“Imibhalo Engcwele: Izwi likaNkulunkulu,” iLiyahona, ngoJulayi 2022.
Umyalezo Wanyanga Zonke weLiyahona, ngoJulayi 2022
Imibhalo Engcwele: Izwi likaNkulunkulu
Imibhalo engcwele iyizincwadi ezingcwele ezabhalwa ikakhulukazi ngabaprofethi. Imibhalo engcwele ifakaza ngoJesu Kristu futhi ifundisa ngevangeli Lakhe. Imibhalo engcwele esemthethweni yeBandla yiBhayibheli (ekubalwa kulo iTestamente eliDala kanye neTestamente eliSha), iNcwadi kaMormoni, IMfundiso neziVumelwano, kanye neGugu leNani eliKhulu.
ITestamente eliDala
ITestamente eliDala lingumbhalo wezenzo zikaNkulunkulu kubantu Bakhe besivumelwano ezikhathini zasendulo. Lihlanganisa izimfundiso zabaprofethi abanjengoMose, uJoshuwa, u-Isaya, uJeremiya, kanye noDaniyeli. Nakuba lalibhalwe eminyakeni eyizikhulu edlule ngaphambi kokuzalwa kukaJesu Kristu, abaprofethi abaningi beTestamente eliDala babhala Ngaye.
ITestamente eliSha
ITestamente eliSha lilanda ukuzalwa, ukuphila ngokwasenyameni, izimfundiso, kanye neNhlawulo kaJesu Kristu. Liqukethe futhi izimfundiso zabaPostoli baKristu nabanye abafundi. ITestamente eliSha liyasisiza ukuba siqonde indlela yokuphila ivangeli likaJesu Kristu namuhla.
INcwadi kaMormoni: Elinye iTestamente likaJesu Kristu
INcwadi kaMormoni ingumbhalo wabanye abantu ababephila eMelika yasendulo. Iqukethe izimfundiso zabaprofethi, futhi inhloso yayo enkulu ukwenza bonke abantu bakholwe ukuthi uJesu unguKristu. UmProfethi uJoseph Smith wayihumusha eyisusa ezingcwepheni zegolide ngesipho nangamandla kaNkulunkulu.
IMfundiso neziVumelwano
IMfundiso neziVumelwano iqukethe izambulo ezanikezwa uJoseph Smith nabanye abaprofethi bezinsuku zokugcina. Lezi zambulo zichaza ukuthi kumele lihlelwe kanjani iBandla likaKristu. Ziqukethe futhi izimfundiso zevangeli ezimqoka mayelana nobupristi, izimiso zevangeli, kanye nanokuthi kwenzekalani emva kwalempilo.
IGugu leNani eliKhulu
IGugu leNani eliKhulu lihlanganise izincwadi zikaMose no-Abrahama, ubufakazi bukaJoseph Smith, kanye nemiBhalo yoKholo yeBandla. Liqukethe futhi uJoseph Smith—Mathewu, ingxenye yesihumusho sikaJoseph Smith seTestamente eliSha.
Ukufunda Imibhalo Engcwele
Abaprofethi basifundise ukuthi sifunde imibhalo engcwele mihla namalanga. Ukwenza lokhu kusisiza ukuthi sikhulise ukholo lwethu futhi sizisondeze kuBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu. Ngesikhathi sifunda imibhalo engcwele ngomkhuleko, uMoya oNgcwele uzosisiza ukuthi sithole izimpendulo zemibuzo yethu.
Abaprofethi Bezinsuku Zamanje
Ngesikhathi abaprofethi nabapostoli ezinsukwini zamanje bekhuluma ngamandla kaMoya oNgcwele, amazwi abo abanjengemibhalo engcwele. Isibonelo esisodwa salokhu yingqungquthela yebandla lonke. Singazifunda izimfundiso zengqungquthela ezincwadini zangoMeyi noNovemba zeLiyahona.
© 2022 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Ishicilelwe eMelika Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Liahona Message, July 2022. isiZulu. 18298 783