ILiyahona
UNkulunkulu uzosiSekela futhi asiLondoloze
Ngo-Agasti 2024


“UNkulunkulu uzosiSekela futhi asiLondoloze,” iLiyahona, yango-Agasti 2024.

UMyalezo waNyanga Zonke we Liyahona yango-Agasti 2024

UNkulunkulu Uzo siSekela futhi asiLondoloze

NjengeNduna yamasosha uMoroni, singaluthola usizo namandla asezulwini ezimpini esibhekana nazo empilweni.

INduna yamasosha uMoroni ebambe isibonakaliso senkululeko

Imifanekiso ngu-Eric Chow

Ngesikhathi ngiyifunda okokuqala iNcwadi kaMormoni, ngawujabulela umlando wezimpi phakathi kwamaNefi namaLamani. Ngathanda ukholo, ukuhlakanipha, kanye namasu ayesetshenziswa yiNduna yamasosha uMoroni, umkhuzi wempi owabekwa ukuba abe ngumholi wamabutho onke amaNefi ngesikhathi eseneminyaka yobudala engamashumi amabili nanhlanu nje kuphela. Wayehlakaniphile, enamandla, futhi enobuqili. Wayezinikele ngokuphelele ukuba kube khona inhlalakahle nenkululeko kubantu bakhe. (Bheka ku Alima 48:11–12.)

Esikhundleni sokuthi athi nguye owayezuza impumelelo empini, uMoroni wayebuyisela impumelelo kuNkulunkulu nakulokho kusekelwa okungcwele amabutho akhe ayekuthola kwabesifazane nabantwana ababengalwi. Watshela umholi wezitha owayesehluliwe ukuthi: “INkosi … inilethile ezandleni zethu. Manje ngifuna ukuthi niqonde ukuthi lokhu sikwenzelwe ngenxa yenkolo yethu kanye nokholo lwethu kuKristu. UMoroni wabe esabelana naye ngalolu lwazi oluyisiprofetho: “UNkulunkulu uzosisekela, asigcine futhi asilondoloze, uma nje sethembeka kuye, nasokholweni lwethu, kanye nasenkolweni yethu” (Alima 44:3, 4).

Ngokuhamba kwesikhathi, sengibe nokubona ukuthi uMoroni wayesenzela isibonelo esihle semigomo esingayisebenzisa ukusisiza sibhekane nobunzima ezimpilweni zethu kulesi sikhathi sethu. Lapho siba nokholo kuJesu Kristu, uMsindisi womhlaba, uzosibusisa ngamandla Akhe. Kodwa ukuze Akwenze lokho futhi nokuthi sizibone izibusiso Zakhe, kufanele sikuqonde kahle okuyinhloso yethu, sicebe amasu okuphumelela, bese silungiselela izimpi eziyisingathekiso esibhekana nazo, njengoba noMoroni wazilungiselela futhi wabhekana nezimpi zangempela empilweni yakhe. Lapho sikwenza lokho, uBaba oseZulwini noJesu Kristu bazosisekela futhi basilondoloze.

Ukuyiqonda Inhloso Yethu

UMoroni wayebakhumbuza ephindelela abantu mayelana nokuthi babengobani (izindlalifa zesivumelwano no-Abrahama), ukuthi babengokabani (abantwana abathandwayo bakaNkulunkulu), kanye nangomgomo ababewulwela (umndeni, ukholo, kanye nenkululeko). UMoroni wafundisa abantu bakhe ukuthi babelwela ukuphila kwabo uqobo kanye nokukhululeka encindezelweni nasebugqilni. Ngokwehluka, izitha zabo zazilwela ukuziphakamisa namandla ngokunqoba abanye.

Kwathi uma amanye amaNefi efuna ukugabadela ukuze azuze, uMoroni wadabula ibhantshi lakhe wabhala esiqeshini salo umongo womyalezo wakhe: “Isikhumbuzo sikaNkulunkulu wethu, inkolo yethu, kanye nenkululeko, kanye nokuthula kwethu, abafazi bethu, kanye nabantwana bethu.” Waphakamisa iduku lakhe, alibiza ngokuthi “yisibonakaliso senkululeko,” echosheni logodo wase ekusebenzisa lokho ukukhumbuza abantu ukuthi impi yayimayelana nani futhi wabahlanganisela kulowo mgomo. (Bheka ku Alima 46:12–13, 19–20.)

Ezimpini zangokomoya zempilo, “asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene … nababusi bezwe balobubumnyama … [kanye] nabawomoya bobubi” (Kwabase-Efesu 6:12). Nathi futhi, siyadinga ukukhunjuzwa ukuthi impi imayelana nani. IGosa uNeal A. Maxwell (1926–2004), owayeyilunga lomGwamanda wabaPhostoli abaliShumi naMbili, washo lokhu engxoxweni nokho eyayimfishane.

Ngonyaka ka 2004, ngavakashela iGosa uMaxwell egunjini lakhe esibhedlela sekuseduze adlule emhlabeni. Wayenomusa kuwo wonke umuntu owayemvakashela noma owayemsiza. Abahlengikazi babeya egunjini lakhe baphume sebelila. Ngathi kuye, “Gosa uMaxwell, kunzima ngempela lokhu.” Wahleka wase ethi, “Oh, Dale, singabantu baphakade abaphila emhlabeni ofayo. Asikho lapho okufanele ngabe sikhona, njengenhlanzi ingaphandle kwamanzi. Singakuqonda konke lokhu kuphela uma sibona ngokwaphakade ukuma kwezinto.”

Akufanele sikhohlwe yinhlanganisela enkulu yemvelo yobunkulunkulu yethu nesidalelwe kona ingunaphakade kanye namandla amabi ngokwesabekayo asiphikisayo. Ukuliqonda ngokuyikho isu likaBaba oseZulwini kuzosikhuthaza ukuba sihlezi siyilwela insindiso yethu yaphakade kanye nokukhululeka ebugqilini kwangokomoya.

abantu belungiselela izinqaba zokuvikeleka

Ukuceba Amasu Okuphumelela

Kuzo zonke izimpi amabutho akhe ayezilwa, uMoroni waceba amasu ukuqinisekisa impumelelo. Wayesebenzisa izinhloli ukuze athole izinjongo nokwakwenziwa yizitha zakhe. Wafuna ukuqondiswa ngumprofethi, u-Alima. UMoroni wabe esesebenzisa lolo lwazi olushisekelisiwe ukulungiselela impi. Wayephaka impi ngokwezidingo, ebeka amasosha amaningi kulawo madolobha ayengaqinile ngokwanele. Wayenza izinhlelo zokusebenza ngokuceba amasu ngokuhambisana nolwazi olusha.

Ngaleyondlela wayezuza usizo phezu kwamabutho ayizitha. Wayengeneliswa wukunqoba okwedlule; kunalokho, wayeqhubeka nokuthuthukisa amandla akhe nawamabutho akhe ukuze abhekane nobunzima obuzayo.

Singenza okufanayo ukubhekana nesilwa nabo abangokomoya. Singaqala ngokubona ukuthi yikuphi uSathane azama ukukwenza ezimpilweni zethu. Uzama ukusiphazamisa enhlosweni yethu. Lapho sibhekene nesilingo, kufanele sizibuze ukuthi:

  • Ngabe lokhu engikwenzayo kuhluke kanjani nezwi likaNkulunkulu na?

  • Ngabe yimiphi imiphumela yokwenza lesi senzo na?

  • Ngabe lesi senzo sizongisiza yini ukufeza injongo yami emhlabeni na?

Kufanele futhi siyibone imiphumela ezoba khona ekugcineni ngenxa yokuvumela ngisho ezincane izilingo. Lapho sivumela isilingo, sidla “ubuthi kancane kancane” (Alima 47:18), okungukuceba amasu okusebenzayo okusetshenziswa ngamandla obubi okungaholela ekutheni kube khona imiphumela ebulalayo ngokomoya.

Singaziqinisa ngokumelene nezilingo zikaSathane ngokulandela ukuqondiswa esikuthola kumprofethi wethu wezinsuku zokugcina. Ukwenza lokho kusisiza sigcine ukubuka izinto ngokwaphakade esiqhathanisa ngakho izenzo zethu. Ukuceba amasu ngokuthi sizobhekana kanjani nezilingo ezizovela emikhakheni eminingi yezimpilo zethu kuzosisiza sikhethe okulungile ngaso leso sikhathi. Ukuceba amasu okwenziwe ngaphambilini kuzosisiza sizivikele ngokumelene neziphazamiso kwinhloso yethu yaphakade.

Isibonelo yileso sobuchwepheshe. Ubuchwepheshe bungaba yinkemba ebukhali nhlangothi-zombili, bunosizo futhi buyona, kuncike ekutheni ubusebenzisa kanjani. Ukusisiza sikhethe ngokuhlakanipha mayelana nezisebenziso zethu, abasha nabadala bangafunda emthonjeni “Taking Charge of Technology” nakomunye othi For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices. Lemithombo isikhumbuza ngenhloso yethu, isikhomba kuJesu Kristu, futhi isisiza ukuba simeme uMoya oNgcwele ezimpilweni zethu. Ukuhlela ukuthi ubuchwepheshe sizobusebenzisa kanjani, ngasiphi isikhathi, nakuphi kuzosiqinisa ngokumelene namasu asemhlabeni amabi.

AmaLamani ehlasela izinqaba zokuvikela zamaNefi

Ukulungiselela Izimpi Eziyisingathekiso

Ukulindela izimpi ezizayo, uMoroni walungiselela abantu bakhe ngamunye ngezivikelo zesifuba, izihlangu, izigqoko, kanye nokokugqoka okuqinile. Wabalungiselela abantu bakhe beqoqene ngokuzungeza amadolobha ngezinqaba, ephonsa izindumbi zomhlabathi nxazonke.

Ngokukamoya, sizilungiselela ngokugcina imiyalelo kaNkulunkulu. Senza futhi sigcine izivumelwano noNkulunkulu ezidonsela amandla kaJesu Kristu ezimpilweni zethu. Sibamba iqhaza ezenzweni zangasese, zomuntu ngamunye, njengokukhuleka, ukuzila ukudla, kanye nokuyicinga imibhalo engcwele. Phezu kwalokho senza esikwenzayo ngokholo, siphendula kulokho kuqondiswa esikutholayo. Ngokuzihlupha silungiselela futhi sithathe ngokufanelekileyo isidlo esingcwele. Lapho sikwenza lokho, uMsindisi uba nethonya ezimpilweni zethu, njengoba wayenethonya kuMoroni, owayegxilile okholweni lwakhe kuJesu Kristu. UMoroni wayazi ukuthi wayengathembela kuMsindisi ukuze athole ukuqondiswa nokukhululwa (bheka ku Alima 48:16.). Nathi ngokunjalo singathembela kuJesu Kristu ukuze sithole ukuqondiswa nokukhululwa.

Singaphinde sizilungiselele ngokuqinisa imindeni yethu. UBaba oseZulwini wasihlela saba yimindeni ukusisiza sibe nenjabulo futhi sifunde ukuthi singabuyela kanjani Kuye. Imindeni yethu ingaba umthombo wosizo kithi. Sonke singaba nomuzwa wenjabulo nothando ngokukhumbula ukuthi siyingxenye yomndeni omkhulu kaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi imindeni yethu ikuziphi izimo.

Siqoqene singazuza amandla futhi silungiselele izimpi zangokomoya lapho sizihlanganisa nabantu bonke abaNgcwele. Izikhonkwane nezifunda zethu zisihlinzeka ngalezi zindawo zokuphepha nokuvikeleka. Singondlana ngokomoya, sisizane ukuyigcina imiyalelo kaNkulunkulu, sikhuthazane ukuthembela kuKristu, njalo futhi ikakhulukazi ngezikhathi zobunzima. Lapho sibuthana ndawonye, singakuqonda ukuthi asizilwi izimpi zethu sisodwa. Sinabangani, othisha, nabaholi abangasisiza futhi basivikele. Sinamandla sonke uma sizilungiselela sindawonye.

Ngokumangalisayo, uMoroni wayebuyisela yonke injabulo yabantu bakhe ekutheni bathembeke okholweni lwabo kuNkulunkulu nasenkolweni yabo. NjengoMoroni, kufanele sibone ukuthi injabulo iza ngenxa kaBaba oseZulwini nesu Lakhe futhi nangenxa kaJesu Kristu neNhlawulo Yakhe. Lapho siba nokuyiqonda inhloso yethu, siceba amasu okuphumelela, futhi silungiselela izimpi eziyisingathekiso, siyaluthola usizo namandla kaNkulunkulu.

NjengoMoroni, ngiyazi ukuthi uBaba oseZulwini noJesu Kristu baletha inkululeko yokugcina ebuqgileni—inkululeko ekufeni nasesonweni. Basibusisa ngamandla Abo lapho sibheka Kubo ezintweni zonke.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Taking Charge of Technology,” Gospel Library.

  2. For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices (2022), Gospel Library.

  3. Bheka kuRussell M. Nelson, “Joy and Spiritual Survival,” Liyahona, Nov. 2016, 82.