Intshisekelo, Shisekelisa Bheka futhi isihloko esithi Isambulo; UMoya oNgcwele Wukuqondiswa okuvela kuNkulunkulu okunikwa umuntu nguNkulunkulu. Intshisekelo ivamise ukuza ngoMoya ngezindlela ezahlukene emqondweni noma enhliziyweni yomuntu. Emva komlilo kweza izwi elincane elipholile, â… Â AmaKh. 19:12. UMoya oNgcwele uyonifundisa konke futhi unikhumbuze konke, Joh. 14:26. UMoya weqiniso uzoniholela kulo lonke iqiniso, Joh. 16:13. Ngangiholwa nguMoya, ngingazi ngaphambili izinto okufanele ngizenze, 1 Nefi 4:6. Izwi leNkosi leza engqondweni yami, Enoshe 1:10. Konke okukumema futhi okukuyenga ukuba wenze okuhle kushisekeliswe nguNkulunkulu, Moro. 7:13–16. Angikunikanga induduzo enqondweni yakho na, Mf&V 6:23. Ngiyokutshela engqondweni nasenhliziyweni yakho, Mf&V 8:2. UMoya wami uyokhanyisela ingqondo yakho, okuyogcwalisa umoya wakho ngenjabulo, Mf&V 11:13. Uyonikwa ngaso lesosikhathi ozokukhuluma nozokubhala, Mf&V 24:6 (Mf&V 84:85). Izwi lelincane elithule elinyenyeza phakathi futhi lihlabe zonke izinto, Mf&V 85:6.