Onomusa, Umusa Bheka futhi isihloko esithi Hlawula, Inhlawulo; Jesu Kristu; Thethelela; Ukulunga; Umusa Wumoya wobubele, ubumnene, kanye nokuthethelela. Umusa ungesinye sezimilo zikaNkulunkulu. UJesu Kristu usipha umusa ngomnikelo Wakhe wenhlawulo. INkosi inomusa kanye nobubele, Eks. 34:6 (Dut. 4:31). Umusa wakhe umi phakade, â… Â IziKr. 16:34. Okuhle nomusa kuyongilandela, AmaH. 23:6. Onomusa kwabampofu uyajabula, IzA. 14:21. Ngangifuna umusa hhayi umnikelo, Hos. 6:6. Babusisiwe abanomusa: ngokuba bayothola umusa, Math. 5:7 (3 Nefi 12:7). Maye kubazenzisi abakhokha okweshumi futhi bayeke okunzima komthetho, ukwahlulela, umusa, kanye nokholo, Math. 23:23. Yibani nomusa, njengoba noYihlo naye enomusa, Luka 6:36. Ngokomusa wakhe wasisindisa, hhayi ngokwemisebenzi yethu yokulunga, Thithu 3:5. Ubumnene bomusa weNkosi kukubo bonke, 1 Nefi 1:20. Umusa awumfuni ongaphendukile, Mosiya 2:38–39. UNkulunkulu unomusa kubo bonke abakholwa egameni lakhe, Alima 32:22. Umusa ungazenelisa izimfuno zokulunga, Alima 34:16. Ngabe nicabanga ukuthi umusa ungaphanga ukulunga na, Alima 42:25 (Alima 42:13–25). Abantwana abancane bayaphila kuKristu ngenxa yomusa wakhe, Moro. 8:19–20 (Mf&V 29:46). Ingalo yobubele kaJesu Kristu izihlawulele izono zenu, Mf&V 29:1. Ngenxa yamandla egazi engilichithile, ngibanxusele phambi kukaBaba labo abakholwa egameni lami, Mf&V 38:4. Labo abasigcinile isivumelwano bayothola umusa, Mf&V 54:6. Mina, iNkosi, ngiyazithethelela izono, futhi nginomhawu kulabo abavuma izono zabo ngezinhliziyo ezithobekileyo, Mf&V 61:2. Mina, iNkosi, ngitshengisa umusa kubo bonke abamnene, Mf&V 97:2. Futhi labo abakwemukelayo njengontwana, bemukela umbuso wami, ngokuba bayothola umusa, Mf&V 99:3. Umusa uyohamba phambi kobuso bakho, Mose 7:31.