazi ukubasiza abanye ngokubamema ukuba bahlanganyele nathi.

Isu Eliphumelelayo Lokusizana

Njengomongameli weNhlangano yabaNtwana yesikhonkwane, uSabrina Simões Deus Augusto wase-Curitiba, eBrazil, ubonil’ ukuthi ingxenye yaloluhlelo eqondene nokuzithuthukisa ibasize kanjani abantwana nentsha yesikhonkwane sakhe. Kodwa futhi uphinde wabona ezinye izindlela eziningi zokusebenzisa lokho akufundile ngokuzithuthukisa emsebenzini wakhe njengodade osizayo.

UDadewethu u-Augusto uthi: “Uma ngikhulisa ikhono, ngingalisebenzisa lelo khono ukubusisa umuntu engimsizayo.”

UDadewethu u-Augusto wafundisa omunye wodade anikwe umsebenzi wokubasiza ukuthi wenziwa kanjani ushokoledi. Lowo dadewethu manje useyakwazi ukwenza futhi athengise ushokoledi ukuze aziphilise. “Emva kwezinyanga, ngabusiseka ngesikhathi omunye udadewethu engifundisa ukwenza isinkwa soju engingakwaz’ ukusithengisa,” kusho uDadewethu u-Augusto. “Ukuthuthukisa nokukhombisana amathalente ethu kungasibusisa futhi kwenze ngcono ubudlelwano bethu njengodade abasizanayo.”

Shicilela