Impi Bheka futhi isihloko esithi Ukuthula Wudweshu lokulwa noma oluhlomile; wukulwa ngezikhali. INkosi iyayivumela impi kuphela njengesu logcina labaNgcwele Bayo lokuba bavikele imindeni yabo, impahla yabo, amalungelo abo, kanye nenkululeko yabo (Alima 43:9, 45–47). UMoroni wayefuna ukuvikela abantu bakhe, amalungelo akhe, izwe lakhe, kanye nenkolo yakhe, Alima 48:10–17. UJoseph Smith wathola isambulo kanye nesiphrofetho mayelana nempi, Mf&V 87. Lahlani impi futhi nimemezele umoya wokuthula, Mf&V 98:16, 34–46. Sikholelwa wukuthi bonke abantu abanacala ekuzivikeleni bona, abangani babo, nempahla, nomkhandlu ophetheyo, Mf&V 134:11. Sikholelwa ekuthobeleni, ekuhlonipheni, nasekusekeleni umthetho, Bha. Kho. 1:12.