Isikhundla, Umphathi-sikhundla Bheka futhi isihloko esithi Gcoba, Ukugcotshwa; Ubuphristi Yisikhundla esinegunya noma somsebenzi enhlanganweni ethile, ngokuvamile emibhalweni engcwele leligama lisetshenziswa ukusho isikhundla segunya lobuphristi; lingasho futhi okufanelwe kwenziwe okwabelwe isikhundla noma umuntu ophethe leso sikhundla. Amalungu onke awanazo izikhundla ezifanayo, Roma 12:4. Sazikhulisa izikhundla zethu eNkosini, Jakobe 1:19. UMelkisedeki wathola isikhundla sobuphristi obuphakeme, Alima 13:18. Isikhundla sokuthunywa kwezingelosi wukubizela abantu empendukweni, Moro. 7:31. Akukho muntu okufanele agcotshwelwe kunoma yisiphi isikhundla kulelibandla ngaphandle kwevoti lalelo bandla, Mf&V 20:65. Wonke umuntu makame esikhundleni sakhe, Mf&V 84:109. Kukhona omongameli, noma abaphathi zikhundla, ababekwa phakathi kwalabo abagcotshelwe ezikhundleni kulobu buphristi obubili, Mf&V 107:21. Imisebenzi yalabo abengamela izikhundla zemigwamanda yobuphristi iyachazwa, Mf&V 107:85–98. Wonke amadoda mawafunde umsebenzi wawo, futhi asebenze esikhundleni abekwe kuso, Mf&V 107:99–100. Sengininika abaphathi zikhundla zobuPhristi bami, Mf&V 124:123.