Ngo-2021
Umsebenzi waseThempelini
ngo-Okthoba 2021


“Umsebenzi waseThempelini,” iLiyahona, Okthoba 2021

Umlayezo Wanyanga Zonke we Liyahona, Okthoba 2021

Umsebenzi waseThempelini

Amathempeli ayindlu yeNkosi. Singathola izimiso futhi senze izivumelwano naYe emathempelini. Singenzela nokhokho bethu izimiso ethempelini.

Isithombe
ithempeli

Isithombe sethempeli laseBarranquilla eColombia ngu-Bruno Lima

Kuwo wonke umlando, iNkosi iyalele abantu baYo ukuba bakhe amathempeli. Amathempeli yizindawo ezingcwele lapho singaluzwa khona uthando lukaNkulunkulu, sithole izimiso, futhi senze izethembiso naYe. IBandla lakha amathempeli emhlabeni jikelele ukuze abantu abaningi babe nalezi zibusiso.

Isithombe
owesifazane phambi kwethempeli

Isithombe sowesifazane phambi kweThempeli lase-Oquirrh Mountain Utah ngu-Nexeo noMatthew Reier

Ukwembathiswa

Amalungu eBandla aphila ngokulunga aya ethempelini ukuyokwamukela izimiso futhi enze izivumelwano, noma izethembiso, noNkulunkulu. Isimiso esisodwa esisithola ethempelini ukwembathiswa. Igama ukwembathiswa lisho “isipho.” Ukwembathiswa ethempelini yisipho esivela kuNkulunkulu. Kulesimiso sifunda ngesu likaBaba oseZulwini lwensindiso, futhi senza izivumelwano zokugcina imiyalo kaNkulunkulu. Uma sithembekile ezivumelwaneni esizenzayo, uNkulunkulu uzosibusisa.

Isithombe
izithandani phambi kwethempeli

Isithombe sezithandani ezihambayo ngaseThempelini lase-Manila e-Philippines ngu-Cristina Smith

Ukubopha Imindeni Ndawonye

Umshado wasethempelini ubizwa nangokuthi ukuboshwa. Ngesikhathi izithandani zibekwa ziboshwa ethempelini futhi zigcina izivumelwano zazo, zizoshada ingunaphakade. Uma zinezingane, lezo zingane nazo zizoboshelwa kuzo. Abazali ababoshwa ngemuva kokuba babenezingane bangakwazi ukuba nezingane zabo ziboshelwe kubo. Uma bephila ngokulunga, bazoba umndeni kuze kube phakade.

Isithombe
Indawo yokubhabhadisa eThempelini laseLisbon ePortugal

Isithombe sendawo yokubhabhadisa eThempelini laseLisbon ePortugal nguLeslie Nilsson

Umsebenzi waseThempelini wabaNtwana Bonke baNkulunkulu

Senza umsebenzi womlando womndeni ukuthola ulwazi mayelana nokhokho bethu. Bese sibenzela umsebenzi wasethempelini. Sibenzela zonke izimiso ezidingwa ngabaphilayo: ukubhabhadiswa, ukuqiniswa, ukwamukela ubupristi (okwabesilisa), ukwembathiswa, nokuboshwa. Bangabe sebezikhethela ukuthi bayafuna yini ukuzamukela lezi zimiso na. Ngalendlela, bonke abantwana baNkulunkulu bangazijabulela izibusiso zevangeli.

Isithombe
umndeni phambi kwethempeli

Isithombe somndeni phambi kweThempeli lasePhiladelphia ePennsylvania nguCody Bell

Izibusiso zoMsebenzi waseThempelini

Uma sigcina izivumelwano esizenzayo ethempelini, sizobusiswa, sivikelwe, futhi siqiniswe. Amandla obupristi azobanathi. Imindeni yethu izoba ndawonye ingunaphakade.

Ithempeli liphinde libe yindawo yokuthula neyesambulo. Njengoba senza umsebenzi wasethempelini, singathola ukuholwa ngokomoya futhi sizwe uthando lukaNkulunkulu.

Shicilela