“UJesu Kristu UnguMthombo WeThemba ‘eliPhilisayo,’ ‘Elihle,’ kanye ‘neliKhulu Kakhulu’” iLiyahona, NgoDec. 2024.
UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona , NgoDisemba 2024
UJesu Kristu UnguMthombo WeThemba “eliPhilisayo,” “Elihle,” kanye “neliKhulu Kakhulu”
Kulesi sikhathi esikhethekile sokugubha ukuzalwa komntwana eBetlehema, sengathi singahlala sikhumbula njalo ukuthi uJesu Kristu weza emhlabeni ukuzoba nguMsindisi noMhlengi wethu.
UMphostoli uPetru nabaprofethi beNcwadi kaMormoni uJakobe noMoroni bagcizalela isipho esingcwele sethemba kuKristu ngezindlela ezifanayo ngokufundisayo.
Isibonelo, uPetro wathi, “Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu, ukuba sibe nethemba eliphilisayo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo” (1 kaPetru 1:3; ukugcizelela kwengeziwe). Ngicela unake ukusetshenziswa kwegama “eliphilisayo” ukuchaza “ithemba.”
UJakobe washo, “Ngalokho-ke, bafowethu abathandekayo, buyisanani naye ngenhlawulo kaKristu, iNdodana yakhe eZelwe Yodwa, futhi ningathola uvuko, njengokwamandla ovuko akuKristu, futhi nilethwe njengezithelo zokuqala zikaKristu kuNkulunkulu, ninokholo, futhi nithole ithemba elihle lenkazimulo kuye ngaphambi kokuzibonakalisa kwakhe esenyameni” (Jakobe 4:11; ukugcizelela kwengeziwe). Ngicela unake ukusetshenziswa kwegama “elihle” ukuchaza “ithemba.”
Futhi uMoroni wathi, “Futhi phezu kwalokho ngiyakhumbula ukuthi wathi ulungisele umuntu indlu, yebo, ngisho phakathi kwezindlu eziningi zikaBaba wakho, lapho umuntu engaba nethemba elikhulu kakhulu; ngalokho-ke umuntu kufanele ethembe, noma akanakulithola ifa kuleyo ndawo oyilungisile.” (Ethere 12:32; ukugcizelela kwengeziwe). Ngicela unake ukusetshenziswa kwegama “elikhulu kakhulu” ukuchaza “ithemba.”
Liyini iThemba kuKristu?
Isipho sikamoya sethemba kuKristu siwukulindela ngenjabulo ukuphila okuphakade “ngezenzo ezinhle, nesihawu kanye nomusa kaMesiya oNgcwele” (2 Nefi 2:8) kanye nesifiso esinamandla sezibusiso ezithenjisiwe zokulunga. Izichasiso “eliphilisayo,” “elihle,” kanye nesithi “elikhulu kakhulu” kulamavesi ziphakamisa isiqinisekiso esikhula njalo nesinamandla soVuko kanye nesokuphila okuphakade ngokholo kuJesu Kristu.
Umphofethi uMormoni wachaza:
“Futhi phezu kwalokho, bafowethu abathandekayo, sengizokhuluma kini mayelana nethemba. Kungenzeka kanjani ukuthi nibe nokholo, ngaphandle kokuthi nibe nethemba na?
Futhi yini lena enizoyethemba? Bhekani ngithi kini niyoba nethemba ngenhlawulo kaKristu kanye nangamandla okuvuka kwakhe, ukuthi nivuselwe ekuphileni okuphakade, futhi lokhu kuyoba ngenxa yokholo lwenu kuye njengokwesethembiso.
“Ngalokho-ke, uma umuntu enokholo kufanele ukuthi abe nethemba; ngokuba ngaphandle kokholo ngeke libekhona ithemba” (uMoroni 7:40–42).
Isu likaBaba leNjabulo
Ithemba kuKristu eliphilisayo, elihle, futhi elikhulu kakhulu liqala ngolwazi lokuthi uNkulunkulu onguBaba waPhakade uyaphila. UnguBaba wethu, futhi singabantwana Bakhe bakamoya. Ngempela singamadodana namadodakazi omoya kaNkulunkulu futhi sizuze njengefa izici zemvelo zikaNkulunkulu Kuye.
UBaba ungumqambi wesu lenjabulo (bheka u-Abrahama 3:22–28). Njengamadodana namadodakazi omoya kaNkulunkulu, “samukela isu Lakhe ngalo abantwana Bakhe ababengathola umzimba wenyama futhi bazuze ukuzibonela nokuzizwela ngokwabo emhlabeni ukuze baqhubekele phambili ukuze bapheleliswe du futhi ekugcineni bakwazi ukufeza lokho abadalelwe kona ngokukaNkulunkulu njengezindlalifa zokuphila okuphakade.” Ezincwadini ezingcwele, siyafunda: “uBaba unomzimba wenyama namathambo othintekayo njengowomuntu; neNdodana ngokunjalo” (IMfundiso neziVumelwano 130:22). Ngakho-ke, ukuthola imzimba yenyama kubalulekile ohlelweni lokuqhubekela phambili kuloko esidalelwe khona ngokukaNkulunkulu.
Singabantu ababili. Imimoya yethu, ingxenye yethu yaphakade, yembethe imizimba yenyama engaphansi kwezifiso kanye nezinkanuko zasemhlabeni. Isu likaBaba lenjabulo lenzelwe ukunikeza isiqondiso kubantwana Bakhe, ukubasiza babuyele ekhaya ngokuphephile Kuye benemizimba evuswe ekufeni, ephakanyisiwe, futhi bathole izibusiso zenjabulo nokuthokoza kwaphakade.
Indima YokuHlenga KaJesu Kristu Kwisu LikaBaba
UJesu Kristu uyiNdodana eZelwe Yodwa kaBaba waPhakade. Weza emhlabeni ukuzokwenza intando kaYise (bheka 3 Nefi 27:13). UJesu Kristu nguye ogcotshwe nguBaba ukuba abe ummeli Wakhe siqu kuzo zonke izinto eziphathelene nokusindiswa kwabantu. UnguMsindisi kanye noMhlengi wethu ngoba wanqoba kokubili ukufa nesono.
U-Alima waphrofetha kubantu bakaGidiyoni mayelana nomsebenzi wokusindisa kaMesiya:
“Futhi iyohamba, izwe ubuhlungu nezinkathazo kanye nezilingo zalo lonke uhlobo; futhi lokhu ukuze kugcwaliseke izwi elithi iyothwala ubuhlungu nezifo zabantu bayo.
“Futhi iyothwala ukufa, ukuze ixegise izibopho zokufa ezibophe abantu bayo, futhi iyothwala ubuthakathaka babo, ukuze izibilini zayo zigcwaliswe ngesihawu, ngokwasenyameni, ukuze yazi ngokwasenyameni ukuthi ingabasiza kanjani abantu bayo ngokobuthakathaka babo.
“Manje uMoya wazi zonke izinto; nokho iNdodana kaNkulunkulu ihlupheka ngokwasenyameni ukuze ithwale izono zabantu bayo, ukuze isule iziphambeko zabo ngokwamandla okubakhulula kwayo” (Alima 7:11–13).
Umgomo wokuqala wevangeli ukholo eNkosini uJesu Kristu. Ukholo lweqiniso lugxile kuMsindisi futhi lusenza sikwazi ukuthembela Kuye futhi sibe nethemba eliphelele emandleni Akhe okusisindisa ekufeni, asihlanze esonweni, futhi asibusise ngamandla angaphezu kwawethu.
UMoroni wafakaza wathi, “Futhi ngenxa yokukhululwa komuntu, okweza ngoJesu Kristu, babuyiselwa phambi kweNkosi; yebo, kungalendlela lapho bonke abantu bekhululwa, ngokuba ukufa kukaKristu kufeza uvuko, olufeza ukukhululwa ekulaleni okungapheliyo, lapho bonke abantu beyovuswa kulokho kulala ngamandla kaNkulunkulu ngesikhathi kukhala icilongo; futhi bayovuka, abancane kanye nabakhulu, futhi bonke bayokuma phambi kwesihlalo sakhe, sebehlengiwe futhi bakhululwa kulesi sibopho sokufa saphakade, okungukufa kwenyama.” (Mormoni 9:13).
Ngiyafakaza ukuthi uMsindisi wazigqashula izibopho zokufa. Wavuka, Uyaphila, futhi unguwonamthombo wethemba eliphilisayo, elihle, kanye nelikhulu kakhulu.
Ihange EMphefumulweni
Umphrofethi u-Ethere wafakaza, “Ngalokho-ke, lowo okholwa kuNkulunkulu ngempela angaba nethemba lomhlaba ongcono, yebo, ngisho nendawo esandleni sokunene sikaNkulunkulu, lelo themba elivela ngokholo, elenza abantu ukuba bagxile,okuyobenza babambelele futhi baqine, benze imisebenzi emihle njalo, beholelwa ekudumiseni uNkulunkulu” (Ethere 12:4; ukugcizelela kwengeziwe).
Kulesi sikhathi esikhethekile sokugubha ukuzalwa komntwana eBetlehema, sengathi singahlala sikhumbula njalo ukuthi uJesu Kristu weza emhlabeni ukuzoba nguMsindisi noMhlengi wethu. Usinika izipho zikamoya eziyigugu zempilo, ukukhanya, ukuvuselelwa, uthando, ukuthula, ukubona, injabulo, kanye nethemba.
Ngiyakumema ukuthi ufune ngendlela efanele isipho sikamoya sethemba kuMsindisi ngokufunda izimfundiso nobufakazi babaprofethi bakudala nabamanje mayelana nomhlatshelo Wakhe wokuhlawulela kanye noVuko lwangempela. Ngesikhathi wenza njalo, ngiyethembisa ukuthi ubufakazi bakho ngobunkulunkulu boMhlengi buzoqina, ukuphendukela kwakho Kuye kuzojula, isifiso sakho kanye nokuzimisela kwakho ukuma njengofakazi onesibindi Ngaye kuzokhula, futhi uyobusiswa ngehange emphefumulweni wakho—ngisho ithemba eliphilisayo, elihle, nelikhulu kakhulu.
Kanye nabaPhostoli asebenikeze ubufakazi Ngaye kuyo yonke iminyaka, ngimemezela ngenjabulo ubufakazi bami bokuthi uJesu Kristu uyiNdodana ephilayo kaNkulunkulu ophilayo. UnguMhlengi wethu ovukile kwabafileyo, nomzimba okhazinyulisiwe, obambekayo wenyama namathambo. Futhi ngenxa yokuhlengwa nokubuyisana noNkulunkulu iNkosi eyenza ukuba kwenzeke kubo bonke abantu, singathola isiqinisekiso esingokomoya nethemba eliphilisayo, elihle, nelikhulu kakhulu lokuthi “kuKristu bonke bayakuphiliswa” (1 KwabaseKhorinte 15:22).
© 2024 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agodliwe. Igaywe eMelika. Lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Liahona Message, December 2024. Zulu. 19296 783