ILiyahona
UmSindisi wabo Bonke, iVangeli labo Bonke
NgoMashi 2024


“UmSindisi wabo Bonke, iVangeli labo Bonke, Liyahona,NgoMashi 2024.

Umyalezo waNyanga zonke weLiyahona ngoMashi 2024

UmSindisi wabo Bonke, iVangeli labo Bonke

Ivangeli, Inhlawulo kanye noKuvuka Kwabafileyo kukaJesu Kristu kubusisa bonke abantwana baNkulunkulu.

Isithombe
UKristu nendoda ekhubazekile

UKristu neNdoda Ekhubazekile, nguJ. Kirk Richards, angeke ikopishwe

Ivangeli elibuyisiwe likaJesu Kristu, lingokokuqala, liphambili, futhi ingunaphakade, liwumthombo wenjabulo yaphakade, ukuthula kweqiniso, kanye nenjabulo yawo wonke umuntu kulezi zinsuku zokugcina. Izibusiso ezigelezayo ezivela evangelini kanye nakwisihawu sikaKristu esingenamkhawulo azizange zihloselwe abambalwa abakhethiwe kuphela, emandulo noma ezikhathini zamanje.

Kungakhathaliseki ukuthi singazizwa singafaneleki kangakanani, futhi naphezu kwezono ezingase zisiqhelelanise kude Naye okwesikhashana, uMsindisi wethu uyasiqinisekisa ukuthi “welulela izandla zakhe kubo bonke ubude bosuku” (Jakobe 6:4), esimema sonke ukuba size Kuye futhi sizwe uthando Lwakhe.

Izibusiso Zevangeli Zawo Wonke Umhlaba

Ivangeli likaJesu Kristu “libuyiselwe kulezi zinsuku zokugcina ukuze lihlangabezane … nezidingo zazo zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nabantu emhlabeni.”1 Ivangeli lidlula bonke ubuzwe kanye nombala ngenkathi leqa yonke imigqa yamasiko ukuze lifundise ukuthi “bonke bayefana kuNkulunkulu” (2 Nefi 26:33).2 INcwadi kaMormoni ime njengobufakazi obumangalisayo baleli qiniso.

Lombhalo omkhulu ufakaza ukuthi uKristu ukhumbula zonke izizwe (bheka ku 2 Nefi 29:7) futhi uzozibonakalisa “kubo bonke labo abakholwa kuye, … [futhi enze] izimangaliso ezinkulu, izimpawu, kanye nezimangaliso, phakathi kwabantwana babantu” (2 Nefi 26:13). Phakathi kwalezi zimangaliso ezinkulu, izimpawu, nezimangaliso ukusabalala kwevangeli. Ngakho, sithumela abashumayeli bevangeli emhlabeni wonke ukuba bafakaze ngezindaba zalo ezinhle. Siphinde sabelane ngevangeli nalabo abasizungezile. Ukusetshenziswa kwezikhiye zobuphristi ezibuyisiwe kwabaphilayo nabafileyo kuqinisekisa ukuthi ukuphelela kwevangeli ekugcineni kuzotholakala kuyo yonke indodana nendodakazi yabazali bethu basezulwini—isikhathi esedlule, samanje, noma esizayo.

Inhliziyo yaleli vangeli—umlayezo obalulekile wawo wonke umphrofethi kanye nomphostoli owake wabizelwa kulomsebenzi—ukuthi uJesu unguKristu nokuthi Weza ukuzobusisa wonke umuntu. Njengamalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, simemezela ukuthi umnikelo Wakhe wokuhlawulela ngowomhlaba wonke.

IsiDingo seNhlawulo Engapheli futhi Yaphakade

Njengoba ngizungeza umhlaba, ngibamba izingxoxo nohlu olubanzi lwamalungu eBandla. Ngigqugquzelwa ukuzwa ukuthi bazizwa kanjani ngezibusiso zeNhlawulo kaJesu Kristu ezimpilweni zabo, ngisho noma bevuma isono esithile esikude. Kuhle kangakanani ukuthi ukuhlanzwa kwenduduzo yeNhlawulo Yakhe kuhlala kutholakala kithina sonke!

“Kufanele kube khona inhlawulo eyenziwayo,” u-Amuleki wamemezela, “uma kungenjalo sonke isintu kufanele silahleke ngokungenakuvimbeleka.” Sasiyohlala “siwile futhi … silahleke, … ngaphandle kokuthi kube ngenhlawulo,” eyayidinga “umnikelo ongenakuphela futhi waphakade.” Ngakho “ngeke kwaba khona lutho olungaba ngaphansi kwenhlawulo engapheliyo oluyokwenela izono zomhlaba” (Alima 34:9, 10, 12)

Umprofethi omkhulu uJakobe wafundisa ukuthi njengokuba “ukufa kufikile kubo bonke abantu, … kufanele kube khona amandla okuvuka” ukuze asilethe ebukhoneni bukaNkulunkulu (2 Nephi 9:6).

Kokubili isono nokufa kwakudingeka kunqotshwe. Lona kwakuwumsebenzi woMsindisi, awuqedela ngesibindi bonke abantwana bakaNkulunkulu.

Isithombe
UKristu eGetsemane

Getsemane, nguJ. Kirk Richards, angeke ikopishwe

Umnikelo WoMsindisi Wethu

Ngobusuku Bakhe bokugcina emhlabeni, uJesu Kristu wangena eNsimini yaseGetsemane. Lapho, Waguqa phakathi kwezihlahla zomnqumo waqala ukwehlela ekujuleni kobuhlungu mina nawe esingasoze sabazi.

Lapho, waqala ukuthwala izono zomhlaba. Wezwa bonke ubuhlungu, ubuhlungu benhliziyo, kanye nosizi, futhi Wabekezelela lonke usizi nokuhlupheka okwabhekana nakho, mina, nawo wonke umphefumulo owake waphila noma oyophinde uphile. Lenhlupheko enkulu nengenakuphela “yenza [Yena] omkhulu kunabo bonke, aqhaqhazele ngenxa yobuhlungu, futhi ophe kuzo zonke iziqu zoboya” (IMfundiso neziVumelwano 19:18). NguYe Kuphela owayengakwenza lokhu.

Wayengekho omunye olunge ngokwanele

Ukukhokha inani lesono.

NguYe kuphela owayengavula isango

Lezulu futhi asingenise.3

UJesu wabe eseyiswa eKhalivari, futhi ngesikhathi esibi kakhulu emlandweni walomhlaba, wabethelwa esiphambanweni. Akekho owayengathatha impilo Yakhe Kuye. NjengeNdodana kaNkulunkulu Ezelwe Yodwa, Wayenamandla phezu kokufa kwenyama. Wayengathandaza kuYise, futhi amabutho ezingelosi ayezofika azonqoba abahlukumezi Bakhe futhi abonise ukubusa Kwakhe phezu kwazo zonke izinto. “Pho-ke ingafezeka kanjani imibhalo,” uJesu wabuza ngesikhathi sokukhashelwa Kwakhe, “ethi kufanele ukuba kwenzeke kanjalo na?” (NgokukaMathewu 26:54).

Ngokulalela okuphelele kuBaba Wakhe—kanye nothando oluphelele kithi—uJesu wanikela ngempilo Yakhe ngokuzithandela futhi waqeda umnikelo Wakhe wokuhlawulela ophakade nongenakuphela, ofinyelela emuva esikhathini naphambili ingunaphakade.

UkuNqoba koMsindisi Wethu

UJesu wayala abaPhostoli Bakhe ukuthi baqhubeke nomsebenzi Wakhe emva kokufa Kwakhe. Babezokwenza kanjani na? Abaningana kubo babengabadobi nje, futhi abekho ababeqeqeshelwe ubufundisi emasinagogeni. Ngaleso sikhathi, iBandla LikaKristu lalibonakala limiselwe ukushabalala. Kodwa abaPhostoli bathola amandla okuthwala ubizo lwabo nokubumba umlando womhlaba.

Ngabe yini eyabangela ukuba amandla avele kulobo buthakathaka obusobala? Umholi wesonto laseSheshi nesazi uFrederic Farrar wathi: “Kunempendulo eyodwa, futhi iyodwa kuphela engenzeka —uvuko kwabafileyo. Konke lokhu kuguquguquka okukhulu kwakungenxa yamandla okuvuka kukaKristu.”4 Njengofakazi beNkosi evukile, abaPhostoli babazi ukuthi akukho okungavimba lomsebenzi ukuthi uqhubeke. Ubufakazi babo babuwumthombo wamandla sekelayo njengoba iBandla lokuqala lanqoba zonke izinkinga.

Ngalesi sikhathi sePhasika, njengomunye wofakazi Bakhe abagcotshiwe, ngimemezela ukuthi ekuseni ngelinye iSonto elihle, iNkosi uJesu Kristu yavuka ekufeni ukuze isiqinise futhi igqashule izibopho zokufa zawo wonke umuntu. UJesu Kristu uyaphila! Ngenxa Yakhe, ukufa akusiso isiphetho sethu. Uvuko luyisipho sikaKristu samahhala nesiphelele kubo bonke.

Isithombe
UKristu noMariya Magdalena ethuneni

Christ and Mary at the Tomb [uKristu noMariya ethuneni], nguJoseph Brickey

Yizani kuKristu

Ivangeli kanye neNhlawulo kaJesu Kristu eyawo wonke umuntu—okungukuthi, wonke umuntu. Okuwukuphela kwendlela esithola ngayo izibusiso ezigcwele zomnikelo wenhlawulo yoMsindisi kungukwamukela isimemo Sakhe umuntu ngamunye esithi: “Zanini kimi” (NgokukaMathewu 11:28).

Siza kuKristu njengoba sisebenzisa ukholo Kuye futhi siphenduka. Siza Kuye njengoba sibhabhadiswa egameni Lakhe futhi samukela isipho sikaMoya oNgcwele. Siza Kuye njengoba sigcina imiyalelo, samukela izimiso, sihlonipha izivumelwano, sisingatha esidlule kukho ethempelini, futhi siphila uhlobo lwempilo ephilwa ngabafundi bakaKristu.

Ngezinye izikhathi, uzobhekana nokudumazeka nokuphoxeka. Inhliziyo yakho ingase iziphukele wena noma iphukele othile omthandayo. Ungasindwa yizono zabanye. Amaphutha owenzile—mhlawumbe amakhulu kakhulu—angase akwenze wesabe ukuthi ukuthula nenjabulo sekukushiye unomphela. Ezikhathini ezinjalo, khumbula ukuthi uMsindisi akagcini nje ngokususa umthwalo wesono kodwa futhi “wezwa ubuhlungu nezinkathazo kanye nezilingo zalo lonke uhlobo” (Alima 7:11), kuhlanganisa nezakho! Ngenxa yalokho Adlule kukho ngenxa yakho, Uyazi mathupha ukuthi angakusiza kanjani njengoba wamukela isimemo Sakhe esishintsha impilo: “Zanini kimi.”

Bonke Bamukelekile

UJesu Kristu ukubeke kwacaca ukuthi bonke abantwana bakaBaba oseZulwini bangabanikazi ngokulinganayo ezibusisweni zevangeli Lakhe kanye neNhlawulo. Kepha bonke abantu “banelungelo omunye ngokufanayo nomunye, futhi akukho namunye onqatshelwe” (2 Nefii 26:28).

“Umema bonke ukuthi beze kuye futhi bahlanganyele ebuhleni bakhe; futhi akanqabeli namunye oza kuye, omnyama nomhlophe, oboshiwe nokhululekile, owesilisa nowesifazane” (2 Nefi 26:33).

“Umema bonke”—lokho kusho thina sonke! Akufanele sibeke amalebula akha phezulu kanye nokwehlukanisa mbumbulu kithina noma kwabanye. Akufanele nanini sibeke noma yiziphi izithiyo othandweni loMsindisi noma sijabulise imicabango yokuthi thina noma abanye bakude nokufinyelela Kwakhe. Njengoba ngike ngasho ngaphambilini, “Akunakwenzeka ukuthi [noma ubani] acwile ngaphansi kokukhanya okungapheli kweNhlawulo kaKristu kukhanya khona.

Esikhundleni salokho, njengoba uDadewethu uHolland kanye nami safundisa ezinyangeni ezimbalwa nje ngaphambi kokudlula kwakhe emhlabeni, siyalwa ukuthi “sibe nesihe, isihe okuwuthando” (2 Nefi 26:30).6 Lolu wuthando uMsindisi asibonisa lona, ngokuba “Akenzi lutho olunye ngaphandle kokuthi kuyinzuzo emhlabeni; ngokuba uyawuthanda umhlaba, ngisho kangangoba ubeka phansi impilo yakhe uqobo ukuze adonsele wonke umuntu kuye.” (2 Nefi 26:24).

Ngiyafakaza ukuthi ivangeli kanye neNhlawulo kaJesu Kristu ingeyabantu bonke. Ngiyathandaza ukuthi uzokwamukela ngenjabulo izibusiso Azilethayo.

Amanothi

  1. UHoward W. Hunter, “The Gospel—A Global Faith,” Ensign, ngoNovemba 1991, 18.

  2. Bona uHoward W. Hunter, “All Are Alike unto God” (Brigham Young University fireside, Feb. 4, 1979), 1– 5, speeches.byu.edu

  3. There Is a Green Hill Far Away,” Hymns, no. 194.

  4. Bheka u–Edward W. Tullidge, The Life of Christ (1994), 656.

  5. UJeffrey R. Holland, “The Laborers in the Vineyard,” ILiyahona,, ngoMeyi 2012, 33.

  6. Bheka uJeffrey R. noPatricia T. Holland, “A Future Filled with Hope” (worldwide devotional for young adults, Jan. 8, 2023).

Shicilela