Isono Bheka futhi isihloko esithi Enza icala; Isinengiso, Okunengekile; Okhohlakeleyo, Ukukhohlakala; Okungcolile, Ukungcola; Omubi; Ongalungile, Ukungalungi; Ukuvukela Wukungahloniphi ngamabomu imiyalelo kaNkulunkulu. Ofihla izono zakhe akayikuphumelela, IzA. 28:13. Nakuba izono zenu zibomvu, ziyoba mhlophe njengeqhwa, Isaya 1:18. Izoni ziyokufa, abangcwele bayosindiswa, Hez. 18. IMvana kaNkulunkulu isusa izono zomhlaba, Joh. 1:29. Bhabhadiswa, uhlambulule izono zakho, IzE. 22:16. Inkokhelo yesono ngukufa, Roma 6:23. Kulowo owazi ukwenza okuhle, angakwenzi, kuye kuyisono, Jak. 4:17. Ungangenza ngithuthumele uma kuvela isono na? 2 Nefi 4:31. Maye kubo bonke labo abafela ezonweni zabo, 2 Nefi 9:38. Babengakwazi ukusibuka isono ngaphandle kokusenyanya, Alima 13:12. Ungacabangi ukuthi uzobuyiselwa kusuka esonweni kuya enjabulweni, Alima 41:9–10. INkosi ngeke yasibuka isono ngokusivumela nakancane, Alima 45:16 (Mf&V 1:31). Abantwana abancane abakwazi ukwenza isono, Moro. 8:8. Ukuze baphenduke, abantu kufanele bazivume futhi bazishiye izono zabo, Mf&V 58:42–43. Isono esikhudlwana sisele kulowo ongathetheleli, Mf&V 64:9. Lowo owona enolwazi olukhudlwana uyobekwa icala kakhudlwana, Mf&V 82:3. Kulowo muntu owonayo izono zakuqala ziyobuya, Mf&V 82:7. Uma sizama ukufihla izono zethu, amazulu ayaziqhelisa, Mf&V 121:37.