ILiyahona
UkuKhanya Kwethu Ehlane
NgoJanuwari 2024


“UkuKhanya Kwethu Ehlane,” iLiyahona, ngoJanuwari 2024.

Umlayezo waNyangazonke weLiyahona ngoJanuwari 2024

UkuKhanya Kwethu Ehlane

Labo abayifunda ngobuqotho Incwadi kaMormoni, baphile ngemithetho yayo, futhi bathandazele ubuqiniso bayo bazowuzwa uMoya oNgcwele futhi bakhulise ukholo lwabo, kanye nobufakazi boMsindisi.

Isithombe
umfowabo kaJarede namatshe acwebezelayo

Isithombe sikamfowabo kaJarede namatshe acwebezelayo ngu-Normandy Poulter

Ngisho ngisengumfana omncane, nganginabo ubufakazi beNcwadi kaMormoni. Ngazizwa ngikhangwa kakhulukazi yindaba kamfowabo kaJarede nabantu bakhe ohambeni lwabo olwaluya “(e)zweni lesethembiso” (Etere 2:9).

Ngesikhathi bebhekene nethemba lokuhamba ngezikebhe ezingakhanyisiwe, umfowabo kaJarede wabuza, “Bheka, O Nkosi, uzosivumela yini ukuthi sinqamule lamanzi amakhulu ebumnyameni na?” Iphendula, iNkosi yathi: “Ufuna ukuthi ngenzeni ukuze nibe nokukhanya ezikebheni zenu na?” (Etere 2:22, 23).

Umfowabo kaJarede wayazi ukuthi iNkosi yayinamandla onke. Wayazi ukuthi iNkosi yayingumthombo wakhokonke ukukhanya. Wayazi ukuthi iNkosi yayibayalile abantu bayo ukuba baYibize ngesikhathi sokudinga. Ngakho, ukubonisa ukholo lwakhe eNkosini, umfowabo kaJarede walungisa amatshe amancane ayi-16. Uyakhumbula ukuthi wabe esecela iNkosi ukuba ithinte amatshe ngomunwe Wayo, “ukuthi akhanye ebumnyameni” (Etere 3:4).

Isithombe seNkosi ithinta lawomatshe saqopheka engqondweni yami kusukela ngiqala ngqa ukufunda leyondaba. Ngisayibona indawo yesehlakalo leso sengathi kwenzeka phambi kwamehlo ami. Mhlawumbe lokho kungenxa yokuthi isithombe sobumnyama sichithwa wukukhanya singokoqobo kimi.

Uma ngingawuzwa uMoya oNgcwele, uma ngiphumile kancane ekuvumelaneni noMoya weNkosi, ngizwa ubumnyama. Kodwa uma ngifunda iNcwadi kaMormoni, ukukhanya kuyabuya. INcwadi kaMormoni kimi ibe njengetshe elikhazimulayo elithintwe yiNkosi. Ikhanyise uhambo lwami empilweni.

UkuKhanya Phakade

Njengabalethwa ngesandla seNkosi eMelika yasendulo sonke sibhekana nezivunguvungu nezinsuku ezimnyama ngesikhathi sohambo lwethu oluya ezweni lesethembiso lokuphakanyiswa. Kodwa iNkosi izosenzela lokho Eyakwenzela amaJarede namaNefi. Uyakusihola futhi akhanyise indlela yethu—uma siMlalela, sibonisa ukholo lwethu Kuye, futhi sicela nosizo Lwakhe.

INkosi yatshela uNefi yathi, “ Ngiyokuba wukukhanya kwenu ehlane; futhi ngiyonilungisela indlela phambi kwenu, uma kungukuthi niyoyigcina imiyalelo yami; ngalokho-ke, kangangoba niyoyigcina imiyalelo yami niyoholelwa ezweni lesethembiso; futhi niyokwazi ukuthi kungenxa yami ukuthi niyaholwa” (1 Nefi 17:13).

INkosi yatshela uJakobe umfowabo kaNefi yathi, “Ngiyokuba ngukukhanya kubo ingunaphakade, labo abezwa amazwi ami” (2 Nefi 10:14).

NgoMsindisi, umphrofethi u-Abinadi wethula ubufakazi wathi, “Ungukukhanya kanye nokuphila komhlaba; yebo, ukukhanya okungapheliyo okungenakufiphaliswa nanini” (Mosiya 16:9).

Ngaye, uMsindisi wethula ubufakazi wathi, “Ngingukukhanya nokuphila komhlaba.” Wanezela wathi, “Bhekani, ngingukukhanya, nginenzele isibonelo” (3 Nefi 9:18; 18:16).

Isithombe
UMongameli u-Russell M. Nelson ehamba

Ukuzwa ukuKhanya

Ngiyamuthanda umphrofethi wethu, uMongameli u-Russell M. Nelson. Nginesibusiso sokusebenzela eceleni kwakhe. Lapho engena egunjini, lelogumbi ngokushesha lizwa ukukhanya. Uphethe ukukhanya kukaKristu kuye.

Ukukhanya kukaKristu kungokoqobo. “Kungumdlandla ongcwele, amandla, noma ithonya elivela kuNkulunkulu ngoKristu futhi kunikeza ukuphila nokukhanya kuzozonke izinto.” Kuyisipho somoya esiyigugu esingaholela abantwana baka Nkulunkulu kuMoya oNgcwele nasevangelini lika Jesu Kristu.1 Ukufunda iNcwadi kaMormoni, kuyakuqinisa lokho kuKhanya.

Ngezinye izikhathi kudingeka sibheke emuva ezimpilweni zethu ukuze sikhumbule ukuthi sisizwe kanjani ohambeni lwethu. Lapho sibheka emuva, singalizwa ithonya likaMsindisi futhi. Lapho imibhalo engcwele ithi, “Khumbulani, khumbulani” ku (Helamani 5:12), Ngicabanga ukuthi isitshela ukuthi, “Ungakhumbuli nje owake wakwazi noma wakuzwa; kodwa izwa lokho kukhanya futhi.”

Kwabanye ukuzwa ukukhanya ngokomoya kuza kalula. Kwabanye, ukukhanya ngokomoya kungaba nzima ukukuzwa ngenxa yemizabalazo yomuntu siqu noma izithikamezo zezwe. Kodwa uma sithembekile, ukukhanya kuzofika—ngezinye izikhathi ngezindlela esingazilindele.

UMongameli u-Nelson, oseluleke ngokuthi “siyifunde ngomthandazo iNcwadi kaMormoni nsukuzonke,”2 wabelane ngezindlela eziningana iNcwadi kaMormoni engasisondeza ngayo kuMsindisi futhi isisize sizwe ukukhanya kwevangeli, sibambe amaqiniso evangeli, futhi siphile izimfundiso zevangeli.

Lapho sifunda iNcwadi kaMormoni, uMongameli uNelson wathi, ukuqonda kwethu, kanye nokwazisa kwethu, Inhlawulo kaJesu Kristu kuzokhula.

Sizozizwa sinesifiso “sokuzalwa kabusha” (Mosiya 27:25) njengoba incwadi isisiza ukuba sihlangabezane nenguquko yenhliziyweni (bheka Mosiya 5:2).

Lapho sifunda futhi sitadisha izimfundiso zeNcwadi kaMormoni mayelana nokuqoqwa kuka-Israyeli, sizozwa isifiso esinezelekile sokufuna abangasekho bethu futhi senze izimiso zensindiso kanye nokuphakanyiswa kwabo ethempelini.

Sizozwa ukukhanya lapho sithola izimpendulo zemibuzo yethu, isiqondiso ekwenzeni izinqumo, namandla okuphenduka futhi simelane nobubi.

Futhi lapho sifunda iNcwadi kaMormoni, sizozwa ukuphulukiswa, induduzo, ukubuyiselwa, usizo, amandla, isinxephezelo, kanye nokuhalaliselwa komoya wethu.3

“O uma kunjalo-ke, ngabe lokhu akusilo yini iqiniso na?” U-Alima wabuza mayelana nokuvuvukala , ukuhluma kwembewu yeqiniso, ulwazi kanye nobufakazi. “Ngithi kini, Yebo, ngoba ngukukhanya; futhi noma ngabe yini engukukhanya, yinhle, ngoba iyabonakala, ngakho-ke kufanele nazi ukuthi yinhle” (Alima 32:35).

Isithombe
isithombe sikaJesu Kristu

Christ’s Image [Umfanekiso kaKristu], ngu-Heinrich Hofmann

Thola uMsindisi eBumnyameni

Ngesikhathi umngane wami u-Kamryn eneminyaka eyi-10, wangenwa yisifo esingavamile kodwa esingapheli esathelela isikhunjana esibonisayo esinamathele ngaphambi kweso lakhe langakwesokudla.4 Ngezinye izikhathi, lapho ubuhlungu obuhlobene naso buqhubeka futhi bungabekezeleki, u-Kamryn wayengasakwazi ukubekezelela ukukhanya. Abazali bakhe, babekhathazekile ukuthi angase aphuphutheke, babenza abemnyama amafasitela egumbi lakhe lokulala ukuze bazame ukumgcina ekhululekile. Umama ka-Kamryn, u-Janna, wakhumbula:

“Cishe ezinyangeni ezi-4 ngemuva kokuhlahlwa kwesifo sakhe, ngangena egunjini lakhe elimnyama. Lapho amehlo ami ehleleka, ngambona u-Kamryn ezisonge ngesimo sombungu embhedeni wakhe. Wayesezinhlungwini kakhulu kangangokuthi wayenganyakazi noma akhale lapho engizwa ngingena. Wayevele alale lapho amehlo womabili evuvukele evalekile.

“Ngaguqa eduze kombhede wakhe, ngathatha isandla sakhe ngesami, ngasikhama kathathu—ikhodi yethu eyimfihlo yokuthi ‘Ngiyakuthanda.’ Ngokuvamile wayengiphendula ngoku angikhame izikhathi ezine okuchaza ukuthi ‘Ngikuthanda ngokwedlulele’, kodwa akazange aphendule. Wayesezinhlungwini kakhulu. Ngezinyembezi zigeleza ezihlathini zami, ngabuka owake wanempilo enomnyakazo enemiyaka eyi-10 ubudala esegoqene eyibhola. Inhliziyo yami yaphuka.”

U-Janna washo umthandazo othule, osuka enhliziyweni.

“Ngatshela uBaba oseZulwini ukuthi ngangazi ukuba wabe Azi kangcono, kodwa ngathandaza, ‘Ngicela umsize.’ Ngisahleli lapho ngikhuleka, igagasi lemfudumalo langihlamba. Ngazizwa ngizolile lapho umcabango ngoMsindisi uJesu Kristu ufika engqondweni yami: ‘UNgukukhanya. Mthole eBumnyameni.

U-Janna waphakamisa ikhanda lakhe wahlebela indlebe ka-Kamryn wathi, “Kumele uthole uMsindisi ebumnyameni.”

Emva kwalokho, u-Kamryn wazumeka elalele amahubo nemibhalo engcwele ohlelweni lokusebenza lomtapo wolwazi weBandla.

Isithombe
intombazane egqoke isichibi samehlo.

Uma umtheleleko wehlo lakhe ususukwa yizinhlungu ezinkulu, u-Kamryn uthola uMsindisi ebumnyameni.

Isithombe sezilokotho zomndeni ka-Kamryn.

Isifo sika-Kamryn sihlala sithule isikhathi esiningi, kodwa lapho esesukwa yizinhlungu ezinkulu, u-Jenna nomyeni wakhe, u-Darrin, bayamduduza baphinde babeke izingubo zokulala phezu kwamafasitela egumbi lakhe lokulala. Ngalezozikhathi ezibuhlungu, u-Kamryn uthi, “Ngiyamuthola nje uMsindisi ebumnyameni.”5.

Lapho impilo ibukeka njengehlane elimnyama nelithule” (1 Nefi 8:4,) nathi singase futhi sidinge ukuthola uMsindisi ebumnyameni. Ngiyafakaza ukuthi iNcwadi kaMormoni, kanye nobufakazi bayo “bokuthi uJesu unguKristu, uNkulunkulu waphakade,”6 izosiholela Kuye. Ngiyazi ukuthi Labo abayifunda ngobuqotho iNcwadi kaMormoni, baphile ngemithetho yayo, futhi bathandazele ubuqiniso bayo bazowuzwa Moya oNgcwele futhi bakhulise ukholo lwabo, kanye nobufakazi, boMsindisi.

Sengathi singabonisa ukubonga ngalencwadi “eyiqiniso kakhulu”7 ngokuyifunda, siyenze igugu, siyisebenzise ukuqinisa ukholo lwethu nokholo lwabanye ekuKhanyeni Kwezwe.

Amanothi

  1. Bheka Izihloko neMibuzo “Light of Christ,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

  2. U-Russell M. Nelson, “The Book of Mormon: What Would Your Life Be Like without It?,” iLiyahona, ngoNov. 2017, 62).

  3. Bheka u-Russell M. Nelson, “The Book of Mormon: What Would Your Life Be Like without It?,” 62, 63.

  4. I-Herpes simplex virus keratitis.

  5. Ngibonga u-Janna Cannon nendodakazi yakhe u-Kamryn ngokusabela indaba yabo.

  6. Ikhasi lesihloko seNcwadi kaMomoni.

  7. Izimfundiso zoMongameli beBandla: u-Joseph Smith (2007), 64.

Shicilela