Inkazimulo yesilestiyali Bheka futhi isihloko esithi Amazinga ezinkazimulo; Ukuphakanyiswa; Ukuphila okuphakade Yizinga eliphezulu kunawo wonke emazingeni amathathu enkazimulo umuntu angalizuza emuva kwalempilo. Lapha abalungileyo bazohlala lapho kukhona khona uNkulunkulu uBaba neNdodana Yakhe uJesu Kristu. Inkazimulo yesilestiyali iyodwa, â… Â Kor. 15:40 (Mf&V 76:96). UPawulu wahlwithelwa ezulwini lesithathu, â…¡Â Kor. 12:2. Inkazimulo yesilestiyali yakhonjiswa ngombono, Mf&V 76:50–70. Uma abaNgcwele befisa indawo emhlabeni wesilestiyali, kufanele bazilungiselele, Mf&V 78:7. Lowo ongakwazi ukuhlonipha umthetho wombuso wesilestiyali ngeke akwazi ukubekezelela inkazimulo yesilestiyali, Mf&V 88:15–22. Enkazimulweni yesilestiyali kunamazulu noma amazinga amathathu; okufunekayo kuyashiwo ukuze umuntu azuze eliphekeme kunawo wonke, Mf&V 131:1–2. Abantwana abafa bengakafiki eminyakeni yokuziphendulela basindiswa embusweni wasezulwini isilestiyali, Mf&V 137:10.