Izinsiza Ezengeziwe zokuFundisa Abantwana
Isithasiselo B: Okuqondene neNhlangano yabaNtwana—Ukulungiselela Abantwana Impilo Yonke Besendleleni kaNkulunkulu yesiVumelwano


“Isithasiselo B: Okuqondene neNhlangano yabaNtwana—Ukulungiselela Abantwana Impilo Yonke Besendleleni kaNkulunkulu Yesivumelwano,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“Isithasiselo B,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandlenii: 2025

Isithasiselo B

Okuqondene neNhlangano yabaNtwana–Ukulungiselela Abantwana Impilo Yonke Besendleleni kaNkulunkulu Yesivumelwano

Kulezo zinyanga ezinamaSonto amahlanu, othisha beNhlangano yabaNtwana bayakhuthazwa ukuba esikhundleni sohlaka olusencwadi yezifundo ebizwa ngokuthi Wozani, Ngilandeleni bafake okukodwa noma okuningi kwemisebenzi yokufunda okungenziwa .

IMigomo neZimiso zeVangeli likaJesu Kristu

IMfundiso kaKristu isifundisa ukuthi sibuyela kanjani kuNkulunkulu.

Ngesikhathi uJesu Kristu evela kubantu baseMelika, wabafundisa imfundiso Yakhe. Wathi siyokwazi ukungena embusweni kaNkulunkulu uma sinokholo, siphenduka, sibhabhadiswa, samukela uMoya oNgcwele, futhi sibekezela kuze kube sekugcineni (bheka ku 3 Nefi 11:31–40; bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 20:29). Lokhu okungezansi okwenziwayo kungakusiza ufundise abantwana ukuthi lemigomo nezimiso iyosisiza ukuthi sisondele kuMsindisi kukho empilweni yethu yonke.

Ukuze ufunde kabanzi ngemfundiso kaKristu, bheka ku 2 Nefi 31.

Imisebenzi Engenziwa

  • Nikeza abantwana izithombe ezimele ukholo kuJesu Kristu, ukuphenduka, umbhabhadiso nokuqiniswa (bheka Incwadi Yobuciko BeVangeli, izinombolo. 1, 111, 103, kanye 105). Funda noma usho umbhalo wokholo wesine, kanye nabantwana, bese ubacela ukuthi babambe izithombe uma kukhulunywa ngalowomgomo noma isimiso. Siza abantwana baqonde ukuthi lemigomo nezimiso zisisiza kanjani ukuba sifane kakhulu noBaba oseZulwini noJesu Kristu.

    Frontal head and shoulders portrait of Jesus Christ. Christ is depicted wearing a pale red robe with a white and blue shawl over one shoulder. Light emanates from the face.
  • Ungabasiza kanjani abantwana ukuba baqonde ukuthi ukholo, ukuphenduka, ukubhabhadiswa nokuqiniswa akuzona izinto ezenzeka kanye nje kuphela, kodwa zinomthelela ekukhuleni kwethu ngokomoya impilo yethu yonke na? Isibonelo, ungabakhombisa isithombe sembewu nesihlahla esikhulu (noma uzidwebe lezi zinto ebhodini). Basize bacabange ngezinto ezisiza imbewu ikhule ibe yisihlahla esikhulu, njengamanzi, yinhlabathi nokukhanya kwelanga. Basize ukuba babone ukuthi lokhu kufana nezinto esizenzayo ukuze sisondele kuNkulunkulu impilo yethu yonke—sakha ukholo lwethu kuJesu Kristu, siphenduka zonke izinsuku, siphila izivumelwano zethu zombhabhadiso, futhi silalela uMoya oNgcwele.

  • Yabelana nabantwana ngendaba yesiqhumane esivela kumlayezo weGosa uDale G. Renlund “Ukuphenduka Kungangisiza Kanjani Ngizizwe Ngijabule?” (Friend (Umngani), Dec. 2017, 12–13, noma ILiyahona, ngoDisemba. 2017, 70–71; bona futhi ividiyo ethi “Ukuphenduka: Ukukhetha Okujabulisayo” [Umthombo woLwazi weVangeli]). Emaphuzwini ahlukene ngesikhathi sendaba, cela abntwana ukuthi bacabange ngendlela iGosa uRenlund okungenzeka ukuthi wazizwa ngayo. Kungani sizwa injabulo uma siphenduka? Abelana nabantwana ngenjabulo nothando owaluzwa ngesikhathi ucela uBaba oseZulwini ukuba akuthethelele.

4:36

Repentance: A Joyful Choice

Umbhabhadiso

UJesu Kristu wangibekela isibonelo ngesikhathi ebhabhadiswa.

Noma uJesu Kristu wayengenasono, wabhabhadiswa ukuba yisibonelo esihle kakhulu sokulalela uBaba oseZulwini (bheka ku 2 Nefi 31:6–10).

Ukufunda kabanzi ngombhabhadiso, bheka IMfundiso neziVumelwano 20:37; IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Bhabhadisa,” Umthombo woLwazi weVangeli.

Imisebenzi Engenziwa

  • Khombisa isithombe sombhabhadiso kaMsindisi nesombhabhadiso womunye umuntu (noma bheka Incwadi Yobuciko BeVangeli, no. 35 kanye ne-no. 103 noma no. 104). Cela abantwana ukuba babelane ngokuthi yikuphi okwehlukile nokufanayo phakathi kwalezi zithombe zombili. Fundani ndawonye ngokukaMathewu 3:13–17 noma “Isahluko 10: UJesu UyabhabhadiswaEzindabeni ZeTestamente Elisha, 26–29 (noma ividiyo ehambisana nayo kuMthombo woLwazi weVangeli). Cela abantwana ukuba bakhombe izinto ezithombeni okukhulunywe ngazo kokufundiwe. Tshela abantwana ngothando lwakho ngoMsindisi nokulangazelela ukuMlandela.

    1:51

    Chapter 10: Jesus Is Baptized

    Jesus Christ being baptized by John the Baptist in the River Jordan.  Christ has been immersed and is ascending out of the water.
  • Lalela noma ucule iculo elimayelana nokubhabhabhadiswa, njengokuthi “Lapho UJesu Kristu Ebhabhadiswa” (Ibhuku lamaculo Ezingane, 102). Sifundani ngombhabhadiso engomeni? Funda ku 2 Nefi 31:9–10, bese umema abantwana ukuba balalele ukuthi wayebhabhadiselwani uJesu Kristu. Bameme ukuba badwebe isithombe sabo ngosuku lombhabhadiso wabo.

Ngingakhetha ukwenza isivumelwano noNkulunkulu futhi ngibhabhadiswe.

Ukulungiselela umbhabhadiso kuchaza okuningi kakhulu kunokulungiselela umcimbi. Kuchaza ukulungiselela ukwenza isivumelwano bese uyasigcina leso sivumelwano impilo yonke. Zindla ngokuthi ungabasiza kanjani abantwana ukuthi baqonde isivumelwano abazosenza noBaba oseZulwini uma sebebhabhadiswa, okubandakanya izethembiso Azenza kubona nezethembiso abazenza kuYena.

Imisebenzi Engenziwa

  • Chaza ukuthi isivumelwano yisethembiso esiphakathi komuntu noBaba oseZulwini. Njengoba sizama ukugcina izethembiso zethu kuNkulunkulu, uNkulunkulu wethembisa ukusibusisa. Bhala ebhodini ukuthi Izethembiso Zami kuNkulunkulu nokuthi Izethembiso zikaNkulunkulu Kimi. Fundani ndawonye uMosiya 18:10, 13 nakwi IMfundiso neziVumelwano 20:37, bese usiza abantwana ukuba benze uhlu lwezithembiso abazithola ngaphansi kwezihloko ezifanele (bheka futhi uDallin H. Oaks, “Isivumelwano Sakho Sombhabhadiso,” Friend (Umngani), ngoFebhruwari. 2021, 2–3). Abelana ngendlela uBaba oseZulwini akubusise ngayo njengoba uzama ukugcina isivumelwano sakho sombhabhadiso.

  • Khombisa abantwana izithombe zezinto ezenziwa nguJesu Kristu ngesikhathi sobufundisi Bakhe (ukuze uthole ezinye izibonelo, bheka Incwadi Yobuciko BeVangeli, izinombolo 33–49). Yekela abantwana bakhulume ngokuthi uJesu wenzani esithombeni ngasinye. Funda uMosiya 18:8–10, 13, bese uyabamema abantwana ukuba balalele izinto abathembisa ukuzenza uma sebebhabhadisiwe (bheka futhi “Isivumelwano Sobhabhadiso,” Friend (Umngani), ngoFebhruwari. 2019, 7, noma Liyahona, ngoFebhruwari. 2019, F3). Zingaba nomthelela onjani lezi zethembiso ezenzweni zethu nsuku zonke na? Bameme abantwana ukuba badwebe isithombe sabo besiza umuntu othile ngendlela uJesu ayengenza ngayo.

    Jesus Christ depicted as a child with his mother Mary. Christ is kneeling beside Mary and resting His clasped hands on Mary's lap. Mary has her head bowed as she and the young Christ pray. There is an oil lamp burning on a table next to the mother and son.
umbhabhadiso

Uma sibhabhadiswa, senza izethembiso kuNkulunkulu Naye wenza izethembiso kithi.

Ukuqiniswa

Lapho sengiqinisiwe, ngiba yilungu leBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.

Ukuba yilungu leBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina kuletha izibusiso, kubandakanya namathuba okuba abantwana babambe iqhaza ngenkuthalo emsebenzini kaNkulunkulu.

Ukuze ufunde kabanzi mayelana nokuqiniswa kanye nesipho sikaMoya oNgcwele, bheka u-Gary E. Stevenson, “Ukusiza Kanjani UMoya Ongcwele?,” Liahona, Meyi 2017, 117–20; Izihloko kanye nemibuzo, “UMoya oNgcwele,” Umthombo woLwazi weVangeli.

Imisebenzi Engenziwa

  • Mema umuntu osanda kubhabhadiswa futhi waqiniswa ukuba eze ekilasini azokwabelana nani ukuthi kwakunjani ukuqiniswa. Cela lomuntu ukuthi akhulume ngokuthi kusho ukuthini kuye ukuba yilungu leBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Siza abantwana ukuba bacabange ngezindlela abangagcina ngazo izivumelwano zabo zombhabhadiso njengamalungu eBandla (njengokusebenzela abanye, ukumema abanye ukuba bafunde kabanzi ngoJesu, ukukhuleka emihlanganweni, kanye nokunye). Abelana ngokuthi ukwenza lezi zinto kukusize kanjani ukuba uzwe injabulo yokuba yilungu leBandla likaKristu.

  • Bonisa isithombe sabantu baseWaters of Mormon (bona Incwadi Yobuciko BeVangeli, no. 76), bese ucela izingane ukuthi zichaze ezikubona esithombeni. Xoxa indaba ka-Alima nabantu bakhe bebhabhadiswa (bheka uMosiya 18:1–17; “Isahluko 15: U-Alima Uyafundisa Futhi Uyabhabhadisa,” ku Izindaba Zencwadi KaMormoni, 43–44, noma kuvidiyo ehambisana ne-Gospel Library). Buyekeza uMosiya 18:8–9 bese umema abantwana ukuba benze izenzo zokubasiza ukuba bakhumbule izinto abantu ababezimisele ukuzenza njengamalungu ebandla likaJesu Kristu. Ngokwesibonelo, singabasiza kanjani abanye ukuba “bathathe isinyathelo sokwenza izivumelwano noNkulunkulu”? (NguRussell M. Nelson, “Hope of Israel” [worldwide youth devotional, ngoJuni 3, 2018], uMthombo woLwazi weVangeli). Abelana ngesehlakalo lapho ubone khona amalungu eBandla esebenza ngalezi zindlela.

    The Book of Mormon prophet Alma baptizing Nephite converts in the Waters of Mormon. Other men and women are watching or waiting to be baptized. There are trees and mountains in the background. Scriptural reference: Mosiah 18:5-16
    2:9

    Chapter 15: Alma Teaches and Baptizes

Uma ngiqiniswa, ngamukela isipho sikaMoya oNgcwele.

Uma sibhabhadiswa futhi siqiniswa, uBaba oseZulwini uthembisa ukuthi “sizohlala sinoMoya wakhe [kithi]” (IMfundiso neziVumelwano 20:77). Lesi sipho esimangalisayo esivela kuNkulunkulu sibizwa ngesipho sikaMoya oNgcwele.

Imisebenzi Engenziwa

  • Funda IMfundiso neziVumelwano 33:15, bese ucela abantwana ukuba balalele isipho esikhethekile uBaba oseZulwini asipha sona lapho sibhabhadiswa futhi siqiniswa. Ukubasiza ukuba bafunde ngokwengeziwe ngokuthi singabasiza kanjani isipho sikaMoya oNgcwele buyekezani ndawonye ku NgokuaJohane 14:26; abaseGalathiya 5:22–23; 2 Nefi 32:5; 3 Nefi 27:20. Ungaphinda ubuyekeze isihloko esithi “UMoya Ongcwele U …” ((Friend Umngani), ngoJuni 2019, 24–25, noma ILiyahona, ngoJuni 2019, F12–F13).

  • Ngaphambi kweKilasi, cela abazali bengane eyodwa noma ngaphezulu ukuba babelane ngokuthi babusiswe kanjani ngenxa yokuthi banesipho sikaMoya oNgcwele. Ubasiza kanjani? Balizwa kanjani izwi Lakhe?

  • Culani ndawonye iculo ngoMoya oNgcwele, njengokuthi “The Holy Ghost” (Incwadi Yezingoma Zezingane, 105). Siza abantwana baqonde ukuthi iculo lisifundisani mayelana nendlela uMoya oNgcwele angasisiza ngayo.

UMoya oNgcwele ungakhuluma nami ngezindlela eziningi.

Abantwana abakwazi ukubona izwi likaMoya bazolungiselelwa ukwamukela isambulo somuntu siqu ukuze sibaqondise izikhathi zonke zezimpilo zabo. Bafundise ukuthi ziningi izindlela uMoya oNgcwele ongakhuluma nathi ngazo.

Imisebenzi Engenziwa

  • Siza abantwana bacabange ngezindlela ezahlukene esingakhuluma ngazo nomngani ohlala kude, njengokubhala incwadi, ukuthumela i-imeyili, noma ukukhuluma ocingweni. Bafundise ukuthi uBaba oseZulwini angakhuluma nathi ngoMoya oNgcwele. Sebenzisa umlayezo kaMongameli uDallin H. Oaks “How Does Heavenly Father Speak to Us?” ukusiza abantwana baqonde izindlela ezahlukene uMoya oNgcwele ongakhuluma ngazo ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu (Friend (Umngani), Mar. 2020, 2–3, noma Liyahona, ngoMashi. 2020, F2–F3).

  • Abelana ngesahlakalo lapho uMoya oNgcwele akhuluma nawe khona, noma ngemicabango engqondweni yakho noma ngomuzwa osenhliziyweni yakho (bheka IMfundiso neziVumelwano 6:22–23; 8:2–3; bheka futhi uHenry B. Eyring, “Vula Inhliziyo Yakho kuMoya oNgcwele,” Friend (Umngani), Aug. 2019, 2–3, noma Liyahona, ngoAgasti. 2019, F2–F3). Fakaza ebantwaneni ukuthi uMoya oNgcwele ungabasiza nabo ngezindlela ezifanayo.

  • Siza abantwana babone izikhathi lapho bewuzwa uMoya–isibonelo, lapho becula iculo ngoMsindisi noma lapho benzela abanye okuthile okuhle. Basize bakwazi ukuqaphela umuzwa wokomoya olethwa nguMoya oNgcwele. Ucabanga ukuthi kungani uMoya oNgcwele usinika leyomizwa na? Siza abantwana ukuba bacabange ngezinto okumele sizenze ukuze sizwe uMoya oNgcwele ukhuluma nathi. Xoxa ngokwenzayo ukuze umuzwe uMoya ngokucacile.

Isidlo esiNgcwele

Lapho ngamukela isidlo esingcwele, ngikhumbula umhlatshelo woMsindisi futhi ngivuselela izivumelwano zami.

UMsindisi wasinika isidlo esingcwele ukusisiza ukuba sikhumbule umhlatshelo wakhe ngenxa yethu nokuvuselela izivumelwano zethu.

Ukuze ufunde kabanzi, bheka ku NgokukaMathewu 26:26–30; 3 Nefi 18:1–12; IMfundiso neziVumelwano 20:77, 79.

Imisebenzi Engenziwa

  • Mema abantwana ukuthi bafake imibala “UJesu Wethula ISidlo esingcwele KumaNefi” encwadini ethi Incwadi Yemibala Yezindaba Zombhalo ongcwele: Incwadi kaMormoni (2019), 26. Bacele bakhombe ukuthi abantu bacabangani esithombeni. Fundela abantwana izingxenye eziku 3 Nefi18:1–12 noma “Isahluko 45: UJesu Kristu Ufundisa NgeSidlo esiNgcwele Nomthandazo,” Ezindabeni Zencwadi KaMormoni, 126–27 (noma buka ividiyo ehambisana ne-Gospel Library). Yini esingayenza ukukhumbula uJesu Kristu ngesikhathi sesidlo esingcwele na?

    1:50

    Chapter 45: Jesus Christ Teaches About The Sacrament And Prayer

  • Cela abantwana ukuba bakutshele ngezinye zezinto okumele bakhumbule njalo ukuzenza, njengokubopha izicathulo noma ukugeza izandla zabo ngaphambi kokuthi badle. Kubaluleke ngani ukuzikhumbula lezinto na? Fundela abantwana ku Moroni 4:3, bese uyabamema ukuba balalele lokho esithembisa ukukukhumbula njalo uma samukela isidlo esingcwele. Kubaluleke ngani ukumkhumbula uJesu Kristu? Siza abantwana baqonde ukuthi isinkwa namanzi esidlo esingcwele kusisiza kanjani ukuba sikhumbule lokho uJesu asenzele kona (bheka uMoroni 4:3; 5:2).

  • Bhala ebhodini “Ngiyethembisa uku …” Fundela abantwana imikhuleko yesidlo esingcwele (bheka IMfundiso neziVumelwano 20:77, 79). Lapho bezwa isithembiso esisenza kuNkulunkulu, yima kancane ubasize baqedele umusho ebhodini ngesithembiso abasizwile. Basize baqonde ukuthi uma samukela isidlo esingcwele, senza isithembiso esifanayo nalesi esasenza mhla sibhabhadiswa.

  • Kusho ukuthini ukubizwa ngegama likaJesu Kristu na? Ukusiza abantwana baphendule lombuzo, abelana ngesibonelo sento esifaka kuyo amagama ethu. Kungani sifaka amagama ethu kulezi zinto? Kungani uJesu Kristu engafuna ukufaka igama lakhe phezu kwethu? Cabanga ngokwabelana ngalencazelo esuka kuMongameli Russel M. Nelson: “Ukubizwa ngegama likaMsindisi, kubandakanya ukumemezela nokufakaza kwabanye―ngezenzo nangamazwi ethu―ukuthi uJesu unguKristu.” (“Igama Elilungile LeBandla,” Liyahona, NgoNovemba 2018, 88).

Amandla obuPhristi, iGunya, neziHluthulelo

UNkulunkulu ubusisa abantwana Bakhe ngamandla obuphristi.

Bonke abantwana baNkulunkulu–owesifazane nowesilisa, abasha nabadala, bathola amandla kaNkulunkulu lapho begcina izivumelwano abazenzile Naye. Senza lezi zivumelwano lapho samukela izimiso zobuPhristi njengombhabhadiso (bheka encwadini ethi General Handbook: Serving in The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints, 3.5, 3.6, Umtapo woLwazi weVangeli). Ukuze ufunde kabanzi, bheka uRussell M. Nelson, “Ingcebo Kamoya,” Liyahona, ngoNovemba. 2019, 76–79; “Izimiso Zobuphristi,” isahluko sesi-3 ku-General Handbook.

Imisebenzi Engenziwa

  • Siza abantwana baqaphele izibusiso abazitholayo ngenxa yobuPhristi. Ukuze ubanikeze imibono ethile, ungase ubabonise ividiyo ethi “Izibusiso Zobuphristi” (Umtapo woLwazi weVangeli). Cabanga ngokubhala uhlu lwalezi zibusiso ebhodini. Kungani lezibusiso zibalulekile kithi? Fakaza ngokuthi lezi zibusiso ziza kithi ngenxa kaJesu Kristu namandla obuphristi Bakhe.

    3:4

    Blessings of the Priesthood

  • Siza abantwana bathole izithombe ezibonisa ukuthi uNkulunkulu uwasebenzisa kanjani amandla Akhe ukuze asibusise. Isibonelo, bangathola isithombe somhlaba asidalele wona, izibonelo zokulapha abagulayo, nezimiso ezingcwele asinikeze zona (bheka Incwadi Yobuciko BeVangeli, nos. 3, 46, 104, 105, 107, 120). Abelana ngokuthi kungani ubonga ubuPhristi nezibusiso ezilethwa yibo. Siza abantwana bacabange ngezigigaba ngesikhathi babusiswa ngamandla obuphristi bukaNkulunkulu.

    A girl with long brown hair, wearing a white jumpsuit, being baptized in a baptismal font by a man in a white shirt and tie.
  • Enye yezindlela ezinkulu esithola ngazo izibusiso zamandla kaNkulunkulu ezimpilweni zethu yizimiso zobuphristi (bheka IMfundiso neziVumelwano 84:20). Ukusiza abantwana bafunde ngaleliqiniso, ungabhala loluhlu olulandelayo lwemibhalo engcwele ebhodini: 3 Nefi 11:21–26, 33 (umbhabhadiso); Moroni 2 (ukuqiniswa); Moroni 4–5 (isidlo esingcwele). Umntwana, ngamunye angakhetha eyodwa yalezi zindinyana bese ekhomba isimiso okukhulunywa ngaso. Mema abantwana ukuba babelane ngokuthi babusiswe kanjani siqu ngokuthola izimiso zobuphristi.

  • Siza abantwana baqonde ukuthi bazothola amandla kuNkulunkulu lapho bebhabhadiswa futhi begcina izivumelwano zabo zombhabhadiso. Buza abantwana ukuthi angabasiza kanjani lamandla.

Umsebenzi kaNkulunkulu uqondiswa ngezihluthulelo zobuzophristi futhi ufezwa ngegunya lobuphristi.

Noma nini lapho umuntu ehlukaniselwe ubizo noma abelwe ukusiza emsebenzini kaNkulunkulu, angasebenzisa igunya lobuphristi alinikeziwe. Ngaphezu kwalokho, amalungu eBandla angamadoda afanelekile angagcotshelwa esikhundleni sobuphristi. Ukusetshenziswa kwalo lonke igunya lobuphristi eBandleni kuqondiswa ngabantu abaphethe izihluthulelo zobuphristi, njengomongameli wesikhonkwane, umbhishobhi, nabamongameli bemigwamanda. Izihluthulelo zobuphristi ziyigunya lokuqondisa ukusetshenziswa kobuphristi ekwenzeni umsebenzi weNkosi.

Imisebenzi Engenziwa

  • Funda nabantwana encwadini NgokukaMarku 3:14–15, bese ubakhombisa isithombe sesehlakalo okukhulunywa ngaso lapho (njenge Incwadi Yobuciko BeVangeli, no. 38). Buza abantwana ukuthi bake bambona yini umuntu egcotshelwa isikhundla sobuphristi noma ehlukaniselwa ubizo (noma batshele ngolokho okubonile wena). Kufana kanjani lokho nalokhu uMsindisi akwenza nabaPhostoli bakhe na? Siza abantwana babhale uhlu ebhodini lezikhundla zobuphristi noma ubizo olunganikwa amalungu eBandla, njengomfundisi noma umholi enhlanganweni. Eduze kwesikhundla noma ubizo, ungabhala into lowo onaleso sikhundla noma ubizo anegunya lokukwenza. Tshela abantwana ukuthi ukuhlukaniswa ngumuntu ngaphansi kokuqondiswa yizihluthulelo zobhupristi kwakusiza kanjani ukuze ukwazi ukusebenza.

    Christ with the twelve men chosen by Him to be His Apostles. Christ has His hands upon the head of one of the men (who kneels before Him) as He ordains the man to be an Apostle. The other eleven Apostles are standing to the left and right of Christ.
  • Mema abantwana ukuba bacabange ngento oyidingela isihluthulelo, njenge moto noma isicabha semoto. Kwenzekani uma ungenaso isihluthulelo? Fundani ndawonye IMfundiso neziVumelwano 65:2, bese nifakaza ngokubaluleka bokuba nezihluthulelo zobuphristi emhlabeni. Ningase futhi nibukele ividiyo ethi “Ziphi Izihluthulelo?” (Umtapo woLwazi weVangeli) futhi nibheke lokho iGosa uGary E. Stevenson akufundisayo ngezikhiye zobuphristi.

    2:51

    Where Are the Keys?

IThempeli kanye neSu leNjabulo

Ithempeli liyindlu yeNkosi.

Amathempeli ayingxenye yesu likaBaba oseZulwini ngabantwana Bakhe. Emathempelini, senza izivumelwano ezingcwele Naye, siphiwe amandla obuphristi, sithole ukwembulelwa, senze izimiso zokhokho bethu abangasekho, bese siboshelwa emindenini yethu ingunaphakade. Konke lokhu kungenzeka ngenxa kaJesu Kristu nomnikelo wakhe ohlawulayo.

Ungabasiza kanjani abantwana obafundisayo ukubona ubungcwele bendlu yeNkosi bese bezilungiselela ukuze bafaneleke ukubamba iqhaza ezimisweni zethempeli na? Cabanga ukubuyekeza lezi zinsiza: IMfundiso neziVumelwano 97:15–17; Russell M. Nelson, “Amazwi Okuvala,” Liyahona, ngoNovemba. 2019, 120–22; “Kungani Abangcwele Bezinsuku Zokugcina Bakha Amathempeli,” temples.ChurchofJesusChrist.org.

intsha ngaphandle kwethempeli

Amathempeli ayingxenye yesu likaBaba oseZulwini ngabantwana Bakhe.

Imisebenzi Engenziwa

  • Veza isithombe esisodwa noma eziningi zethempeli. Buza abantwana ukuthi yini eyenza ithempeli libe yindawo ekhethekileyo. Phawula ukuthi ethempeleni ngalinye kukhona lombhalo: “Ubungcwele kwiNkosi—Indlu yeNkosi.” Buza abantwana ukuthi bacabanga ukuthi “Ubungcwele kwiNkosi” kungase kusho ukuthini. Kungani ithempeli libizwa ngendlu yeNkosi na? Kusifundisani lokhu ngethempeli na? Uma kukhona abantwana abake baya ethempelini, nabo bangabelana ngokuthi bazizwa kanjani ngesikhathi belapho. Uma uke waya ethempelini, abelana ngokuthi wabuzwa kanjani ubukhona beNkosi khona, bese uxoxa ngokuthi kungani ithempeli liyindawo engcwele kuwe.

  • Fundani ndawonye IMfundiso neziVumelwano 97:15–17. Cela abantwana ukuba babheke lokho iNkosi ekulindele kulabo abangena endlini Yayo engcwele. Kungani sidinga ukufaneleka ukungena endlini yakhe na? Njengengxenye yalengxoxo, khuluma nabantwana mayelana nezimvume zokungena ethempelini kubandakanya nokuthi itholwa kanjani. Ungamema oyilungu lobuBhishobhi ukuba abelane nabo ukuthi injani ingxoxiswano yemvume yokungena ethempelini nemibuzo ebuzwa kuyo.

Ethempelini senza izivumelwano noNkulunkulu.

UMongameli uRussell M. Nelson wafundisa wathi, “UJesu Kristu uyasimema ukuba sithathe indlela yesivumelwano ebuyela ekhaya kubaZali bethu abaseZulwini futhi sibe kanye nalabo esibathandayo” (“Wozani, Ngilandeleni,” Liyahona, kaMeyi 2019, 91). Siza abantwana baqonde ukuthi indlela yesivumelwano ibandakanya umbhabhadiso, ukuqiniswa, nesipho kanye nokuboshwa kwasethempelini.

Imisebenzi Engenziwa

  • Cela abantwana ukuba bakusize ngokubuyekeza isivumelwano esisenza noNkulunkulu lapho sibhabhadiswa nesisivuselelayo uma sithatha isidlo esingcwele (bheka uMosiya 18:10; IMfundiso neziVumelwano 20:77, 79). Khombisa isithombe sethempeli bese uyachaza ukuthi uBaba oseZulwini unezibusiso eziningi Afuna ukusinika zona ethempelini.

  • Dweba isango eliholela endleleni. Buza abantwana ukuthi kungani becabanga ukuthi kuyasiza ukubakhona kwendlela yokuhamba. Fundani ndawonye ku 2 Nefi 31:17–20, lapho uNefi eqhathanisa isivumelwano sombhabhadiso nesango futhi esimema ukuba siqhubeke nokuhamba endleleni ngemva kombhabhadiso. Ziningi izivumelwano okufanele zenziwe emva kombhabhadiso, kubandakanya nezivumelwano ezenziwa ethempelini. Chaza ukuthi uMongameli uNelson lendlela uyibize “ngendlela yesivumelwano.”

Ethempelini singabhabhadiswa siqiniselwe okhokho bethu abangasekho.

Ivangeli likaJesu Kristu lenza ukuba bonke abantwana baNkulunkulu babuyele ukuyohlala Naye, noma befe bengalazi ivangeli. Ethempelini, singabhabhadiswa siqiniswe njengamalungu eBandla likaJesu Kristu esikhundleni sabo.

Imisebenzi Engenziwa

  • Xoxa ngesikhathi lapho kukhona owakwenzela into owawungeke ukwazi ukuzenzela yona wena. Mema abantwana ukuba babelane ngolwazi olufanayo. Chaza ngokuthi uma siya ethempelini, singathola izimiso ezingcwele ezinjengombhabhadiso wabanye asebafa. Sifana kanjani noJesu lapho senza umsebenzi wabafileyo na? Yini asenzele yona esingakwazi ukuzenzela khona?

  • Mema umuntu omusha oyedwa noma ngaphezulu asebebhabhadiselwe okhokho babo ukuba babelane ngasebedlule kukho. Babuze ukuthi bekunjani ethempelini. Bakhuthaze ukuba babelane ngokuthi bazizwe kanjani lapho benzela okhokho babo lomsebenzi.

  • Dweba isihlahla ebhodini, kubandakanya izimpande namagatsha. Cela abantwana ukuba bacabange ukuthi ufana kanjani umndeni nesihlahla. Lebula izimpande uthi Okhokho, lebula amaGatsha uthi Isizukulwane, bese ulebula isiqu sesihlahla uthi Wena. Fundani ndawonye lomusho osuselwa KwiMfundiso Nezivumelwano 128:18: “Ngokuba thina ngaphandle kwabo [okhokho bethu] ngeke senziwe sipheleliswe; noma bona ngaphandle kwethu ngeke benziwe bapheleliswe.” Buza imibuzo efana nale elandelayo: “Ngabe kungani sibadinga okhokho bethu na? Ngabe kungani okhokho bethu besidinga na? Basisize kanjani abazali bethu, ogogo nomkhulu, kanye nabanye okhokho na?” Mema abantwana ukuba bacinge okusele encwadini IMfundiso Nezivumelwano 128:18 ukuze bathole umusho ochaza ngokuthi singabasiza kanjani okhokho bethu.

  • Cabanga ngokusebenza nabazali bengane ngayinye ukuthola igama likakhokho odinga izimiso ethempelini (bona FamilySearch.org).