UmDuduzi
Imibhalo engcwele ikhuluma ngabaDuduzi ababili. Owokuqala nguMoya oNgcwele (Joh. 14:26–27; Moro. 8:26; Mf&V 21:9; 42:17; 90:11). UmDuduzi wesiBili yiNkosi uJesu Kristu (Joh. 14:18, 21, 23). Uma umuntu othile ethola umDuduzi wesiBili, uJesu Kristu uzovela kuye izikhathi ngezikhathi, uzokwembula uBaba, futhi uzomufundisa ubuso nobuso (Mf&V 130:3).