Hlonipha Bheka futhi isihloko esithi Ukuhlonipha; Yazisa Njengoba kuvame ukusetshenziswa emibhalweni engcwele, wukukhombisa ukwazisa futhi nokukhothamela umuntu noma into ethile. Yazisa uyihlo nonyoko, Eks. 20:12 (1 Nefi 17:55; Mosiya 13:20). Yazisa iNkosi ngempahla yakho, IzA. 3:9. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyomazisa lowo, Joh. 12:26. Abayeni kufanele bazise abafazi babo, â… Â Petru 3:7. Ngezindebe zabo bayayidumisa iNkosi, 2 Nefi 27:25 (Isaya 29:13). Angifune kuhlonishwa ngumhlaba, Alima 60:36. Udeveli wangivukela, ethi, Nginike udumo lwakho, okungamandla ami, Mf&V 29:36. Abathembekile bayothweswa udumo, Mf&V 75:5 (Mf&V 124:55). INkosi iyajabula ukuhlonipha labo abayisebenzelayo, Mf&V 76:5. Abakhethwa ngoba balangazelela ukuhlonishwa ngabantu, Mf&V 121:34–35. Sikholelwa ekuhlonipheni nasekusekelweni umthetho, Bha. Kho. 1:12 (Mf&V 134:6).