“Isithasiselo D: Okuphathelene nemiGwamanda yobuPristi buka-Aroni namaKilasi amaNtombazane–Uhlelo Lwemihlangano” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)
“Isithasiselo D,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024
Isithasiselo D
Okuphathelene nemiGwamanda yobuPristi buka-Aroni namaKilasi amaNtombazane–Uhlelo Lwemihlangano
Usuku lomhlangano:
Ophethe umhlangano (ilungu lekilasi noma ubumongameli bomgwamanda):
Ukuvula
Iculo (ngokuzikhethela):
Umkhuleko:
Phinda i-Young Women Theme noma i-Aaronic Priesthood Quorum Theme.
Bonisanani ndawonye
Ngokuholwa yilowo ophethe umhlangano, ikilasi noma umgwamanda uchitha imizuzu eyisi–5 kuya kweyi–10 bebonisana ndawonye mayelana nezibopho zabo emsebenzini wensindiso nokuphakanyiswa. Leli yithuba lekilasi noma lobumongameli bomgwamanda ukuba belandelele ezintweni okuxoxwe ngazo emhlanganweni wobumongameli noma umhlangano womkhandlu wentsha wewadi.
Ophethe umhlangano angasebenzisa owodwa noma eminingi yalemibuzo:
Ukuliphila ivangeli
-
Ngabe yikona kuphi esesike sahlangabezana nakho kamuva nje okuqinise ubufakazi bethu bukaJesu Kristu neVangeli Lakhe na?
-
Yikuphi esikwenzayo ukuze sisondele kuMsindisi na? Sizama kanjani ukufana kakhulu Naye?
-
Sikuzwe kanjani ukuholwa yiNkosi ezimpilweni zethu?
Ukunakekela labo abasweleyo
-
Ngubani esizwe siqondiswa ukuba simsize noma simsebenzele? Yizona ziphi izabelo esizithole kumbhishobhi ukusiza umuntu osweleyo?
-
Singasizana kanjani omunye nomunye ezintweni esibhekene nazo na?
-
Ngabe ukhona yini osanda kungena noma kuthuthela ewadini lethu eBandleni lethu na? Singabasiza kanjani ukuba bazizwebemukelekile na?
Ukumema wonke umuntu ukuba bemukele ivangeli.
-
Singenzani ukuze sisize abanye baluzwe uthando lukaNkulunkulu?
-
Yikona kuphi okuzokwenziwa esingamema abangani bethu ukuba bazoba nathi kukho na?
-
Yiziphi izinhlelo zokwabelana ngevangeli okuxoxwe ngazo emihlanganweni yomkhandlu wentsha yesigceme na? Lingabamba kanjani iqhaza ikilasi noma umgwamanda wethu na?
Ukuhlanganisa imindeni ingunaphakade
-
Yiziphi ezinye izindlela esingaxhumana ngazo kangcono namalungu omndeni, kuhlanganisa ogogo nomkhulu kanye nabazala?
-
Senzani ukuthola amagama okhokho bethu abadinga izimiso zasethempeleni na? Singenzani ukusiza abanye bathole amagama okhokho babo?
-
Singalibamba kanjani iqhaza kakhulu emsebenzini wasethempelini––ngabanye, njengekilasi noma njengomgwamanda na?
Fundani ndawonye.
Umholi omdala noma ilung lomgwamanda noma lekilasi lihola imiyalelo yokuba kufundwe emayelana nencwadi yokufunda ethi Wozani, Ngilandeleni. Usebenzisa amasu okufunda encwadini Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo Zasekhaya naseBandleni. Umqondo wokufunda onalolu phawu uqondaniswe nesikole sevangeli futhi ubaluleke kakhulu entsheni. Kodwa-ke, kungasetshenziswa noma yimaphi amasu okufunda. Lengxenye yomhlangano ivame ukuthatha cishe imizuzu engama–35 kuya kwengama–40.
Ukuvala
Umuntu ophethe lomhlangano:
-
Unika ubufakazi ngemigomo efundisiwe.
-
Uxoxa ngokuthi ikilasi noma umgwamanda yini ozoyenza ngalokho abakufundile––njengeqembu noma ngabanye.
Umkhuleko: