Ngo-2023
Imibuso yeNkazimulo
NgoNovemba 2023


Umyalezo Wanyanga Zonke we Liyahona yangoMeyi 2023

Imibuso yeNkazimulo

Okucashuniwe

Isithombe
omunye umbhalo

eMadagascar

Imfundiso eyembuliwe yeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina elibuyisiwe ifundisa ukuthi bonke abantwana baNkulunkulu—ngaphandle kwedlanzana elilinganiselwe kakhulu ukuba licatshangelwe lapha—ekugcineni bayodla ifa lombuso owodwa kwemithathu yenkazimulo, ngisho nomncane wayo “odlula konke ukuqonda” [IMfundiso neziVumelwano 76:89]. …

Enye imfundiso eyingqayizivele kanye nokwenza kweBandla elibuyisiwe imiyalelo nezivumelwano ezimbuliwe ezinikeza bonke abantwana bakaNkulunkulu ilungelo elingcwele lokufanelekela izinga eliphezulu lenkazimulo embusweni wesilestiyali. Leyo ndawo ephakeme kakhulu—ukuphakanyiswa embusweni wesilestiyali—ilokho iBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina eligxile kukho. …

… Enkazimulweni “yesilestiyali” kunamazinga amathathu, eliphakeme kakhulu kuwo elokuphakanyiswa embusweni wesilestiyali. …

Isu likaNkulunkulu, elisekelwe eqinisweni laphakade, lidinga ukuthi ukuphakanyiswa kungazuzwa kuphela ngokwethembeka ezivumelwaneni zomshado waphakade phakathi kowesilisa nowesifazane ethempelini elingcwele, lowo mshado ozotholakala ekugcineni kubo bonke abathembekile. …

Ukwahlulelwa Kokugcina akukhona nje ukuhlola isamba sezenzo ezinhle nezimbi—lokho esikwenzile. Kusekelwe emphumeleni wokugcina wezenzo nemicabango yethu—lokho esesiyikho. Sifanelekela ukuphila okuphakade ngenqubo yokuguquka. …

Ngenxa kaJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe, uma sisilela kulempilo, singaphenduka futhi sijoyine indlela yesivumelwano eholela kulokho uBaba wethu waseZulwini asifisela kona.

Shicilela