Ububele Bheka futhi isihloko esithi Isihe; Onomusa, Umusa; Uthando Emibhalweni engcwele, ububele kusho “ukuhlupheka nomunye” ngempela. Kusho futhi ukukhombisa uzwelo, isihe, futhi nomusa komunye. INkosi yabiza abantu bayo ukuba bakhombise ububele, Zak. 7:8–10. UJesu waba nobubele, Math. 9:36 (Math. 20:34; Marku 1:41; Luka 7:13). UmSamariya othile waba nobubele kuye, Luka 10:33. Yibani nobubele omunye komunye, Ⅰ Petru 3:8. UKristu ugcwele ububele kubantwana babantu, Mosiya 15:9. Izibilini zami zigcwele ububele ngani, 3 Nefi 17:6. UJoseph Smith wakhulekela ububele beNkosi, Mf&V 121:3–5.