Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoFebhruwari 12–18: “Saphila Ngendlela Yokujabula.” 2 Nefi 3–5


NgoFebhruwari 12–18:‘Saphila Ngendlela Yokujabula.’ 2 Nefi 3–5,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoFebhruwari 12–18. 2 Nefi 3–5,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
UNefi nomkakhe

NgoFebhruwari 12–18: “Saphila Ngendlela Yokujabula”

2 Nefi 3–5

Ngokufunda u-1 Nefi, ungahle uthole umcabango wokuthi uNefi wayemkhulu kakhulu. “[E]mkhulu [e]mude” ngokomzimba nangokomoya (1 Nefi 2:16), wayebonakala enganakuvungama uma ebhekene nezivivinyo. Noma singazicabangela kanjalo. Kepha, noma ukholo lukaNefi lwaluyisibonelo, amagama akhe amnene ku 2 Nefi 4 aveza ukuthi ngisho nabantu abanokholo kakhulu babuye bezizwe “[ben]osizi” futhi “[be]haq[wa] kalula” yizilingo. Lapha sibona umuntu ozamayo, ofuna ukuthokoza, khepha onenhliziyo “[e]bubula[yo] ngenxa yezono [zakhe].” Singazwelana nalokhu kanye nokuzinikela ngethemba okulandelayo: “Nokho, ngiyazi ukuthi ithemba lami likubani” (bheka u-2 Nefi 4:15–19).

Ngesikhathu uNefi nabantu bakhe befunda “[uku]phila ngendlela yenjabulo” (2 Nefi 5:27), bafunda nokuthi injabulo ayizi kalula noma ngaphandle kwezikhathi zosizi. Empeleni, ivela ekuthembeni iNkosi, “idwala lokulunga [kwethu]” (2 Nefi 4:35).

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

2 Nefi 3:6–24

UJoseph Smith wagcotshwa ngaphambilini ukuba abuyisele ivangeli.

ULehi watshela indodana yakhe uJoseph ngisiprofetho esanikezwa uJosefa waseGibithe. Isiprofetho sasiphathelene “nomboni okhethiweyo” ozayo, uJoseph Smith. Ngabe amavesi 6–24 athini mayelana nokwakuzo kwenziwa uJoseph Smith, ukubusisa abantu baNkulunkulu na? Ngabe umsebenzi kaJoseph Smith “[u]yinzuzo enkulu” kanjani kuwe na? ­ Cabanga ngemibuzo efana nale, futhi ucabange ukubhala izimpendulo zakho:

  • Yilona luphi ulwazi onalo ngoBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu ngenxa yalokho okwafundiswa uJoseph Smith na?

  • Impilo yakho ihluke kanjani ngenxa yalokho iNkosi eyakubuyisa ngoJoseph Smith na?

  • Ngabe impilo yakho yayizohluka kanjani ukuba ukuBuyiselwaakwenzekanga na?

Ingxenye yomsebenzi kaJoseph Smith kwakuwukuletha iNcwadi kaMormoni. Ngabe yikona kuphi okufundayo kulesi sigaba ngokubaluleka kweNcwadi kaMormoni na? Yini ekuhlaba umxhwele ngesibonelo sikaNefi emavesini 7, 11–13, 18–24.

­

Isithombe
umProfethi uJoseph Smith

Prophet of the Lord [UmProfethi weNkosi], nguDavid Lindsley

2 Nefi 14:15–35

“O Nkosi, ngethembele kuwe.”

UNefi wathi uzobhala “izinto zomphefumulo wami” (ivesi 15). Ngesikhathi ufunda akubhalile ku 2 Nefi 4:15–35, zibuze, “Yizona ziphi izinto zomphefumulo wami na?” Cabanga ngokuzibhala phansi, njengoba uNefi enza, futhi wabelane ngazo ebantwini obathandayo.

Ukubona indlela uNefi athola ngayo induduzo ngesikhathi ezizwa ethwele futhi enokwesaba kungakusiza uma unemizwa ecishe ifane. Bheka emavesini 15–35 iziqephu ezikuhlaba umxhwele. Uyamazi omunye umuntu ongathola induduzo kulamavesi na?

Bheka futhi kuRonald A. Rasband, ““The Things of My Soul,” ILiyahona, ngoNovemba 2021, 39–41.

2 Nefi 5

Ngingathola injabulo ekuphileni ivangeli likaJesu Kristu.

Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukujabula na? UNefi wabhala ukuthi abantu bakhe baphila “ngendlela yenjabulo” (2 Nefi 5:27). Ungase ubheke izinqumo uNefi nabantu bakhe abazithatha ezabasiza bajabula (bheka, isibonelo 2 Nefi 5:6, 10–17). Yini engakusiza wakhe impilo yenjabulo njengoba abantu baNefi benza na?

2 Nefi 5:20–21

Ngabe yisona siphi isiqalekiso esavelela amaLamani na?

Ngenzinsuku zikaNefi isiqalekiso samaLamani kwakungukuthi “bahlukaniswa neNkosi … ngenxa yobubi babo” (2 Nefi 5:20–21). Lokhu kuchaza ukuthi uMoya weNkosi wasuswa ezimpilweni zabo. Ngesikhathi amaLamani emukela ivangeli likaJesu Kristu, “ isiqalekiso sikaNkulunkulu nempela asibange sisabalandela nanini” (Alima 23:18).

INcwadi kaMormoni iphinde ithi amaLamani avelelwa uphawu lwesikhumba esimnyama emva kokuba amaNefi azisuse kuwo. Isimo nokubukeka kwaloluphawu akukaqondakali ngokuphelele. Ekuqaleni, uphawu lalihlukanisa amaLamani kwamaNefi. Emva kwesikhathi, ngesikhathi amaNefi namaLamani womabili edlula ezikhathini zobubi nokulunga, uphawu alubange lusasho lutho.

Abaprofethi bayavuma ezinsukwini zethu ukuthi isikhumba esimnyama asilona uphawu lokungamukelwa kokungcwele noma ukuqalekiswa. UMongameli uRussell M. Nelson wamemezela: “Ngiyakwethembisa ukuthi ukuma kwakho phambi kukaNkulunkulu akuhlangene nebala lesikhumba sakho. Ukwemukelwa noma ukungemukelwa uNkulunkulu kuncike ekuzinikeleni kwakho kuNkulunkulu nemiyalelo Yakhe, hhayi ebaleni lesikhumba sakho”.

Njengoba uNefi afundisa, iNkosi “ayenqabeli namunye oza kuyo,omnyama nomhlophe, oboshiwe nokhululekile, owesilisa nowesifazane; … bonke bayefana kuNkulunkulu” (2 Nefi 26:33).

­

Ukuthola amanye amasu, bheka isiqephu sephephabhuku salenyanga ILiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

Amasu okuFundisa abaNtwana

2 Nefi 3:6–24

UJoseph Smith wayengumprofethi.

  • Cabanga ngokuthi ungabafundisa kanjani abantwana bakho ngomsebenzi omkhulu kaNkulunkulu owafezeka ngoJospeh Smith. Ukuqala, ungasiza abantwana bakho bathole igama elithi “umboni” ku 2 Nefi 3:6 bese uyachaza ukuthi abaprofethi babizwa ngababoni ngoba uBaba oseZulwini uyabasiza babone izinto esingakwazi ukuzibona. Aba ngokuthi ukujabulela kangakanani ukuba nomboni ohola iBandla.

  • ­ Vumela abantwana babelane ngabakwaziyo ngezithombe. Kungani uJoseph Smith ebizwa “[ngo]mboni okhethiweyo” na? Yini uJoseph Smith ayenza “[eyayi]baluleke kakhulu” na? (uvesi 7).

2 Nefi 4:15–355

Ngiyazithanda “izinto zeNkosi.”

  • Yini esenza sijabule na? Cabanga ngokufunda ndawonye lamavesi atholakala ku 2 Nefi 4 ukuthola ukuthi yini eyayithokozisa uNefi noma eyayimjabulisa (bheka amavesi 15–16, 20–25, 34–35). Kumlayezo wakho onesihloko esithi “The Things of My Soul,” iGosa uRonald A. Rasband waba “ngezinto zeNkosi” eziyisikhombisa eziyigugu kuye (ILiyahona, Nov. 2021, 39–41). Mhlawumbe ningabuyekeza uhlu lwakhe ndawonye futhi nixoxe “[nge]zinto zeNkosi” eziyigugu kini.

  • 2 Nefi 5 uchaza izinto ezasiza amaNefi aphile “ngendlela yenjabulo” ( uvesi 7). Ungaveza amagama noma izithombe ezimele lezi zinto futhi usize abantwana bakho bazixhumanise namavesi atholakala kwisigaba 5. Ezinye izibonelo zibala umndeni (uvesi 6), imiyalo kaNkulunkulu (uvesi 10), imibhalo engcwele (uvesi 12), umsebenzi (uvesi 15 and 17), amathempeli (uvesi 16), nobizo lwaseBandleni (uvesi 26). Ngabe lezi zinto zisilethela kanjani injabulo na?

2 Nefi 5:15–16

Ithempeli liyindlu yeNkosi.

  • Ngesikhathi ufundela abantwana bakho 2 Nefi 5:15–16, bangalingisa ukuthi basiza uNefi ukwakha ithempeli. Ungase futhi ubatshengise izithombe zezakhiwo ezihlukene, kanye nethempeli. Ngabe amathempeli ahluke kanjani kunezinye izakhiwo na? Abelanani ngokuthi kungani ithempeli libalulekile kini.

Noma yisiphi isikhathi singaba yisikhathi sokufundisa. Ungakucabangi ukufundisa umndeni wakho njengento oyenza kanye esontweni ngesikhathi sesifundo esisemthethweni. Kucabange njengento oyenza njalo.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
AmaNefi akha ithempeli

The Temple of Nephi [IThempeli likaNefi], nguMichael T. Malm

Shicilela