ImiBhalo eNgcwele
Moroni 2


Isahluko 2

UJesu wanika abafundi abangamaNefi abayishumi nambili amandla okunikeza isipho sikaMoya oyiNgcwele. Cishe ngonyaka weNkosi wama 401 kuya kowama 421.

1 Amazwi kaKristu, awakhuluma kuba fundi bakhe, abayishumi nambili ayebakhethile, ngesikhathi ebeka izandla zakhe kubo—

2 Futhi wababiza ngamagama, ethi: Niyobiza uBaba egameni lami, emkhulekweni onamandla; futhi emva kokuthi senikwenzile lokhu niyoba namandla okuthi lowo eniyombeka izandla, niyomnika uMoya oyiNgcwele; futhi niyowunika egameni lami, ngokuba benza kanjalo abaphostoli bami.

3 Manje uKristu wakhuluma lamazwi kubo ngesikhathi evela kubo okokuqala; futhi isixuku asiwezwanga, kepha abafundi bawezwa; futhi ngobuningi balabo abababeka izandla zabo, bawuthola uMoya oyiNgcwele.

Shicilela