ILiyahona
Umsebenzi Omkhulu WeNkosi kanye Nethuba Lethu Elikhulu
NgoJulayi 2024


“Umsebenzi Omkhulu WeNkosi kanye Nethuba Lethu Elikhulu,” ILiyahona, ngoJulayi 2024.

Umyalezo Wanyanga Zonke weLiyahona, ngoJulayi 2024

Umsebenzi Omkhulu WeNkosi kanye Nethuba Lethu Elikhulu

Ngesikhathi sithanda, sabelana, futhi simema, sisebenza neNkosi ukusiza umphefumulo ngamunye oyigugu uze Kuye.

Isithombe
abesifazane ababili bekhuluma ngesikhathi behamba emgaqweni

Wonke umphrofethi kulesi sikhathi sokugcina, nesikhulu ufundise amalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina ukuthi abelane ngevangeli elibuyisiwe likaJesu Kristu. Empilweni yami, izibonelo eziningana ziyafika emqondweni:

UMongameli uDavid O. McKay (1873–1970), umphrofethi wesikhathi sobusha bami, wamemezela, “Lonke ilungu lingumfundisi wevangeli.”

UMongameli uSpencer W. Kimball (1895–1985) wafundisa, “Usuku lokuthwala ivangeli kwezinye izindawo kanye nabantu selufikile futhi yilolu,” futhi “kumele sigxathe” ngokuwabelana ngevangeli nabanye.

UMongameli uGordon B. Hinckley (1910–2008) wathi: “Umkhulu umsebenzi wethu, umkhulu kakhulu umthwalo wethu wokusiza ukuthola abazofundiswa. INkosi ibeke phezu kwethu uhlelo lokufundisa ivangeli kuzo zonke izidalwa. Loku kuzothatha imizamo [yethu] emihle kakhulu.”

Futhi uMongameli uRussell M. Nelson ufundise: “Umsebenzi wobufundisi uyingxenye ebalulekile kakhulu wokuqoqa u-Israyeli. Lokho kuqoqwa kuwumsebenzi obaluleke kakhulu owenziwa emhlabeni namuhla. Akukho okunye okuqhathaniswa nakho ngobukhulu. Akukho okunye okuqhathaniswa nakho ngokubaluleka. Izithunywa zevangeli zeNkosi—abafundi Bakhe—bamatasa nenselelo enkulu kunazo zonke, injongo enkulu, umsebenzi omkhulu kunayo yonke emhlabeni namuhla.”

Ngazazela ngokwami siqu njengesithunywa sevangeli esisemncane kwi-Mishini yase-Brithani. Ngiqinisekise kakhulu namuhla. NjengoMphostoli weNkosi uJesu Kristu, ngiyafakaza ukuthi amathuba akhona yonke indawo okusiza abanye beze kuKristu ngokukhombisa uthando lwethu, ukwabelana ngezinkolo zethu, nokubamema ukuba babandekanye nathi ukuzwa intokozo levangeli likaJesu Kristu.

Umsebenzi Uqhubekela Phambili

Nganginethuba elihle lokuba esabelweni woMnyango Labefundisi Bevangeli leBandla ngesikhathi uhlelo lokuqala leShumayelani Ivangeli Lami lethulwa ngo-2004, futhi ngesikhathi uhlelo lwesibili lethulwa ngo-2023. Ngiyakholwa ukuthi iShumayelani Ivangeli Lami isiyabusisa umsebenzi wobufundisi bevangeli ngendlela emangalisayo.

Umhlahlandlela Shumayelani Ivangeli Lami entsha ihlanganisa konke esikufundile kusukela ngo-2004, isiqondiso esiphefumulelwe esiqhamuka kuwo wonke amalungu wobuMongameli Bokuqala nomGwamanda wamaPhostoli ayiShumi namBili, nezinye izinguquko ezenziweyo zokuwabelana ngevangali ngesikhathi yedijithali. Ezinye zalezi izinguquko zizuze ukuphumelela okukhulu.

Sithole ukuthi ukwabelana ngevangeli ngezindlela ezelula, ezijwayilekile, nezisobala ngemigomo “yothando, ukwabelana, ukumema” kubusisa umbuso kakhulu. UJesu Kristu wabelana ngevangeli ngalendlela ngesikhathi Ephila kulomhlaba. Wabelana ngempilo Yakhe nangothando Lwakhe futhi wamema bonke ukuba beze Kuye (bheka NgokukaMathewu 11:28). Ukuthanda, ukwabelana, nokumema njeNgaye kuyisibusiso esikhethekile nomthwalo walo lonke ilungu leBandla.

Qala ngoThando

Ensimini yaseGetsemane nasesiphambanweni, uJesu Kristu wathatha phezu Kwakhe izono zomhlaba futhi wezwa lonke usizi kanye “ubuhlungu nezinkathazo kanye nezilingo zalo lonke uhlobo” (Alima 7:11). Lokhu “kwenza [Yena], … omkhulu kunabo bonke, aqhaqhazele ngenxa yobuhlungu, futhi ophe kuzo zonke iziqu zoboya” (IMfundiso neziVumelwano 19:18). Ngenxa yeNhlawulo Yakhe futhi noVuko Lwakhe, uJesu Kristu wenze insindiso kanye nokuphakanyiswa kukwazi ukwenzekelwa wonke umuntu.

Ukuphendukela kuMsindisi futhi nokuzindla konke Asenzele kona kwakha kithi inhliziyo egcwele uthando Lwakhe. Ubese Aphendule izinhliziyo zethu kwabanye futhi uyasiyala ukuba sibathande (bheka NgokukaJohane 13:34–35) futhi sabelane ngevangeli Lakhe nabo (bheka NgokukaMathewu 28:19; NgokukaMakhu 16:15). Uma labo abaseduze nathi bengezwa ukuthi siyabathanda futhi siyakhathazeka ngabo okwangempela, kungenza ukuba bavule izinhliziyo zabo kwimilayezo yethu, njengeNkosi uLamoni owavula inhliziyo yakhe ukwamukela ivangeli ngenxa yothando nomsebenzi ka-Ammoni (bheka Alima 17–19).

Ngesikhathi sabelana ngevangeli, masiqale ngothando. Ngesikhathi sifinyelela kwabanye ngothando—sikhumbula ukuthi bangabafwethu futhi nodade bethu futhi izingane ezithandiweyo zika Baba wethu OseZulwini—amathuba azosivulekela ukwabelana ngalokho esikwaziyo ukuthi kuyiqiniso.

Uzibandakanye Ngokukhuthala futhi Abelana

Akekho owayezimisele ngokwabelana ngevangeli njengoMongameli uM. Russell Ballard (1928–2023). Enkulumweni yakhe yokugcina yengqungquthela yebandla lonke, wafakaza, “Enye yezinto ezikhazimulayo futhi ezimangalisayo umuntu kulomhlaba angase azazi yikuthi uBaba oseZulwini neNkosi uJesu Kristu Bazembulile kulezinzuku zokugcina nanonukuthi uJoseph [Smith] ukhulisiwe ukubuyisela ivangeli elingunaphakade likaJesu Kristu ngokupheleleyo.”

Empilweni yakhe, futhi cishe emhlabeni wonke, uMongameli uBallard wayezibandakanye ngokukhuthala ngokwabelana nalomlayezo okhethekileyo nabo bonke abantu. Wasikhuthaza ukuba nathi senze okufanayo. Wafundisa ukuthi sabelana ngevangeli “ngokuba omakhelwane abalungileyo futhi nokunakekelana futhi nokukhombisa uthando.” Ngokwenza lokhu, “sinokukhanya kwevangeli ezimpilweni zethu, futhi … sikhanyisela [kwabanye] izibusiso ivangeli elisinikezayo.” Sibuye “sifakaze ngalokho [esi]kwaziyo futhi esikukholwayo kanye [nesi]kuzwayo.” UMongameli uBallard wafundisa, “Ubufakazi obumsulwa … bungathwalwa ngamandla kaMoya oNgcwele ezinhlizweni zabanye abazimisele ukubamukela.”

Ukwabelana ngevangeli likaJesu Kristu elibuyisiwe kwakuyisifiso esikhulu kunazo zonke enhliziyweni kaMongameli uBallard. Singazibandakanya ngokukhuthala—njengaye—ngokwabelana ngevangeli ngokwamazwi kanye nangezenzo. Asazi ukuthi ubani phakathi kwethu ocinga ukukhanya kwevangeli kodwa engazi ukuthi angakutholaphi (bheka IMfundiso neziVumelwano 123:12).

Isithombe
abesilisa ababili benyuka izitebisi

Dlulisela Izimemo Ezisuka Enhliziyweni

Ekusizeni abanye ukuba beze kuKristu, siyabamema ukuba bezwe intokozo elethwa nguMsindisi kanye nevangeli Lakhe. Singakwenza lokhu ngokubamema ukuba beze bezohlanganyela nathi, ukufunda iNcwadi kaMormoni, noma ukuhlangana nezithunywa zevangeli. Singabuye futhi sidlulise isimemo esisuka enhliziyweni ngokubamema ukuba bahlanganyele nathi enhlanganweni yesidlo esingcwele.

Siyayihambela inhlango yesidlo esingcwele wonke amasonto “ukukhonza uNkulunkulu futhi sithatha isidlo esingcwele ukuze sikhumbule uJesu Kristu neNhlawulo Yakhe.” Lesi yisikhathi esikhethekileyo sabantu ukuba bezwe uMoya, basondele kuMsindisi, futhi baqinise ukholo lwabo Kuye.

Ngesikhathi sibheka izindlela zokuthanda, ukwabelana, nokumema, izinhlelo nemizamo yethu kumele kubandekanye ukusiza abantu bafike enhlanganweni yesidlo esingcwele. Uma besamukela isimemo sethu futhi bafike enhlanganweni yesidlo esingcwele, likhulu ithuba lokuba baqhubeke endleleni eya ekubhabhadisweni nasekuguqukeni. Ngiyakholwa ngenhliziyo yami yonke ukuthi impumelelo enkulu izofika njengoba simema abanye ukuba bafike enhlanganweni yesidlo esingcwele futhi sibasiza ukuba babone izibusiso abangazithola ngokwenza lokhu.

INkosi Izosihola

Asiyazi impumelelo noma izingqinamba esizoba nazo njengoba sithanda, sabelana, futhi simema. Amadodana kaMosiya “ahamba indlu nendlu yokukhonza, … phakathi kwamaLamani, ukuthi bashumayele futhi bafundise izwi likaNkulunkulu phakathi kwawo; futhi ngalendlela baqala ukuthi babe nempumelelo enkulu.” Ngemizamo yabo, “izinkulungwane zalethwa olwazini lweNkosi,” futhi abaningi “baphenduka … [futhi] abazange nempela besahlubuka” (Alima 23:4–6).

Kepha noma lokhu kungeke kube isenzakalo sethu sonke isikhathi, iNkosi isithembisile ukuthi Izosebenza eduze kwethu ngoba yonke imiphefumulo iyigugu Kuye. Ngesikhathi sibeka ithemba lethu eNkosini futhi sizibandakanye nomsebenzi Wakhe, Uzosihola ngokuwabelana ngevangeli Lakhe nabanye ngokubathanda, ukwabelana ngezimpilo nobufakazi bethu nabo, nokubamema ukuba bazibandakanye nathi ngoKumlandela.

“Kukhulu kangakanani ukujabula [kwethu]” (IMfundiso neziVumelwano 18:15) ngesikhathi sithatha amathuba asizungezayo ukulekelela iNkosi uJesu Kristu emsebenzi Wakhe omkhulu wokuletha imiphefumulo Kuye.

Amanothi

  1. Teachings of Presidents of the Church: David O. McKay (2003), xxii.

  2. Teachings of Presidents of the Church: Spencer W. Kimball (2006), 261, 262.

  3. UGordon B. Hinckley, “Find the Lambs, Feed the Sheep,” ILiyahona, ngoJulayi 1999, 121. Lenkulumo yathulwa ngoFeb. 21, 1999, eSalt Lake Tabernacle ngesikhathi sokusakazwa ngesathelayithi.

  4. URussell M. Nelson, “Isivumelwano Saphakade,” ILiyahona, Okt. 2022, 9.

  5. U-M. Russell Ballard, “Praise to the Man,” ILiyahona, ngoNov. 2023, 74.

  6. U-M. Russell Ballard, “The Essential Role of Member Missionary Work,” ILiyahona, ngoMeyi 2003, 40.

  7. U-M. Russell Ballard, “Remember What Matters Most,” Liahona, ngoMeyi 2023, 107.

  8. Shumayelani Ivangeli Lami: Umhlahlandlela woKwabelana ngeVangeli likaJesu Kristu (2023), 88.

  9. Bheka Shumayela Ivangeli Lami, 172.

Shicilela