UkuBekwa iZandla Bheka futhi isihloko esithi Gcoba, Ukugcotshwa; Isipho sikaMoya oNgcwele; Ukubusisa abagulayo; Ukwahlukaniselwa Yisenzo sokubeka izandla ekhanda lomuntu njengenxenye yesimiso sobuphristi. Izimiso eziningi zobuphristi zenziwa ngokubekwa kwezandla, njengokugcotshwa, izibusiso, ukusiza abagulayo, ukuqiniswa kobulungu beBandla, kanye nokunikwa koMoya oNgcwele. UMose wabeka izandla ekhanda likaJoshuwa, njengokuyala kweNkosi, Num. 27:18, 22–23 (Dut. 34:9). UJesu wabeka izandla kubantu abambalwa ababegula, wabaphulukisa, Marku 6:5 (Morm. 9:24). AbaPhostoli babeka izandla kwabayisikhombisa ababezobasiza, IzE. 6:5–6. UMoya oNgcwele wanikwa ngokubekwa kwezandla, IzE. 8:14–17. U-Ananiya wabeka izandla zakhe kuSawule futhi wabuyisela ukubona kwakhe, IzE. 9:12, 17–18. UPawulu wabeka izandla zakhe kuye futhi wamphulukisa, IzE. 28:8. UPawulu wafundisa imfundiso yombhabhadiso kanye nokubekwa kwezandla, Heb. 6:2. U-Alima wagcoba abaphristi kanye namagosa ngokubekwa kwezandla, Alima 6:1. UJesu wanika abafundi bakhe amandla okunika uMoya oNgcwele ngokubekwa kwezandla, 3 Nefi 18:36–37. Kulowo eniyobeka kuye izandla, niyomnika uMoya oNgcwele, Moro. 2:2. Amagosa kufanele abeke izandla zawo kubantwana ukuze bathole isibusiso, Mf&V 20:70. Bayothola uMoya oNgcwele ngokubekwa kwezandla, Mf&V 35:6 (Bha. Kho. 1:4). Amagosa ayobeka izandla kwabagulayo, Mf&V 42:44 (Mf&V 66:9). Abantwana kufanele bathole ukubekwa izandla emuva kombhabhadiso, Mf&V 68:27. Ubuphristi butholwa ngokubekwa kwezandla, Mf&V 84:6–16.