Ngo-2023
Imindeni Ingeyaphakade
NgoJanuwari 2023


“Imindeni Ingeyaphakade,” iLiyahona, ngoJanuwari 2023.

Umlayezo waNyanga zonke we Liyahona ngoJanuwari 2023

Imindeni Ingeyaphakade

Isithombe
umndeni omamathekayo

Umndeni uyisisekelo esibalulekile somphakathi kanye neBandla. Amalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina akholwa wukuthi imindeni ingaba ngeyaphakade. Sisebenzela ukuqinisa imindeni yethu emhlabeni. Sinokholo futhi lokuthi singasithola isibusiso somndeni waphakade.

UMndeni kaNkulunkulu

Ngokomoya bonke abantu bangamadodana noma amadodakazi abazali basezulwini. Sonke siyingxenye yomndeni kaNkulunkulu. Sonke sinobunjalo bukaNkulunkulu futhi sidalelwe okukaNkulunkulu. Uma siphila ngokulunga, singabuyela siyophila noBaba wethu oseZulwini njengengxenye yomndeni Wakhe ingunaphakade.

Isithombe
izithandani ezisanda kushada ngaphandle kwethempeli

Isithombe somshado nguJoseph Kaluba

Imindeni Yaphakade

Lapho owesilisa nowesifazane beshada ethempelini futhi begcina izivumelwano zabo, umshado wabo uyohlala ingunaphakade. Lesimiso sasethempelini sibizwa ngokuthi ukubopha. Abantwana abazalwa emva kokuba abazali babo sebeboshiwe bazalwa kuleso sivumelwano. Abantwana abazalwe ngaphambi kokuba abazali baboshwe bangaboshelwa kubo ethempelini ukuze babe ngumndeni ingunaphakade. Amalungu eBandla enza umlando womndeni kanye nomsebenzi wasethempelini ukuze babophe imindeni yabo ndawonye kuzo zonke izizukulwane. Isibusiso somndeni waphakade singatholakala ngenxa kaJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe.

Umshado

Umshado phakathi kwendoda nowesifazane umiswe nguNkulunkulu. Ivangeli likaJesu Kristu lifundisa abayeni namakhosikazi ukuba bathembeke omunye komunye futhi nokuthi bazigcine izivumelwano zabo zomshado. Kufanele bathembeke ngokucabanga, ngokukhuluma, nangokwenza. Umshado ungubudlelwano obunokulingana, futhi abaganene kufanele bakhuthazane, baduduzane, futhi basizane.

Isithombe
abazali abanosana

Abazali Nabantwana

UNkulunkulu wayala u-Adamu no-Eva ukuba babe nabantwana. Abaholi bebandla bafundise ukuthi lomyalelo usamile. Omama nobaba basebenza ndawonye ukukhulisa abantwana babo ngothando nangokulunga (bheka IMfundiso neziVumelwano 68:25–28). Abantwana bafundiswa ukuba bahloniphe futhi balalele abazali babo (bheka ku Eksodusi 20:12).

Ukufundisa nokuFunda

Abazali bafundisa abantwana babo ukuba bamthande uNkulunkulu futhi bahloniphe imiyalelo Yakhe. Impilo yomndeni isinika amathuba okuba sizwe injabulo futhi sifunde ukubekezela kanye nokuzidela. Lezi zenzo zisisiza ukuba sibe njengoNkulunkulu futhi zisilungiselele ukuba siphile ngentokozo njengemindeni ingunaphakade.

Ukuqinisa Imindeni

Kudingeka ukusebenza, ukuzinikela, kanye nokubekezela ukwakha umndeni onempumelelo. Izimfundiso zevangeli ezinjengokholo, umkhuleko, ukuxolela, uthando, ukusebenza, kanye nokuzijabulisa okuhle zingasisiza sithole injabulo empilweni yomndeni. Singaphinde sithole isambulo somuntu siqu ukuze sazi ukuthi singayiqinisa kanjani imindeni yethu.

Isithombe
isithombe sikaJesu Kristu

Christ’s Image [Umfanekiso kaKristu], nguHeinrich Hofmann

Izibusiso Ezingatholakala Kubo Bonke

Akuyena wonke umuntu onethuba lokuba yingxenye yomndeni awufisayo lapha emhlabeni. Kodwa uNkulunkulu wethembise ukuthi bonke abagcina imiyalelo Yakhe bazozithola zonke izibusiso zomndeni waphakade. Singathembela Kuye futhi sibe nokholo esikhathini Sakhe.

Shicilela