Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoMeyi 6–12: “Ngamandla eNkosi.” uMosiya 7–10


“NgoMeyi 6–12: ‘Ngamandla eNkosi.’ uMosiya 7–10,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2024)

“NgoMeyi 6–12. uMosiya 7–10,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2024 (2024)

Isithombe
u-Amoni efundisa iNkosi uLimihi

NguMinerva Teichert (1888–1976), Ammon before King Limhi [u-Amoni phambi kweNkosi uLimihi], 1949–1951 amafutha kwimasonite, 91cm × 122 cm. I-Brigham Young University Museum of Art, ngo-1969.

NgoMeyi 6–12: “Ngamandla eNkosi”

uMosiya 7–10

Ngenkathi abantu beNkosi uMosiya bejabulela “ukuthula okuqhubekayo” eZarahemla (Mosiya 7:1), imicabango yabo yaphendukela kwelinye iqembu lamaNefi, elasuka eminyakeni eminingi ngaphambili layohlala ezweni lakwaLehi-Nefi. Izizukulwane zasezidlulile, futhi abantu bakaMosiya babengakaze bezwe lutho ngabo. Ngakho-ke uMosiya wacela u-Amoni ukuthi ahole iqembu lokubheka ukuze athole amaNefi ayehambile. Iqembu elalibheka lathola ukuthi amaNefi, “ngenxa yobubi” (uMosiya 7:24), ayesekuthunjweni kumaLamani. Kodwa ngokufika kuka-Amoni nabafowabo, ngokuphazima kweso kwaba khona ithemba lokuba bazokhululwa.

Kwesinye isikhathi sifana namaNefi athunjiwe, sihlupheka ngenxa yezono zethu, sizibuza ukuthi siyophinde sikuthole kanjani ukuthula na. Kwesinye isikhathi sifana no-Amoni, sizizwa sinentshisekelo yokuthi sifinyelele kwabanye futhi ekugcineni sithole ukuthi imizamo yethu ibagqugquzele ukuthi “baphakamise amakhanda [abo], futhi bajabule, futhi babeke ithemba [labo] kuNkulunkulu” (uMosiya 7:19). Noma ngabe izimo zethu zinjani, sonke sidinga ukuphenduka futhi “siphendukele eNkosini ngenhloso ephelele yenhliziyo,” sinokholo lokuthi “uyo… sikhulula” (uMosiya 7:33).

Amasu okuFunda eKhaya kanye naseBandleni

uMosiya 7:14–33

UJesu Kristu unawo amandla okungisindisa.

Ukuhlangana no-Amoni kwanika iNkosi uLimihi inhlansi yethemba, futhi yayifuna ukudlulisela lelo themba kubantu bayo. Mhlawumbe amazwi ayo angakunikeza ithemba nawe. Ukwazi umsuka, cabanga ukubuyekeza isimo sabantu baLimihi ku uMosiya 7:20–25. Cabanga ngalemibuzo ngesikhathi ufunda uMosiya 7:14–33:

  • Yikona kuphi okwashiwo uLimihi ukuze aqinise ukholo nethemba lwabantu bakhe kuKristu na?

  • Iyona miphi imishwana ekusiza uzwe ithemba na? (bheka emavesini 19, 33).

  • Ngabe yikona kuphi odlule kukho okukusize uthembe ukuthi uNkulunkulu angakwazi futhi uzokukhulula na?

­

uMosiya 7:26–27

Ngidalwe “ngomfanekiso kaNkulunkulu.”

Ku Mosiya 7:26–27, uLimihi wachaza amanye amaqiniso afundiswa u-Abinadi. Ngabe yiwona maphi amaqiniso ongawathola kulamavesi na? Lamaqiniso ayithinta kanjani indlela obona ngayo uNkulunkulu nendlela ozibona ngayo na?

­

Isithombe
uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli

uMosiya 8:13–19

INkosi ibiza abaprofethi, ababoni, kanye nabembuli ukuthi kuzuze isintu.

Ngenkathi uLimihi ezwa ubufakazi buka-Amoni bokuthi iNkosi yayivuse umboni, uLimihi “wajabula kakhulu, futhi wabonga uNkulunkulu” (uMosiya 8:19). Ucabanga ukuthi kungani azizwa ngaleyondlela na? Ngabe sifundani ngababoni emazwini ka-Amoni ku Mosiya 8:13–19 na?

Ngabe uyawesekela amalungu obuMongameli BokuQala nomGwamanda wabaPostoli abayiShumi namBili njengabaprofethi, ababoni, nabembuli na? Ngabe babe “inzuzo enkulu” kanjani kuwe na? (uMosiya 18:18). Ngabe bakufundiseni ngoJesu Kristu na?

Ungakwazi kanjani, njengo-Amoni, ukukhuluma ngokuzethemba ngesidingo sabaprofethi, ababoni, kanye nabembuli na? (Bheka uMosiya 8:13–18). Isibonelo, yikona kuphi ongabelana ngakho emndenini wakho nasezinkundleni zokuxhumana na:

  • Amaqiniso abuyiswe nguJoseph Smith esikhathini sethu kanye nabanye abaprofethi beNkosi (njengesimilo sikaNkulunkulu, isimilo sethu esingcwele, noma isimo saphakade somndeni). Ukubuyekezwa kwesimemezelo esithi “The Restoration of the Fulness of the Gospel of Jesus Christ” noma “Umndeni: Isimemzelo Emhlabeni Wonke” (Umtapo Wolwazi lweVangeli) kunganisiza nicabanga amanye amaqiniso.

  • Izibusiso zeziyalo noma izimiso (njengeZwi lokuHlakanipha, umthetho wobumsulwa, noma ukuboshwa kwemindeni).

Enyangeni edlule, sizwe abaprofethi, ababoni, nabembuli kwingqungquthela yebandla lonke. Yimiphi imiyalezo ekugqugquzelile na? Ngabe yikona kuphi ozokwenza ngendlela ehlukile ngenxa yokufundile na? Ababoni beNkosi batheni “ngezinto ezizoza na? (uMosiya 8:17).

Bheka futhi IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Abaprofethi,” Umtapo woLwazi lweVangeli.

uMosiya 9–10

Ngingabhekana nezinselelo zami “ngamandla eNkosi.”

UZenifi wavuma ukuthi amaphutha akhe abeka abantu bakhe esimweni esinzima. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ngenkathi eyolwa namaLamani, wasiza abantu bakhe ukuthi babhekane nezinselelo zabo ngokholo eNkosini. Ngesikhathi ufunda uMosiya 9–10, bheka ukuthi abantu bakaZenifi benzani ukukhombisa ukholo lwabo. UNkulunkulu wabaqinisa kanjani na? Ukuqinise kanjani wena na? Kusho ukuthini kuwe ukuphuma “ngamandla eNkosi” na? (uMosiya 9:17; 10:10–11).

uMosiya 10:11–17

Izinqumo zami zingabanemithelela ezizukulwaneni.

Ngesikhathi ufunda uMosiya 10:11–17, bheka indlela izenzo kanye nezimo zengqondo zezizukulwane ezedlule zamaLamani zathinta kanjani izizukulwane ezalandela na. Lokhu kusho ukuthini ngendlela izinqumo zethu ezingathinta ngayo abanye—ngokuhle noma okubi—kubandakanye abantu abangakazalwa nokuzalwa.

Sebenzisa izifundo lapho kusetshenziswa izinto ezithile. Izifundo-zenza ukufunda kube mnandi futhi kukhumbuleke. Mhlawumbe umugqa wamadominowi ungakhombisa indlela izinqumo zabantu ezingathinta ngayo inzalo yabo (bheka uMosiya 10:11–17).

Amasu okuFundisa abaNtwana

uMosiya 7:19

UNkulunkulu usize abantu emibhalweni engcwele, futhi nami angangisiza.

  • Ngesikhathi abantu bakhe besenkingeni, inkosi uLimhi wasebenzisa imibhalo engcwele ukwakha ukholo lwabo. Buza abantwana bakho ngezindaba zemibhalo engcwele noma abantu ababasize babe nokholo. Bese ungabafundela uMosiya 7:19 bese nibuyekeza izindaba ezibalwe kulelivesi. Mhlawumbe abantwana bakho bangathanda ukuzilingisa. Ngabe iNkosi yabasiza kanjani abantu abakulezi zindaba na? Ingasisiza kanjani thina na?

  • ­ Basize babone indlela iNkosi esize ngayo abantu eNcwadini kaMormoni—nendlela ingasisiza ngayo thina.

uMosiya 8:16–18

UNkulunkulu usiphe abaprofethi, ababoni, kanye nabembuli.

  • Indlela eyodwa yokufundisa ngababoni ukubaqhathanisa nezinto ezenza sibone kangcono, njengezibuko, izibonakude, noma isibonisakhulu. Ngesikhathi ufundela abantwana bakho uMosiya 8:17, bangaphakamisa izandla bazibeke emehlweni sengathi babuka ngesibonisakhulu njalo uma bezwa igama elithi “umboni” (bheka futhi uMose 6:35–36). Xoxa nabo ngezinto iNkosi esiza abaprofethi ukuba “bazibone” thina esingakwazi ukuzibona. Ngabe abaprofethi noma ababoni bethu, njengoJoseph Smith, basimbulele ukuthini?

  • Emva kokufunda uMosiya 8:16–18 nabantwana bakho, ungabasiza bacabange izindlela zokuqeda umusho onjengalona Umboni ufana ne … esisiza …. Isibonelo, umboni ufana nophawu lwasemgaqweni elisikhomba kuJesu Kristu.

  • Ungase futhi wenze izinyawo ngamaphepha bese umema abantwana bakho badwebe izinto abaprofethi, ababoni, kanye nabembuli abaseluleke ukuba sizenze. Beka izinyawo endleleni egunjini elithile, bese uvumele abantwana bakho bahambe kuzo lezi zinyawo. Umboni ungaba “inzuzo enkulu” kanjani kithi na? (bheka uMosiya 8:17–18).

uMosiya 9:14–18; 10:10–11

Uma ngibuthaka, iNkosi ingangiqinisa.

  • Uma abantwana bebhekene nezinkinga, babuye bazizwe bebuthaka futhi bengenasizo. Ungabasiza kanjani abantwana bakho bathembele emandleni eNkosi na? Ungababuza ukuthi senzanjani ukuze sibe namandla ngokwenyama. Kuchaza ukuthini ukuba “[n]amandla abantu” na? (bheka uMosiya 10:11). Kusho ukuthini ukuba “[n]amandla eNkosi” na? (bheka uMosiya 9:17–18; 10:10). Siwathola kanjani amandla eNkosi na? Abantwana bakho bangadweba isithombe sezinto ezibasiza bathole amandla eNkosi.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku elithi Friend (Umngani) lalenyanga.

Isithombe
uJoseph Smith noMoroni

Vision to Joseph Smith [Umbono kuJoseph Smith], nguClark Kelley Price

Shicilela