ILiyahona
ISembatho sobuPhristi obuNgcwele
NgoSepthemba 2024


“ISembatho sobuPhristi obuNgcwele,” iLiyahona, Septh. 2024.

Umyalezo waNyanga zonke weLiyahona, ngoSepthemba 2024

ISembatho sobuPhristi obuNgcwele

Njengengxenye yokumbathiswa kwasethempelini, sibuye saphiwa isikhumbuzo somzimba esingcwele sezivumelwano zethu—uphawu loMsindisi uqobo Lwakhe.

U-Adamu no-Eva behamba ndawonye

Ukugcizelelwa kuvela ku-Adamu no-Eva, nguDouglas M. Fryer

Akukhathaliseki ukulungiselela okungangabazeki abanikwa kona futhi neziqinisekiso abazama ukuzikhumbula, kufanele ukuba kwakumangaza kakhulu ku-Adamu no-Eva ukuphuma eNsimini yase-Edene eyayiyipharadise banyathele emhlabeni owile.

Ngokuqaphela okujulile, babona ukuthi kwakuchaza ukuthini ukuhweba impilo yabo ethuli, futhi ekhululekile kumhlaba onokuphikisana nokujuluka, ameva kanye nosizi—okulandelwa ekugcineni ngento okuthiwa ukufa. Babengeke bazi kwasekuqaleni ukuthi kwakuchaza ukuthini konke lokhu, kepha bagcine sebefundile ukuthi usuku nosuku lungaletha ubuhlungu obusha. Ngempela, okwakubuhlungu ngaphezu kwako konke kwakuwulwazi ukuthi babezobhekana nakho konke lokhu behlukanisiwe kuBaba oseZulwini wabo—“behlukanisiwe nay[e],” uMose eyobuya aqophe.

Ngokunikwa lokhu kuhlukaniswa nesizungu emhlabeni omakhaza, futhi odangele ngobumnyama, kwakududuza kangakanani ku-Adamu no-Eva ukukhumbula into eyodwa: ukuthi izethembiso zazenziwe—into engcwele neyaphakade ebizwa ngezivumelwano. Babethembisile ukuba bayomulalela uBaba zonke izinsuku zempilo yabo, bese Yena wathembisa ukubanikeza uMsindisi, owayezofika ukukhulula ubuhlungu nosizi lwabo, ahlawulele iziphambeko zabo, futhi ababuyisele ngokuphepha ebukhoneni Bakhe.

Kepha labantu abafayo babezokhumbula kanjani izinto abazethembisa? Babengasiqaphela kanjani isimo sabo esiyingozi—beqaphela sonke isikhathi, imini nobubusuku?!

Inkumbuzo yeziVumelwano Zabo

Ukubakhumbuza Wabanika “iziphuku zezikhumba.” Kwakwiyisipho esikhulu lesi futhi safika esikhathini esilungileyo. Emva kokuba badle isithelo esingavunyelwe, u-Adamu no-Eva baqaphela masinyane ukuba babenqunu. Okokuqala, bazama ukuzifihla ubunqunu babo ngamakhasi omkhiwani. Emva kwalokho, besaba ukuthi lokho kwakungeke kwanele, bazama ukucashela iNkosi. (Umzamo onoblima obunjalo kwaba ubufakazi ukuthi ukuba umuntu ofayo kwakusekungenile kubo!) Kusukela kuleso sikhathi kuze kube yimanje, uBaba onentando usememe abantwana Bakhe ukuba baze, baphume ekuchasheni, Kuye. Futhi njengeziphuku zezikhumba futhi nezinye izinhlobo zezingubo kusukela ngaleso sikhathi, Yena ngomusa Wakhe akasishiyanga sinqunu kodwa umbathise labo abalalelayo “ngesembatho sokulunga,” inkumbuzo yezethembizo nezivumelwano zethu. Lezi “zingubo zensindiso” zifanekisela isipho esikhulu kunazo zonke, iNhlawulo kaJesu Kristu.

ISembatho SiwuPhawu loMsindisi

Kepha, wonke lomcabango ngo-Adamu no-Eva futhi nezivumelwano nezembatho, ngempela, kungaphezu kokuzivocavoca ingqondo nje. Akukho nzima ukucabanga ngemizwa ka-Adamu no-Eva, ngoba nathi siyabhekana nezinkinga kulomhlaba owile. Nathi sihlukanisiwe ebukhoneni bukaNkulunkulu, futhi siyazihlukanisa kakhulu sonke isikhathi siphambuka. Njengo-Adamu no-Eva, siphiwe loyoMsindisi ofanayo, uJesu Kristu waseNazaretha, u-Alfa no-Omega, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo. Njengo-Adamu no-Eva, senze izivumelwano noNkulunkulu. Futhi, njengengxenye yokumbathiswa kwasethempelini, sinikeziwe inkumbuzo engcwele ethintekayo ngalezo zivumelwano—uphawu loMsindisi uqobo Lwakhe. Esikathini sethu kubizwa ngesembatho sobuphristi obungcwele.

isithombe sikaJesu Kristu

Isithombe esiphuma kwi-The Second Coming [Ukuza Kwesibili], nguHarry Anderson

Sigqoka lesisembatho ngaphansi kwezingubo zethu zangaphandle. Nanoma yiziphi izibopho enginazo, nanoma yiziphi izindima engizidlalayo empilweni, nanoma yimiphi imisebenzi yokuphila edingakalayo usuku nosuku, ngaphansi kwakho konke izivumelwano zami—njalo naphakade. Ngaphansi kwakho konke yilezo zithembiso ezingcwele engibambelela kuzo. Isembatho asisona sokubukiswa noma ukugabisa phambi komhlaba, ngokunjalo nezivumelwano zami. Kepha ngiyazigcina zombili eduze kwami—eduzane kakhulu kunalokho engingakwenza. Zibaluleke kakhulu siqu futhi zingcwele ngokwedlulele.

Ekukhumbuleni lezo zivumelwano, lezo zithembiso zezindlela ezimbili, sigqoka isembatho impilo yethu yonke. Lesi senzo sibonisa isifiso sethu sokuthi uMsindisi abe yithonya eliqhubekayo ezimpilweni zethu. Ezinye izimpawu ezithandwayo ziyizikhathi. Sibhabhadiswa kanye ezimpilweni zethu. Sidla isidlo esingcwele kanye ngesonto. Siya ethempelini njalo uma isimo sivuma. Kepha isembatho sobuphristi obungcwele sehlukile: loluphawu siluhlonipha imini nobusuku.

Zinjalo ke izivumelwano—zingabekiwe eceleni ngenxa yokwenza izinto zibe lula noma ngobudedengu futhi zingalungiswanga ukuze zivumelane nezitayela nezimfashini zomphakathi. Empilweni yomfundi kaJesu Kristu, izindlela zomhlaba kumele zilungiswe ukuze zilandelane nezivumelwano zethu, hhayi ngenye indlela.

Ngesikhathi simbatha isembatho, ngokwemfundiso yobuMongameli Bokuqala, sembatha uphawu olungcwele lukaJesu Kristu. Ngolokho-ke, singasibhekelani isizathu sokukhumula lolophawu na? Singaziphuthiselelani isethembiso samandla, ukulondolozwa, nomusa obumelwe isembatho na? Ngokuphambene nalokho, nanoma yinini sidinga ukukhumula isembatho isikhashana, kumele sibenogqozi ukusibuyisela, ngokushesha, ngoba sikhumbula kokubili izethembiso kanye nezingozi ezihambisana nezivumelwano zethu. Ngaphezu kwakho konke, sikhumbula isiphambano nethuna elingenalutho likaKristu.

Abanye bangathi, “Nginazo ezinye izindlela zokukhumbula uJesu.” Futhi ngingaphendula, kuhle lokho. Kungcono ngobuningi bazo. Sonke masicabange ngezindlela eziningi zokugcina ukuzinikela kwethu “ukumkhumbula njalo.” Kepha ekwenzeni lokho, singaba abangazenzisi uma sidembesela isikhumbuzo iNkosi Yona esinike abambathisiwe, isembatho sobuphristi obungcwele.

UJesu Kristu nevangeli Lakhe bayiyikho konke kumina. Zonke izifiso nezinhlozo zami zaphakade, yonke into engiyikhonzayo, zibambele Kuye. “Uyidwala lensindiso yami,” indlela yami kuBaba oseZulwini, indlela yami kuphela yokubuyela kulokho engake ngaba nako futhi engifuna ukuba nako futhi, kanye nokunye okuningi. Isipho Sakhe kithi esiphanayo kakhulu kuzo zonke engake ngaziphiwa, esiphanayo kunazo zonke ezake zaphiwa—esathengwa ngokuhlupheka kwaphakade, ephinda phindiwe ingunaphakade, enikeziwe ngothando laphakade. Ameva namakhakhasi, ubuhlungu kanye nosizi, ukudabuka kanye nesono salomhlaba owile konke “kugwinywe kuKristu.”

Ngakho-ke sengagqoka isembatho sobuphristi obungcwele—nsuku zonke nobusuku ngokufanelekile solokhu ngambathiswa iminyaka engama-64 eyedlule, ngineminyaka eyi-19—ngoba ngiyaMthanda futhi ngidinga izethembiso esizimele.

Imibuzo ngokuGqoka iSembatho na?

Abanye benu mhlawumbe ningabe nifunda lesisihloko ngesifiso sokuthi ngizophendula umbuso othile ngesembatho. Mhlawumbe ungabe ufisa kuthiwe “Ngokuba bheka, isho kanje iNkosi”—noma ngisho “Ngokuba bheka, kusho izinceku Zakhe”—ngodaba oluseduze kwenhliziyo yakho. Mhlawumbe umbuzo wakho uqhamukela esimweni somuntu siqu esimayelana nomsebenzi, ukuzivocavoca, inhlanzeko, isimo sezulu, isizotha, izinsiza zenhlanzeko, noma ngisho isimo sempilo.

Izimpendulo zayo eminye yalemibuzo zingatholakala ku-temples.ChurchofJesusChrist.org futhi nakwisahluko 38.5 seGeneral Handbook. Ungahle ubonisane namalungu omndeni athembekile kanye nabaholi abathembekile ngezindaba zomuntu siqu. Kepha, sikhona isiqondiso esicacile kakhulu esinikezwa kwizimiso zokuqala, futhi kukhona phakade naphakde uBaba wakho oseZulwini, okwaziyo futhi okuthandayo futhi oqonda yonke into ngezimo zakho. Angathokoza kakhulu uma wena ungaMbuza lemibuzo ngokwakho.

isicongo seThempeli laseSt. George e-Utah

Isithombe sesicongo seThempeli laseSt. George e-Utah

Ngicela ungiqonde kahle. Njengoba uzama ukuthola isiqondiso saphezulu, uMoya ngeke ukugqugquzele ekwenzeni okuncishisiwe kunokulandela umlayezo owutholile ethempelini futhi neseluleko sesiphrofetho esabelane ngubuMongameli bokuQala kwisilandiso sabo esisanda kuphuma. UBaba onothando ngeke akusize ulinganisele ekwenzeni okuncishisiwe kunalokho okwazi ukukwenza ukuziqondisa nemigomo Yakhe yokuzinikela futhi nesizotha ezizokubusisa manje futhi naphakade. Kepha ngabe Uyayiqonda imibuzo yakho, futhi Uyokusiza yini ukuthi uthole izibusiso zokuhlonipha isembatho kanye nokugcina izivumelwano zakho na? Yebo! Ngabe kufanele futhi uthintane nochwepheshe bezokwelapha nezempilo abanekhono lapho kudingeka na? Kunjalo! Ngabe kufanele ungakunaki ukusebenzisa ingqondo noma ubheke ngale kophawu na? Ngikhulekela ukuthi awuzokwenze njalo.

Angikwazi ukuphendula yonke imibuzo onayo. Angikwazi ngisho nokuziphendulela yonke imibuzo enginayo mina. Kodwa ngingakwazi, njengoMphostoli weNkosi uJesu Kristu, ukukuthembisa usizo lukaNkulunkulu onothando, ofuna yonke impumelelo nesibusiso sakho, ngezindlela ongeke manje uziqonde noma uzibone kusengaphambili, njengoba ugcina izivumelwano ozenzile Naye.