Benjamini, uyise kaMosiya Bheka futhi isihloko esithi Mosiya, indodana kaBenjamini Ngumphrofethi futhi nenkosi eNcwadini kaMormoni (Mosiya 1–6). Wabhekana nezinkinga ezinkulu ekuletheni uxolo ezweni, Omini 1:23–25 (Am. kaM. 1:12–18). Wafundisa amadodana akhe, Mosiya 1:1–8. Wanika indodana yakhe uMosiya umbuso, Mosiya 1:9–18. Abantu bakhe babuthana ukuzozwa inkulumo yakhe yokugcina, Mosiya 2:1–8. Wakhuluma nabantu bakhe, Mosiya 2:9–4:30. Abantu bakhe benza isivumelwano neNkosi, Mosiya 5–6.